Ukubuka Okwezwe
Inhlolo-vó ethile ithi eBrazil, abesilisa abangaba amaphesenti angu-10,3 abaneminyaka engu-15 kuya kwengu-64, baye balala okungenani nomuntu oyedwa abahlangane naye kuyi-Internet phakathi nezinyanga ezingu-12 ezidlule.—UMNYANGO WEZEMPILO WASEBRAZIL.
Sekuyisikhathi eside i-Arctic Ocean imbozwe izingqimba zeqhwa eziwugqinsi olungaba amamitha angu-80. Manje “leli qhwa elithathe iminyaka eminingi linqwabelana . . . cishe selincibilike ngokuphelele, okuyisenzakalo esimangalisayo esiyokwenza kube lula ukuvula imizila yemikhumbi ehamba ngasenyakatho.”—I-REUTERS NEWS SERVICE, ECANADA.
Imikhandlu yaseMoscow nowaseVatican imemezele ukuthi izoqala izingxoxo zokubonisana.—I-RIA NOVOSTI, ERUSSIA.
Entabeni iKilimanjaro, ephakeme kunazo zonke e-Afrika, “kuncibilike amaphesenti angu-26 eqhwa phakathi kuka-2000 no-2007.”—I-DAILY NATION, EKENYA.
Bayazidla Kodwa Bacindezelekile
I-Daily Telegraph yaseLondon ibika ukuthi abacwaningi bathi elaseBrithani “liwumphakathi ozidla kakhulu kunayo yonke emhlabeni, linabantu abazazisa ngaphezu kwabanye abantu.” Olunye ucwaningo lwathola ukuthi abaseBrithani banezinga eliphakeme kakhulu lokucindezeleka nokukhathazeka. Abanye ochwepheshe bakholelwa ukuthi kukhona ukuhlobana kulokhu. Ucwaningo lwaqhathanisa imiphakathi enjengaleyo etholakala emazweni aseNtshonalanga nemiphakathi yaseChina naseTaiwan. Kula mazwe abalwe kamuva, ukwazisa kakhulu ubunye emphakathini kunokuzidla kubonakala kuvikela abantu ekubeni nezinkinga zempilo yengqondo. ENtshonalanga, “umphakathi onobugovu . . . usenza sicindezeleke,” kusho i-Telegraph.
Imishado Yabantu Bobulili Obufanayo Esontweni LaseSweden
Ngo-October 2009, iSonto LaseLuthela eSweden lavuma ukuba ongqingili bashadele esontweni. Lesi sinqumo senziwa ngemva kokuvuma kwephalamende laseSweden ukwamukela umthetho ongacwasi kwezomshado ezinyangeni ezimbalwa nje ngaphambi kwalokho. Iphephandaba i-Dagens Nyheter lithi: “Lokhu kusho ukuthi iSonto LaseSweden lingelinye lamasonto okuqala amakhulu emhlabeni ukugudluka embonweni ongokwesiko obheka umshado njengobuhlobo phakathi kowesilisa nowesifazane.”
Izinsana Zikhala Ngaluphi Ulimi?
Kusukela nje ngosuku lwesibili ziphila, izinsana zikhala ngolimi eziluncele kunina, ngokusho kwabacwaningi baseWürzburg University, eJalimane. Laba bacwaningi baqopha umsindo wokukhala kwezinsana ezingu-30 ezingamaFulentshi nezingu-30 ezingamaJalimane, behlaziya ukuphakama nokushintshashintsha kwawo. Izinsana ezingamaFulentshi ngokuvamile zaziqala ngephimbo eliphansi eliya ngokuya liphakama, kanti ezingamaJalimane zaziqala ngeliphakeme bese liyehla. Kuzo zombili izimo izinsana zazilingisa indlela evamile yokukhuluma kwabazali. Ngenxa yalokho, kunenkolelo yokuthi ukwazi ulimi kuqala esibelethweni futhi usana luqala ukukhuluma ulimi lwakubo lapho luqala nje ukukhala.