ISIFUNDO 27
Ukukhuluma Ngamazwi Akho
KUNGENZEKA ukuthi usebenze kanzima ulungiselela inkulumo yakho. Ungase ube nendaba ezuzisayo. Ingase ibe nengqondo. Ungase ukwazi ukuyibeka ngokuqephuza. Kodwa uma isithakazelo sezilaleli zakho sihlukene phakathi—zilalela amanqampunqampu alokho okushoyo ngoba izingqondo zazo zilokhu zizula—izuzisa kangakanani inkulumo yakho? Uma zinobunzima bokulalelisisa inkulumo yakho, ungakwazi yini ukufinyelela izinhliziyo zazo?
Ingaba kuphi inkinga? Ziningi izici ezingaba nomthelela. Ngokuvamile, kusuke kuwukwehluleka ukubeka inkulumo ungayifundi phansi. Ngamanye amazwi, isikhulumi sisuke silubheka kaningi uhlaka lwaso, noma indlela yaso yokukhuluma isuke ingakhululekile. Nokho, lezi zinkinga zihlobene ngokuqondile nendlela inkulumo elungiselelwa ngayo.
Uma uqala ngokuyibhala phansi inkulumo yakho bese uyiguqula ibe uhlaka, uyokuthola kunzima ukuyinikeza ngamazwi akho. Ngani? Ngenxa yokuthi unamagama aqondile owakhethile ohlela ukuwasebenzisa. Ngisho noma usebenzisa uhlaka enkulumweni yakho, uyozama ukucabanga amagama obuwasebenzise ekuqaleni lapho usayibhala. Uma indaba ibhalwe phansi, ulimi lulandela kakhulu imithetho futhi ukwakheka kwemisho kuba yinkimbinkimbi kunasenkulumweni yansuku zonke. Kuyozwakala lokhu enkulumweni yakho.
Kunokuba uyibhale phansi ngokuningiliziwe yonke inkulumo, zama lokhu okulandelayo: (1) Khetha isihloko namaphuzu ayinhloko ozothuthukisa ngawo leso sihloko. Uma inkulumo imfushane, amaphuzu amabili ayinhloko angase anele. Inkulumo ende ingase ibe namaphuzu amane noma amahlanu. (2) Ngaphansi kwephuzu eliyinhloko, bhala imibhalo esemqoka ohlela ukuyisebenzisa ekulikhanyiseni; bhala umfanekiso namaphuzu ayisihluthulelo awuchazayo. (3) Cabanga ukuthi uyoyethula kanjani inkulumo. Ungabhala nomusho owodwa noma emibili. Hlela nesiphetho sakho.
Ukulungiselela ukubeka inkulumo kubaluleke kakhulu. Kodwa ungayibukezi ngokufunda igama negama ngenjongo yokuyibamba ngekhanda. Uma uzokhuluma ngamazwi akho, kufanele ungagxili emagameni lapho ulungiselela, kodwa ugxile emaphuzwini okumelwe avele. Bukeza amaphuzu kuze kube yilapho eselandelana kahle engqondweni yakho. Uma inkulumo yakho yenziwe ngendlela enengqondo futhi ihlelwe kahle, kumelwe kungabi nzima ukwenza lokhu, futhi ngesikhathi usukhuluma, amaphuzu ayozifikela kalula.
Cabanga Ngezinzuzo. Isici esibalulekile ngenkulumo oyibeka ungafundi phansi siwukuthi uyobe ukhuluma ngokuzithoba, okuyimfanelo ebadonsa kakhulu abantu. Inkulumo yakho iyophila futhi izithakazelise kakhulu izilaleli zakho.
Le ndlela yokukhuluma ikunikeza ithuba lokuba uzibheke kahle izilaleli, okuyinto ethuthukisa ukuxhumana kwakho nazo. Njengoba ungancikile kokubhaliwe ukuze ufunde yonke imisho, izilaleli zakho ziyoba nomuzwa wokuthi uyazi kahle indaba yakho nokuthi ukukholelwa ngobuqotho okushoyo. Ngakho, le ndlela yokukhuluma yenza inkulumo ifudumale, ibe sangxoxo futhi ifinyelele izinhliziyo zezilaleli.
Inkulumo oyibeka ngamazwi akho yenza kube lula futhi ukushintshashintsha. Indaba ayibi inkiyankiya uze ungakwazi ukuyishintsha. Ake sithi ekuseni mhla uzobeka inkulumo kuba nombiko wezindaba ohlobana ngokuqondile nendaba yakho. Ngeke yini kwafaneleka ukukhuluma ngawo? Noma mhlawumbe lapho unikeza inkulumo, uphawula ukuthi kunezingane eziningi ezisafunda. Yeka ukuthi kungaba kuhle kanjani ukushintsha imifanekiso nendlela esebenza ngayo ngenjongo yokuzisiza ziqonde indlela indaba ethinta ngayo ukuphila kwazo!
Okunye okuhle ngokubeka inkulumo ngamazwi akho ukuthi kushukumisa ingqondo yakho. Uma unezilaleli ezinokwazisa nezisabela kahle, nawe ngokwakho uba nomdlanda bese uchaza amaphuzu noma uwaphindaphinde ngenjongo yokugcizelela. Uma uphawula ukuthi siyancipha isithakazelo sezilaleli zakho, thatha izinyathelo zokunqoba le nkinga kunokumane ukhulume nabantu abangqondo zabo zikwenye indawo.
Gwema Izingozi. Kumelwe wazi ukuthi inkulumo oyibeka ngamazwi akho ingaba nazo izingozi. Enye yazo ukudla isikhathi. Uma ufakela amaphuzu amaningi ozicabangele wona phakathi nenkulumo, ungase ube nenkinga yesikhathi. Ungakugwema lokhu ngokubhala ohlakeni lwakho isikhathi okumelwe usisebenzise engxenyeni ngayinye yenkulumo. Yibe usunamathela kuso.
Enye ingozi, ikakhulukazi ezikhulumini ezinokuhlangenwe nakho, ukuzethemba ngokweqile. Ngenxa yokujwayela ukukhuluma eningini, ezinye zikuthola kungenzima ukunezela amaphuzu athile zigcwalise isikhathi esabiwe. Kodwa ukuthobeka nokuqaphela ukuthi sihlanganyela esimisweni semfundo uJehova ngokwakhe anguMfundisi Omkhulu kuso, kufanele kusishukumisele ukuba sisingathe isabelo ngasinye ngobuqotho nangokomthandazo futhi silungiselele kahle.—Isaya 30:20; Roma 12:6-8.
Kule ndaba yokubeka inkulumo ungayifundi phansi, mhlawumbe izikhulumi eziseyizimfundamakhwela zingase zikhathazwe ukuthi zingakukhohlwa lokho ebezihlose ukukusho. Ungakuvumeli lokhu kukuvimbe ekuthatheni lesi sinyathelo esibonisa inqubekela phambili ekukhulumeni ngendlela ephumelelayo. Lungiselela kahle, futhi ubheke kuJehova ukuze akusize ngomoya wakhe.—Joh. 14:26.
Ezinye izikhulumi zivumela ukukhathazeka ngokweqile ngamagama kuzenze zingawenzi umzamo. Yiqiniso, inkulumo ebekwa ngamazwi akho ingase ingabi namagama akhethiwe nohlelo lolimi olunembile njengenkulumo efundwayo, kodwa indlela yokukhuluma esangxoxo iyokugqiba konke lokho. Abantu basheshe basabele endabeni ebekwa ngamagama abasheshe bawaqonde nemisho engeyona inkimbinkimbi. Uma ulungiselela kahle, amagama afanele ayozifikela nje, hhayi ngoba uwabambe ngekhanda, kodwa ngoba uye wawabukeza ngokwanele amaphuzu. Futhi uma usebenzisa inkulumo enhle nsuku zonke, kuyoba lula ukukhuluma kanjalo lapho usendaweni yesikhulumi.
Uhlobo Lohlaka Ongalusebenzisa. Ngokuhamba kwesikhathi nangokujwayela, ungase ukwazi ukunciphisa uhlaka lwakho, iphuzu ngalinye lenkulumo yakho ulibeke ngamagama ambalwa. La maphuzu ungase uwabhale ekhadini noma ephepheni kanye nemibhalo ohlela ukuyisebenzisa ukuze kube lula ukuwabona. Enkonzweni yasensimini, cishe ezimweni eziningi uyolubamba ngekhanda uhlaka olulula. Uma usucwaningile ngendaba ethile ozoyisingatha empindelweni, ungase ubhale amaphuzu kafushane ephepheni uwafake eBhayibhelini lakho. Noma ungamane usebenzise uhlaka ‘oluseZihlokweni ZeBhayibheli Zengxoxo’ noma ukwaziswa okusencwadini Ukubonisana NgemiBhalo njengesisekelo sengxoxo yakho.
Nokho, uma wabelwe izinkulumo eziningi zomhlangano phakathi namasonto ambalwa futhi mhlawumbe uzonikeza nezinkulumo zeningi, ungase uthole ukuthi kudingeka izinhlaka ezinemininingwane ethé xaxa. Ngani? Ukuze uzikhumbuze indaba ngaphambi kokusingatha isabelo ngasinye. Noma kunjalo, uma uthembela kakhulu ohlakeni phakathi nenkulumo—ulubheke phakathi nomusho ngamunye—uyolahlekelwa izinzuzo zokubeka inkulumo ngamazwi akho. Uma usebenzisa uhlaka olunemininingwane eminingana, ludwebele ngokugqamile ukuze kube lula ukubona amagama ambalwa aphawuliwe kanye nemibhalo esohlakeni lwakho.
Nakuba isikhulumi esingumakadebona kufanele ngokuyinhloko siyibeke ngamazwi aso inkulumo, kungasiza nokusebenzisa nezinye izindlela zokubeka inkulumo. Esethulweni nasesiphethweni, lapho ukubheka izilaleli kufanele kuhambisane nemisho enamandla enamagama akhethwe kahle, imisho embalwa oyibambe ngekhanda ingase isize. Lapho kusetshenziswa imininingwane ethile, izibalo, izingcaphuno noma imibhalo, kuyafaneleka ukufunda phansi futhi kungaba nomphumela omuhle.
Lapho Abanye Befuna Incazelo. Ngezinye izikhathi kuye kudingeke sichaze izinkolelo zethu sibe singalitholanga ithuba lokulungiselela ngaphambili. Lokhu kungenzeka uma umuntu ephikisa enkonzweni yasensimini. Kungaphakama izimo ezifanayo nalapho sinezihlobo, sinesisebenza nabo noma sisesikoleni. Nezikhulu zikahulumeni zingase zifune ukuchazelwa izinkolelo zethu nendlela yethu yokuphila. ImiBhalo iyasinxusa: “Ngaso sonke isikhathi [lungelani] ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”—1 Pet. 3:15.
Phawula indlela uPetru noJohane abayiphendula ngayo iSanhedrini yamaJuda, njengoba ilotshwe kuzEnzo 4:19, 20. Ngemisho emibili nje, bakuchaza ngokucacile ukuma kwabo. Lokho bakwenza ngendlela eyayifanelana nezilaleli zabo—beveza ukuthi inkinga eyayibhekene nabaphostoli yayibhekene futhi nenkantolo. Kamuva, uStefanu wamangalelwa ngamanga futhi wayiswa enkantolo efanayo. Funda impendulo yakhe enamandla ayengayilungiselelanga kusengaphambili kuzEnzo 7:2-53. Wayihlela kanjani indaba yakhe? Wabeka izenzakalo ngokulandelana kwazo ngokomlando. Ngesikhathi esifanele, waqala ukugcizelela umoya wokuvukela owaboniswa isizwe sakwa-Israyeli. Ekuphetheni, wabonisa ukuthi iSanhedrini yayibonise umoya ofanayo ngokubulala iNdodana kaNkulunkulu.
Lapho ucelwa ukuba uchaze ngezinkolelo zakho ungalungiselelanga kusengaphambili, yini engakusiza ukuba izimpendulo zakho zizwakale? Lingisa uNehemiya owathandaza buthule ngaphambi kokuphendula umbuzo weNkosi u-Aritahishashita. (Neh. 2:4) Ngokushesha yibe sewakha uhlaka engqondweni. Izinyathelo eziyisisekelo zingase zihlelwe ngale ndlela: (1) Khetha iphuzu elilodwa noma amabili okumelwe avele encazelweni (ungase usebenzise amaphuzu atholakala kwethi Ukubonisana NgemiBhalo). (2) Nquma ukuthi imiphi imibhalo oyoyisebenzisa ukuze usekele lawo maphuzu. (3) Hlela ukuthi uyoyiqala kanjani incazelo yakho ngobunyoninco ukuze obuzile azimisele ukulalela. Yibe usukhuluma-ke.
Uyokukhumbula yini okumelwe ukwenze lapho ungaphansi kwengcindezi? UJesu watshela abalandeli bakhe: “Ningakhathazeki ngokuthi niyokhuluma kanjani noma ngokuthi niyothini; ngoba lokho eniyokukhuluma niyokunikwa ngalo lelohora; ngoba abakhulumayo akunina nje, kodwa umoya kaYihlo okhuluma ngani.” (Math. 10:19, 20) Lokhu akusho ukuthi uyovele ube ‘nenkulumo yokuhlakanipha’ eyisimangaliso eyanikezwa amaKristu ekhulu lokuqala. (1 Kor. 12:8) Kodwa uma uvame ukuyisebenzisa imfundo uJehova ayinikeza izinceku zakhe ebandleni lobuKristu, umoya ongcwele uyokukhumbuza ukwaziswa okudingekayo lapho sekudingeka.—Isaya 50:4.
Ngaphandle kokungabaza, ukukhuluma ngamazwi akho kungaba nemiphumela emihle kakhulu. Uma uprakthiza ukunikeza izinkulumo ngamazwi akho njalo lapho usingatha izabelo ebandleni, ukunikeza izimpendulo ongazilungiselelanga kusengaphambili lapho zidingeka, ngeke kube nzima, ngoba kusebenza izimiso ezifanayo. Ungenqeni. Ukuzifundisa ukukhuluma ngamazwi akho kuyokusiza kwenze inkonzo yakho yasensimini iphumelele ngokwengeziwe. Futhi uma unelungelo lokunikeza izinkulumo ebandleni, cishe uyokwazi ukubamba isithakazelo sezilaleli zakho futhi ufinyelele izinhliziyo zazo.