Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/10 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izwi Elizwakala Buthule
    I-Phaphama!—2008
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2009
  • Ukukhipha Isisu—Ingabe Kuyikhambi?
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 9/10 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Izibusiso Ezidlula Ingcebo (March 2009) Lesi sihloko sacaphuna uKostas, owathi: “UNkulunkulu akafuni siphile ukuphila kokuzitika.” Bengicabanga ukuthi uJehova akawubeki umngcele wokuthi inceku yakhe inokuningi noma okuncane kangakanani, inqobo nje uma Yena ebekwa phambili. Ingabe akulungile ukuphila ukuphila kokuzitika kuyilapho sikhonza uJehova ngokwethembeka?

J. D., United States

I-“Phaphama!” iyaphendula: IBhayibheli aliyigxeki ingcebo. Empeleni, izinceku zikaNkulunkulu eziningi esikhathini esidlule zazicebile. (Genesise 25:5; 26:12-16; Jobe 1:1-3) Nokho, abacebile benza kahle ukhumbula ukuthi ‘ukuzigabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho akuveli kuBaba kodwa kuvela ezweni.’ (1 Johane 2:16) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu wathi: “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.” Waphawula ukuthi ngokudela izinto ezingokomoya ngoba befisa ukuceba, “abanye baye baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:10) Yiqiniso, iZwi likaNkulunkulu alibonisi ukuthi labo abacebile kufanele bazizwe benecala ngokuthi banokuningi kunabanye. AmaKristu akhuthazwa ukuba ‘abe nesandla esivulekile, alungele ukwabelana izinto nabanye,’ kungakhathaliseki ukuthi anezinto ezibonakalayo ezincane noma eziningi kangakanani.—1 Thimothewu 6:18.

Izwi Elizwakala Buthule (October 2008) Sangikhuthaza kakhulu lesi sihloko esikhuluma ngoHillary, onesifo okuthiwa i-Rett. Umzukulu wami oneminyaka emihlanu uyimpumputhe, uyisithulu, uyisishosha, uyisimungulu, futhi akakwazi nokuhlala. Nginethemba lokuthi uma ngicula, ngifunda, ngikhuluma noma ngimphulula, kukhona okwenzekayo engqondweni yakhe. Ngakhala izinyembezi lapho ngifunda la mazwi kanina kaHillary: “Nakuba ngingakuzwa lokho akushoyo, uJehova uyakuzwa.” Angisiza ngabona ukuthi nakuba umzukulu wami engakwazi ukukhuluma, uJehova uyalizwa izwi elisenhliziyweni yakhe.

M. A., Japan

Indodakazi yami ineminyaka engu-43 ubudala, kodwa lesi yisihloko sokuqala engisifundile esisichaza kahle isifo enaso nezizathu zokukhubazeka kwayo. Ngiyamzwela kakhulu uHillary nonina nodadewabo. Nakuba siqhele ngezinkulungwane zamakhilomitha kubo, ngiyasazi isimo ababhekene naso, futhi ngiyasazisa kakhulu isibonelo sabo sokholo, uthando nokukhuthazela.

T. Y., Ghana

Ukukhipha Isisu—Akulona Ikhambi Elingenazinkinga (June 2009) Ngiyanibonga ngochungechunge lwezihloko zenu ezikhuluma ngokukhipha isisu. Lapho ngisanda kweva eminyakeni engu-20, ngakhetha ukukhipha isisu, okuyisenzo engizisola kakhulu ngaso. Ukube bengingalazi iqiniso njengamanje, ngabe anginalo ithemba. Ngiyabonga kakhulu ngokuthi nginethemba futhi ngiyayazi intethelelo kaJehova.

Igama ligodliwe, United States

Intsha Iyabuza . . . Ngingabhekana Kanjani Nokufelwa Umzali? (August 2009) Ngineminyaka engu-22 kuphela, futhi ukushona kukababa kwashesha futhi kwangizuma kangangokuba ngakhungatheka ngokuphelele. Njengoba kwasho isihloko, ngizokukhumbula ukuhlanganyela naye izikhathi ezibalulekile ekuphileni kwami. Ngemva kweminyaka emithathu, ngisakuthola kunzima ukuqhubeka nokuphila kwami. Nakuba kunjalo, lesi sihloko sangiduduza kakhulu. Ukusikisela okunikezwayo kokusisiza ukuba sibhekane nesimo, nakuba kwakunzima ukukusebenzisa, kwaba impumelelo. Ngiyanibonga ngomsebenzi omuhle eniwenzayo.

N. P., France

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela