Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 11/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Ukukhipha Isisu​—Akulona Ikhambi Elingenazinkinga
    I-Phaphama!—2009
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe Lezinkolo Zinayo Impendulo?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 11/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukukhishwa Kwezisu Uchungechunge lwezihloko zenu ezithi “Ukukhishwa Kwezisu—Ukwenziwa Nokuqedwa Kokuphila” (May 22, 1993) lwangibangela izinyembezi nobuhlungu enhliziyweni. Ukube ngafunda lokhu kwaziswa eminyakeni eyisishiyagalombili edlule, ngangingeke ngisikhiphe isisu. Kwangithatha cishe iminyaka eyisikhombisa ukuvuma lesisono kumyeni wami, owayeyoba ubaba. Ngithemba ukuthi noma ubani ocabangela ukukhipha isisu uyofunda lezihloko futhi aqaphele ukuthi ukuphila kuyigugu futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu.

G. D., United States

Ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi safunda ngokukhishwa kwezisu esikoleni. Nokho, ngandlela-thile bengingabuqapheli ubuhlungu obuzwiwa umntwana. Njengoba ngifunda lomagazini, ngathukuthela ngagana unwabu, kuhlanganise nezinyembezi engahluleka ukuzibamba. Abantu bangakuthatha kanjani kalula kangaka ukuphila okuyigugu uJehova akunikeza ngomusa?

N. K., Japan

Ngaya nalomagazini esikoleni, futhi okwangimangaza kakhulu ukuthi abafundi bawuthanda! Wathinta izinhliziyo zezingane engifunda nazo ekilasini kangangokuthi enye yazo yahluleka ukuzibamba futhi yakhala. Ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambi kwalokho, yayikhiphé isisu.

L. S., United States

Izindiza Ezinophephela Emhlane Isihloko senu esithi “Umklamo Wasemoyeni Owusizo Ngokuphawulekayo” (March 8, 1993) sangithakazelisa ngokukhethekile. Njengomhloli wokulondeka kwezindiza we-Federal Aviation Administration nomqeqeshi wabashayeli bezindiza, ngiyabona ukuthi lesihloko siveza ukuqikekela okungaphezu kokuvamile ekunembeni. Ngayazisa kakhulu indlela lendaba eyethulwa kalula ngayo.

J. R., United States

Ukwehlisa Isisindo Ngasifunda isihloko esithi “Uma Ngakwazi Ukwehlisa Isisindo, Noma Ubani Angakwazi!” (January 22, 1993), futhi nakuba ngijabula kakhulu ngokuthi umlobi uyaphumelela empini yakhe ngokumelene nesisindo sakhe, ngisola sengathi lesihloko sizokwenza abaningi bacabange ukuthi abantu abakhuluphele bamane nje badinga ukuzithiba nokunciphisa ukudla. Inkinga yami ihilela okungaphezu kwalokho okungaxazululwa ukudla “[ama-kilojoule angu-5 000 kuya kwangu-6 300] ngosuku.” Ngiyaphoqeleka ukuba ngidle, kuyisidakamizwa. Ngisanda kuqonda muva nje ukuthi njengengane ekhulile yomlutha wotshwala, bengilokhu ngizama ukwanelisa isifiso sokuthandwa nesokuzethemba. Ngakho-ke ukunciphisa ukudla ngengalo eqinile akulona ikhambi elilula lalenkinga eyinkimbinkimbi.

R. S., United States

Siyakwazisa lokukhulumela okungagudl’ iguma. Nokho, lesihloko ngokuyinhloko sasikhuluma ngabantu abanemikhuba yokudla engemihle, hhayi labo ababhekene nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla okungathi sína. Laba okugcinwe ngabo bangase badinge usizo lobuchwepheshe ukuze banqobe ubunzima babo. Ukwaziswa okuwusizo okuphathelene nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla kwanyatheliswa kumagazini wethu ka-February 22, 1992.—ED.

Lesihloko sasinjengokuhlaziywa komlando wami wemikhuba emibi yokudla. Lokusikisela kwakuwusizo kakhulu, futhi sengiyakusebenzisa. Ngiyabonga kakhulu ngalesihloko!

S. P., Brazil

Lesihloko sangifundisa indlela yokulinganisela imikhuba yami yokudla ngendlela enempilo. Lokhu kwakuyilokho kanye engangikudinga. Ngiyabonga!

S. G., United States

Amahhashi Isihloko esithi “Amahhashi Ayewukuphila Kwami” sangishukumisa. (May 22, 1993) Ngaphambi kokuba ngibe umKristu, nganikela cishe sonke isikhathi sami esiseceleni ekugibeleni nokunakekela amahhashi. Nokho, ngemva kokutadisha iBhayibheli, ngawuyeka lomsebenzi wami wokuzilibazisa obizayo futhi ngaqalisa umsebenzi wokushumayela wesikhathi esigcwele. Ngisho nakuba kunjalo, ngisawathanda amahhashi. Lesihloko sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi abanye baye babhekana nemizwa efanayo.

G. V., Germany

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela