Ukudla Okushisayo Okuphekwa Ekhaya Kuyiswe Ehhovisi—Ngendlela YaseMumbai
NSUKU zonke, uvuka ekuseni ngehora lesihlanu uye emsebenzini. Ngesikhathi sokudla kwasemini ungathanda ukudla ukudla kwasekhaya okunongwe ngendlela oyithandayo. Ezinkulungwaneni zabantu abasebenza eMumbai, eNdiya, lokhu akulona nje iphupho, ngenxa yenkonzo yama-dabbawala athutha ukudla okuphekwe ekhaya.a
Wabona Ithuba
Ngasekupheleni kwekhulu le-19, iMumbai, ngaleso sikhathi eyayibizwa ngeBombay, yayiyindawo echumayo kwezentengiselwano inabahwebi baseBrithani nabaseNdiya ababehamba amabanga amade lapho beya emahhovisi abo. Zazimbalwa izinto zokuthutha, nezindawo zokudla zimbalwa futhi ziqhelelene. Ukudla kwasemini okuphekwe ekhaya kwakuyinto efiseleka kakhulu, ngakho kwakuqashwa izisebenzi ziyokulanda zikuyise ehhovisi lomqashi. Ebona ithuba lokuvula leli bhizinisi, usomabhizinisi owayebona ukuthi lizochuma ngokuhamba kwesikhathi waqasha intsha emizini eseduze naleli dolobha futhi waqala ukuthutha ukudla ekususa emakhaya ekuyisa emahhovisi. Kusukela kuleso siqalo esiphansi, kwavumbuka ibhizinisi elichumayo.
Isifiso sokuthola ukudla okuphekwe ekhaya asikapheli. Kuyavunywa ukuthi seziziningi izitolo zokudlela manje, kodwa ukudla okuphekwe ekhaya kusashibhile futhi kusathandwa kakhulu. Ngaphezu kwalokho, abantu abaningi banezinkinga zempilo futhi kudingeka badle uhlobo olukhethekile lokudla. Abanye banezinkolelo ezibenza badle uhlobo oluthile lokudla kuphela. Ngokwesibonelo, abanye abantu abawudli u-anyanisi kanti abanye abawuthandi ugaliki. Okunye kwalezi zinto kuyafakwa ekudleni okutholakala ezindaweni zokudlela, ngakho ukudla okuphekwe ekhaya akunazo izinkinga eziphathelene nokukhetha ukudla.
Inkonzo Ethenjwa Kakhulu
Luncane kakhulu ushintsho olwenziwe kule ndlela yokuthutha ukudla, ngaphandle nje kokukhula kwebhizinisi. Namuhla, amadoda angaphezu kuka-5 000, kuhlanganise nabesifazane abambalwa, bathutha ukudla okuphekwe ekhaya kwabantu abangaphezu kuka-200 000 ngosuku, bakuyise emahhovisi athe chithi saka kuleli dolobha eliminyene elinabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-20. Ukuze ahlanganise indawo engaba amakhilomitha angu-60 ububanzi, amanye ama-dabbawala ahamba ngezinyawo—mhlawumbe ephethe amabhakejana angaba ngu-30 noma 40 ngenqola edonswa ngezandla—kuyilapho amanye esebenzisa amabhayisikili noma izitimela. Kunoma ikuphi, ukudla kufinyelela kumuntu ofanele ngesikhathi esifanele. Empeleni kuthiwa amaphutha angenzeka mancane kangangokuba lingenzeka kumuntu oyedwa kuphela kubantu abayizigidi ezingu-6 abathuthelwayo! Akwazi kanjani ukucophelela ngale ndlela?
Ngo-1956 ama-dabbawala abhaliswa ngokusemthethweni njengenhlangano ewusizo futhi enesigungu esiphakeme nezinye izikhulu. Amaqembu ezisebenzi anabaqondisi asebenza ngokuzimela. Kodwa bonke babambisene futhi bangabanikazi bale nhlangano—kanti bathi yikho lokhu okwenza umsebenzi wabo uphumelele. Empeleni akukaze kube nesiteleka selokhu waqala lo msebenzi eminyakeni eyikhulu edlule.
Ama-dabbawala aphatha ikhadi lokuzazisa futhi abonakala kalula ngenxa yokuthi agqoka amahembe amhlophe, amabhulukwe amakhulu kanye nezigqoko ezimhlophe. Uma engazifakile izigqoko, afike sekwephuzile noma engezanga emsebenzini futhi kwangaba nesizathu esizwakalayo, noma ebanjwe ephuza utshwala emsebenzini angase ahlawuliswe.
Indlela Asebenza Ngayo Nsuku Zonke
Ngo-8:30 ekuseni, othile emzini wekhasimende, mhlawumbe inkosikazi usuke esekulungisile ukudla kwasemini wakufaka esitsheni okuphathwa ngaso—okuthiwa i-dabba. Ama-dabba anezitshana eziningana ezibekwa esinye phezu kwesinye bese zibanjwa ngensimbi. I-dabbawala lihambe liqoqa izitsha endaweni ethile, lizilayishe ebhayisikilini noma enqoleni bese lishesha liya esiteshini sesitimela lapho liyohlangana khona nabanye abaseqenjini lalo. Lapho-ke afike awahlukanise kahle la mabhakejana ngokwezindawo aya kuzo, njengabantu baseposini uma behlukanisa iposi.
Ibhakejana ngalinye linesiqalo segama nenombolo enombala okubonisa indawo lapho lisuka khona, isiteshi sesitimela esiseduze eliya kuso, igama lesakhiwo nenombolo yesitezi. Amabhakejana aya endaweni eyodwa ayahlanganiswa abese efakwa ezinhlakeni zokhuni ezinde ezithwala amabhakejana angaba ngu-48. Lapho isitimela sifika, la mabhakejana afakwa egunjini elikhethekile eduze nendawo yomshayeli. Uma isitimela sifika esiteshini esikhulu, la mabhakejana aphinde ahlukaniswe kahle abese eyiswa esiteshini esifanele. Nalapho futhi ayahlukaniswa abese ethunyelwa kubaniniwo ngebhayisikili noma ngenqola edonswa ngesandla.
Akukhona ukuthi lezi zindlela zokuthutha ziyaphumela nje kuphela kodwa futhi zishibhile. Ngaphezu kwalokho, ama-dabbawala awabambeki esiminyaminyeni sezimoto, ngoba ahamba ngebhayisikili eceleni komgwaqo noma phakathi kwezimoto. Ngenxa yalokho, ukudla kufika ehhovisi elifanele ngo-12:30 emini. Phakathi kuka-1:15 no-2:00 ntambama, ngemva kokuba i-dabbawala selidlile, libe seliwaqoqa la mabhakejana angasenalutho, liwabuyisele emizini yabaniniwo, lapho ezohlanzwa khona ukuze alungele usuku olulandelayo. Kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni, lo msebenzi uyashesha futhi uphumelela kahle, kuhle kwabantu abanikezelana izitini zokwakha!
Inkonzo Ephansi, Kodwa Eyaziswa Kakhulu
Umlando omuhle wama-dabbawala uye waphawuleka. Ezinye izinhlangano ziye zacwaninga inqubo yawo yokuthutha ukudla, ukuze zisebenzise ezikufundile kweminye imikhakha yezebhizinisi. Kuye kwenziwa izinhlelo zethelevishini ezikhuluma ngama-dabbawala. I-Forbes Global Magazine yawaklomelisa ngesitifiketi okuthiwa i-Six Sigma ngenxa yomlando wawo ongenaphutha. Aye afakwa kuyi-Guinness Book of World Records nasezifundweni zocwaningo eHarvard Business School e-United States. Ama-dabbawala aseke avakashelwa ngisho nayizikhulu, kuhlanganise nelungu lomndeni wasebukhosini baseBrithani elahlabeka umxhwele ngomsebenzi wawo kangangokuba lamema athile emshadweni walo eNgilandi.
Namuhla ama-dabbawala asebenzisa ama-computer kanye nomakhalekhukhwini ukuze athathe ama-oda futhi agcine nemininingwane. Kodwa indlela yawo yokuthutha ayikashintshi. Lapho sekusondela isikhathi sokudla kwasemini, izisebenzi eziningi ezilambile zasemahhovisi aseMumbai ziyaqinisekiswa ukuthi ukudla okufudumele okuphekwe ekhaya sekuzofika—futhi kuzofika ngesikhathi!
[Umbhalo waphansi]
a Elithi dabba lisho “isitsha”; elithi wala libhekisela kumuntu owenza inkonzo yokuthutha ukudla. Indlela abhalwa ngayo la magama iyahlukahluka.
[Isithombe ekhasini 11]
Ukulayishwa kwama-“dabba” esitimeleni ukuze ahanjiswe
[Isithombe ekhasini 11]
I-“dabba” linezitshana eziningana ezibekwa esinye phezu kwesinye ukuze kube lula ukuwaphatha nokuwathutha
[Isithombe ekhasini 12]
Amabhizinisi amaningi asefunde indlela yokuthutha ephumelelayo yama-“dabbawala”