Isithwalambiza Esindlebenye
Emakhulwini amaningi eminyaka adlule, izinganekwane zamaGreki zachaza amaCyclops asabekayo, imidondoshiya enehlo elilodwa eyayihlala ezweni elikude. Lezizilwanekazi ezigogekile zazisemicabangweni yabantu abazakhela yona nje kuphela.
Nokho, muva nje ososayensi baye bazithela phezu kwequlo lezilwanyana ezindlebenye—zisobala nje. Izithwalambiza ezibukeka sengathi ziyathandaza.
Kungani imfihlo yesithwalambiza ibilokhu ingaziwa kuze kube manje? Sekuyisikhathi eside ososayensi becabanga ukuthi isithwalambiza kumelwe ukuba siyisithulu, njengoba singenzi msindo futhi singasabeli emsindweni njengezinye izinambuzane. Okudida nakakhulu, indlebe yesithwalambiza ayikho ekhanda laso, lapho obungalindela ukuba ibe khona. Umagazini i-Natural History uchaza ukuthi lendlebe ‘iyimbotshana ejulile, engaba imilimitha ubude,’ engaphansi komzimba wesithwalambiza.
Akuhluphi yini ukuba nendlebe eyodwa kuphela endaweni obungeke uyicabange njengaleyo? Phela, thina bantu sisebenzisa izindlebe zethu ezimbili ukuze sithole lapho umsindo uvela khona. Ngokusobala isithwalambiza singaphila ngaphandle kwalelokhono. Inzwa yaso yokuzwa iklanyelwe ukusixwayisa ngezimo ezisongela ukuphila. Isithwalambiza sinomshini wokuzwa izinto ngamaza omsindo owakhelwe ngaphakathi.
Indlebe yesithwalambiza icosha imisindo engazwakali endlebeni yomuntu, ikakhulukazi imisindo eyenziwa amalulwane lapho ezingela izinambuzane ezinjengaso isithwalambiza. I-Natural History ibika ukuthi ososayensi baye babukela isithwalambiza sivika ngokuphazima kweso lapho kusondela ilulwane, ngosizo lwenzwa yaso ebukhali ezwa imisindo engazwakali endlebeni yomuntu. Kodwa isithwalambiza siphunyuka kanjani elulwaneni, elikwazi ukundiza ngesivinini esiphindwe kathathu noma kane kunesenyamazane yalo?
Lapho isithwalambiza sithola izimpawu zengozi eziwumsindo ongazwakali endlebeni yomuntu—ngokuvamile lapho ilulwane lisebangeni elingaba amamitha ayishumi—ngesigamu somzuzwana, isithwalambiza sitshuza ngamandla sishone phansi. Ngokusobala, lokhu sikwenza ngokuthi siziwise ngamabomu, isu lokuzivikela elifana nalelo elisetshenziswa abashayeli bezindiza zempi banamuhla. Eqinisweni, i-Natural History, yaphawula ukuthi isithwalambiza “sinikeza isifundo esithuthukile samasu okulwa emoyeni.”
Isithwalambiza salifunda kanjani ‘isu lokulwa emoyeni elithuthukile’? Ubani owaklama umshini waso wokuzwa imisindo engazwakali endlebeni yomuntu? Ngokuqinisekile, impendulo enengqondo ileyo eyanikezwa yinzalamizi uJobe ethi: “Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?”—Jobe 12:9.