Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/10 k. 24
  • Iso Lemfanzi I-Peacock Mantis

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iso Lemfanzi I-Peacock Mantis
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isithwalambiza Esindlebenye
    I-Phaphama!—1995
  • Izimfanzi—Isibiliboco Esifuywayo?
    I-Phaphama!—1996
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2010
  • Landela Ukukhanya Kwezwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 11/10 k. 24

Ingabe Laklanywa?

Iso Lemfanzi I-Peacock Mantis

● Imfanzi okuthiwa i-peacock mantis, etholakala e-Great Barrier Reef, e-Australia, ineso eliyinkimbinkimbi kunelanoma yisiphi esinye isilwane. UDkt. Nicholas Roberts uthi, “Liyisimangaliso ngempela, lisebenza kangcono ukwedlula noma yini thina bantu esike sayakha.”

Ake Ucabange: Le mfanzi okuthiwa i-peacock mantis ikwazi ukubona ukukhanya okunyakazayo bese ikuhlaziya ngendlela abantu abangeke bakwazi ngayo. Amaza okukhanya okunyakazayo angase ahambe aqonde noma ahambe azungeze. Ngokungefani nezinye izidalwa, le mfanzi ayigcini nje ngokukwazi ukubona ukukhanya okunyakazayo lapho kuza ngomzila oqondile noma kuzungeza kuphela, kodwa futhi ikwazi nokukuguqula lokhu kukhanya ikwenze kube olunye uhlobo. Lokhu kwenza le mfanzi ibe neso elibukhali.

Imishini yokudlala ama-DVD isebenzisa indlela efanayo. Ukuze lo mshini ukwazi ukudlala i-DVD kufanele uguqule ukukhanya okunyakazayo okuqondile okukhanyisa i-DVD ikwenze kuzungeze bese iphinde ikuguqula ikwenze kuqonde. Kodwa le mfanzi yenza okungaphezu kwalokho. Umshini ovamile wokudlala ama-DVD ukwazi ukuguqula ukukhanya okubomvu kuphela—noma okuluhlaza okwesibhakabhaka, uma ungowohlobo oluphambili—kodwa iso lale mfanzi likwazi ukuguqula ukukhanya kwayo yonke imibala.

Abacwaningi bakholelwa ukuthi ngokusebenzisa indlela elisebenza ngayo iso lemfanzi okuthiwa i-peacock mantis, onjiniyela bangakwazi ukwakha umshini wokudlala ama-DVD akwazi ukugcina ukwaziswa okuningi kakhulu kunama-DVD anamuhla. URoberts uthi, “Okumangalisa kakhulu ukuthi liklanywe ngendlela elula, kodwa lisebenza kangcono kakhulu kunanoma yimuphi umshini esake sawakha.”

Ucabangani? Ingabe leli so eliyisimanga le-peacock mantis lavela ngengozi? Noma ingabe laklanywa?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]

Courtesy Stephen Childs

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela