Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/10 kk. 26-29
  • Ingabe Kufanele Ngisiyeke Isikole?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ngisiyeke Isikole?
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyasishiya Noma Uyasiyeka?
  • Yini Engalungile Ngokuyeka Isikole?
  • Izinzuzo Zokungasiyeki Isikole
  • Ingabe Kufanele Ngisishiye Phansi Isikole?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Imizwa Yami—Isikole Nontanga
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Kuthiwani Uma Ngingasithandi Isikole?
    Intsha Iyabuza
  • Izihluthulelo Zemfundo Enhle
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 11/10 kk. 26-29

Intsha Iyabuza

Ingabe Kufanele Ngisiyeke Isikole?

Ucabanga ukuthi kufanele usiyeke usukuliphi ibanga isikole?

․․․․․

Abazali bakho bafuna usiyeke usukuliphi ibanga?

․․․․․

INGABE izimpendulo zemibuzo engenhla ziyavumelana? Ngisho noma zivumelana futhi usafunda isikole, kungenzeka kunezinsuku lapho uyaye ufise khona ukusiyeka. Ingabe wake wacabanga ngale ndlela elandelayo?

● “Ngezinye izikhathi ngangicindezeleka kakhulu ngingafuni ngisho nokuvuka. Ngangike ngithi, ‘Kungani kufanele ngiye esikoleni ukuze ngifunde izinto engingasoze ngazisebenzisa?’”—URachel.

● “Kukaningi ngiba nomuzwa wokuthi angisasifuni isikole futhi kungcono ngivele ngisiyeke ngifune umsebenzi. Ngake ngaba nomuzwa wokuthi asingisizi ngalutho isikole kungcono ngisebenze ngithole imali.”—UJohn.

● “Ngangichitha amahora amane ubusuku ngabunye ngenza umsebenzi wesikole! Wawungicindezela kakhulu lo msebenzi kanye nezivivinyo—kuza kulandelana—kangangokuba ngangiba nomuzwa wokuthi angisakwazi ukuwusingatha kungcono ngivele ngiyeke.”—UCindy.

● “Sekuke kwathiwa kunebhomu, izikhathi ezintathu kwathiwa kunobezama ukuzibulala, oyedwa wakwazi ukuzibulala kuhlanganise nobudlova bamaqembu ezigilamkhuba. Ngezinye izikhathi kuvele kube nzima kakhulu, ngivele ngifune ukusiyeka isikole!”—URose.

Ingabe usuke wabhekana nezinselele ezifanayo? Uma kunjalo, yisiphi isimo esikwenze wafuna ukuyeka isikole?

․․․․․

Mhlawumbe njengamanje ucabangela ukusiyeka isikole. Ungabona kanjani ukuthi usiyeka ngenxa yokuthi sekuyisikhathi sokwenza kanjalo noma kungenxa nje yokuthi usukhathele futhi usufuna ukusiyeka? Ukuze siphendule lo mbuzo, kungasiza ukuqale sichaze ukuthi kusho ukuthini ukuyeka isikole.

Ingabe Uyasishiya Noma Uyasiyeka?

Ungawuchaza kanjani umehluko phakathi kokusishiya isikole nokusiyeka?

․․․․․

Ingabe uyazi ukuthi emazweni athile kuyinto evamile ukuba osemusha kuthiwe usephothulile ngemva kokufunda iminyaka emihlanu kuya kwengu-8? Kwamanye amazwe, umfundi kulindeleke ukuba aqede iminyaka eyishumi kuya kwengu-12 esesikoleni. Ngakho-ke alikho izinga lobudala elinqunyiwe noma ibanga elisebenza kubo bonke abantu emhlabeni.

Ngaphezu kwalokho, kwamanye amazwe noma ezifundeni ezithile umfundi angase avunyelwe ukuba ezinye izifundo noma zonke azenzele ekhaya, ngaphandle kokuya esikoleni esivamile. Abafundi abafundele emakhaya—ngemvume nangosizo lwabazali babo, akunakushiwo ukuthi basiyekile isikole.

Kodwa-ke, uma ucabanga ukusiyeka ngokuphelele isikole ngaphambi kokuba uphothule—kungaba ukufundela ekhaya noma esikoleni esivamile—kudingeka ucabangele imibuzo elandelayo:

Yini efunwa umthetho? Njengoba sekuphawuliwe, imithetho elawula isikhathi sokufunda umfundi okufanele asichithe iyahluka izindawo ngezindawo. Isilinganiso semfundo engakanani umthetho wezwe lakini osifunayo? Ingabe ususifinyelele leso silinganiso? Uma ungasinaki iseluleko seBhayibheli “sokuthobela amagunya aphakeme” futhi uyeke ngaphambi kokufinyelela lelo banga, lokho kusho ukuyeka isikole ngaphambi kwesikhathi.—Roma 13:1.

Ingabe sengiyifinyelele imigomo yami yemfundo? Yimiphi imigomo ofuna imfundo yakho ikusize ukuba uyifinyelele? Ingabe awuqiniseki? Kufanele wazi! Ngale kwalokho, ufana nomgibeli ohamba ngesitimela ongazi nhlobo ukuthi uyaphi. Ngakho-ke hlala phansi nabazali bakho, ugcwalise leli shadi elithi “Imigomo Yami Yemfundo,” elisekhasini 28. Ukwenza kanjalo kuyokusiza uhlale unombono oqondile futhi kuyosiza wena nabazali bakho ukuba nihlele ukuthi yisikhathi esingakanani ozosichitha esikoleni.—IzAga 21:5.

Othisha abakufundisayo kanye nabanye ngokungangabazeki bayokunikeza amacebiso okuthi imfundo engakanani oyidingayo. Nokho, ekugcineni abazali bakho banegunya lokwenza isinqumo esiwujuqu. (IzAga 1:8; Kolose 3:20) Uma ushiya isikole ngaphambi kokuba ufinyelele imigomo yakho yemfundo wena nabazali bakho eniyinqumile, usuke usiyeka ngaphambi kwesikhathi isikole.

Ziyini izisusa zami zokuyeka isikole? Kuqaphele ukuzikhohlisa. (Jeremiya 17:9) Kuwukuthambekela kwabantu ukunikeza izizathu ezizwakalayo zezenzo zobugovu.—Jakobe 1:22.

Zibhale phansi izizathu ezizwakalayo ongase ube nazo zokuyeka isikole ngaphambi kokuba uphothule.

․․․․․

Bhala ezinye zezizathu eziwubugovu zokuyeka isikole.

․․․․․

Yiziphi izizathu ezizwakalayo ozibhalile? Ezinye zazo zingaba ukufuna ukusiza umkhaya wakini ngokwezimali noma ufune ukusiza abanye bazi ngoNkulunkulu. Izizathu zobugovu kungaba ukugwema ukubhala izivivinyo noma ukubalekela umsebenzi wesikole wasekhaya. Inselele iwukuthi yisiphi isizathu esiyinhloko—esizwakalayo noma esobugovu?

Phinde ubheke amaphuzu owabhalile, bese ubhala isizathu esisodwa kuya kwezinhlanu ngokubaluleka kwazo (qala ngesingabalulekile kakhulu wehle njalo uze ugcine ngesibaluleke kakhulu). Uma uyeka isikole ukuze ubalekele izinkinga, cishe uzomangala.

Yini Engalungile Ngokuyeka Isikole?

Ukuyeka isikole ngaphambi kwesikhathi kufana nokuphuma esitimeleni singakafiki lapho uya khona. Kungenzeka ukuthi akumnandi ukuhamba ngaso futhi nabagibeli abanamusa. Kodwa uma uvele ugxume uphume esitimeleni, ngeke ufike lapho uya khona futhi ungase ulimale kabi. Ngokufanayo, uma uyeka isikole ungase ungayifinyeleli imigomo yemfundo, futhi cishe uyozibangela izinkinga manje nangesikhathi esizayo, njengalezi ezilandelayo:

Izinkinga zamanje Cishe kuyoba nzima ukuthola umsebenzi, futhi uma kwenzeka uwuthola, kungenzeka kube umsebenzi oholela kancane kunalowo obungawuthola ukube ubusiqedile isikole. Ukuze ukwazi ukuzisekela, kungase kudingeke usebenze amahora amaningi endaweni cishe okungajabulisi ukusebenza kuyo kunokuba kunjalo manje esikoleni ofunda kuso.

Izinselele zesikhathi esizayo Ucwaningo lubonisa ukuthi labo abayeka isikole cishe ababi nempilo enhle, bathola izingane besebancane, baboshwe bese kudingeka bathembele ezinhlelweni zosizo lukahulumeni ukuze baphile.

Kuyiqiniso ukuthi ukuqeda isikole akuqinisekisi ukuthi uyozigwema zonke lezi zinkinga. Kodwa kungani uzibangela inkinga engadingekile ngokushiya isikole phakathi?

Izinzuzo Zokungasiyeki Isikole

Yiqiniso, uma kuwukuthi awuphumelelanga esivivinyweni muva nje, noma ube nosuku olunzima esikoleni, ungase ufune ukuyeka—zonke izinkinga oyobhekana nazo esikhathini esizayo zingase zibonakale zincane kunalokho obhekene nakho manje. Kodwa ngaphambi kokuba ukhethe le ndlela “elula,” cabanga ngalokho abafundi abacashunwe ekuqaleni abakushoyo ngendlela abazuza ngayo ngokuqhubeka nesikole baze basiqede.

● “Ngiye ngafunda ukubekezela, nokubhekana nezimo ezinzima. Ngifunde nokuthi uma ufuna ukukujabulela ukwenza okuthile, kufanele ukwenze kwenzeke. Ngokuqhubeka ngifunda, ngiye ngathuthuka ekhonweni lami lezobuciko.”—URachel.

● “Manje sengiyazi ukuthi uma ngisebenza ngokuzikhandla, ngingayifinyelela imigomo yami. Ngenza izifundo zamakhono esikoleni esiphakeme eziyongisiza ngifanelekele umsebenzi engiwufunayo njengomakhenikha wemishini yokunyathelisa.”—UJohn.

● “Isikole siye sathuthukisa ikhono lami lokuxazulula izinkinga, ekilasini noma kwenye indawo. Ukufuna izindlela zokubhekana nezemfundo, ubudlelwano nezinselele zokuphila kungisize ukuba ngivuthwe ngempela.”—UCindy.

● “Isikole singisize ukuba ngilungele ukubhekana nezinselele zasemsebenzini. Ngabhekana nezimo ezangenza ngahlola izizathu zokholo lwami, ngakho ukuba sesikoleni kwaluqinisa ukholo lwami.”—URose.

Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Kungcono ukuphela kwendaba kamuva kunokuqala kwayo. Ungcono obekezelayo kunomuntu onomoya ozidlayo.” (UmShumayeli 7:8) Ngakho kunokuba usiyeke isikole, bhekana nezinkinga zasesikoleni ngokubekezela. Uma wenza kanjalo, uyothola ukuthi ekugcineni kuyokuhambela kahle kakhulu.

Izihloko ezengeziwe ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

● Kungani ukuba nemigomo yemfundo yamanje kuyokusiza ukuba usisebenzise ngokunenzuzo isikhathi sakho usafunda isikole?

● Kungani kubalulekile ukwazi ukuthi hlobo luni lomsebenzi ongathanda ukulwenza lapho usuqedile esikoleni?

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 27]

LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

“Ngaluthola esikoleni uthando lokufunda. Kuyinto enhle ukukwazi ukuqonda imicabango nemizwa yothile ngokufunda.”

“Ngivame ukuba nenkinga endleleni engisebenzisa ngayo isikhathi sami. Kodwa ukube ngasishiya isikole ngabe isimo sibi nakakhulu! Isikole singisiza ukuba nginamathele ohlelweni, ngenze izinto ezibalulekile ngesikhathi esifanele.”

[Izithombe]

U-Esme

UChristopher

[Ibhokisi ekhasini 28]

Imigomo Yami Yemfundo

Umgomo oyinhloko wemfundo ukukulungiselela ukuba uthole umsebenzi oyokusiza ukuze uzondle wena nomkhaya wakho ongase ube nawo. (2 Thesalonika 3:10, 12) Ingabe usunqumile ukuthi hlobo luni lomsebenzi olufunayo nokuthi isikole singakusiza kanjani ukuba uzilungiselele wona? Ukuze sikusize ubone ukuthi imfundo yakho ikuholela endaweni efanele yini, phendula imibuzo elandelayo:

Yiziphi izinto engiphumelelayo kuzo? (Ngokwesibonelo, uyakwazi ukusebenzelana nabantu? Ingabe uyakujabulela ukwenza imisebenzi yezandla, ukwenza noma ukulungisa izinto? Ingabe uyakwazi ukuhlaziya nokuxazulula izinkinga?)

․․․․․

Yimiphi imisebenzi engingayikhetha ukuze ngisebenzise amakhono ami?

․․․․․

Yimaphi amathuba emisebenzi akhona endaweni engihlala kuyo?

․․․․․

Yiziphi izifundo engizenzayo manje ezingangenza ngikwazi ukuthola umsebenzi?

․․․․․

Yiziphi izifundo engingakhetha kuzo njengamanje eziyongisiza ngikwazi ukufinyelela imigomo yami kahle?

․․․․․

Khumbula ukuthi umgomo wakho ukuphothula unezifundo ezisebenzisekayo. Ngakho-ke, ungeqisi ngokufuna ukufunda yonke into—uhlale “esitimeleni” ungabe usehla ukuze nje ubalekele imithwalo yemfanelo yokuba umuntu omdala.

[Ibhokisi ekhasini 29]

OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI

“Othisha bami bayisicefe!” “Nginomsebenzi wesikole omningi!” “Ngiphumelela kanzima ezifundweni zami—ngizihluphelani nje?” Ngenxa yezingcindezi ezinjalo, intsha ethile iye yalingeka ukuba iyeke isikole ngaphambi kokuba ithole amakhono azoyisiza ikwazi ukuziphilisa. Uma indodana yakho noma indodakazi ifuna ukuyeka isikole, yini ongayenza?

Hlaziya isimo sakho sengqondo ngemfundo. Ingabe wawubheka ukuya esikoleni njengokuchitha isikhathi—‘isigwebo’ okufanele usibekezelele kuze kube yilapho usuphishekela imigomo ekuthakazelisa kakhudlwana? Uma kunjalo, isimo sakho sengqondo ngokufunda kungenzeka sisuleleke ezinganeni zakho. Iqiniso liwukuthi, imfundo esesilinganisweni esifanele iyozisiza zifune “ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga,” okuyizimfanelo eziyozidinga ukuze ziphumelele njengabantu abadala.—IzAga 3:21.

Zinikeze ezikudingayo. Ezinye izingane bezingaphumelela kangcono, inkinga nje ukuthi azikwazi ukutadisha—noma azinayo indawo ekahle yokutadisha. Indawo efanele yokutadisha ingase ihlanganise ideski elihlelekile, ukukhanya okwanele nezinto zokucwaninga. Ungayisiza ingane yakho ukuba ithuthuke—ezintweni zesikole nezingokomoya—ngokuyiqeqesha nangokuyilungiselela indawo ekahle yokuzindla ngemicabango nangemibono emisha.—1 Thimothewu 4:15.

Hileleka. Bheka othisha nabeluleki basesikoleni njengabantu obambisene nabo, hhayi njengezitha. Bazi, yazi ngisho namagama abo. Khuluma nabo ngemigomo nezinselele zengane yakho. Uma idonsa kanzima ezifundweni, zama ukuthola imbangela. Ngokwesibonelo, ingabe ingane inomuzwa wokuthi ukuphumelela ngamalengiso esikoleni kuzoyenza isisulu sezingane ezixhaphaza ezinye? Ingabe kunenkinga phakathi kwayo nothisha? Kuthiwani ngezifundo? Ingane yakho kufanele ibhekane nezinselele zezifundo, zingayicindezeli. Okunye okungenzeka: Ingabe kunenkinga ecashile yempilo, njengokungaboni kahle noma ukungabi nekhono lokufunda?

Lapho uhileleka ngokwengeziwe ekuqeqesheni ingane yakho, ezintweni zesikole nezingokomoya, ayoba maningi amathuba okuba iphumelele.—IzAga 22:6.

[Isithombe ekhasini 29]

Ukuyeka isikole ngaphambi kwesikhathi kufana nokuphuma esitimeleni ungakafiki lapho uya khona

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela