Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 19 kk. 134-141
  • Ingabe Kufanele Ngisishiye Phansi Isikole?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ngisishiye Phansi Isikole?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyasiqeda Noma Usishiya Phansi?
  • Yini Engalungile Ngokusishiya Phansi Isikole?
  • Izinzuzo Zokungasishiyi Phansi Isikole
  • Ingabe Kufanele Ngisiyeke Isikole?
    I-Phaphama!—2010
  • Imizwa Yami—Isikole Nontanga
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Imizwa Yami—Ngaphakathi Nangaphandle Kwekilasi
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ukubhujiswa KweSodoma NeGomora
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 19 kk. 134-141

Isahluko 19

Ingabe Kufanele Ngisishiye Phansi Isikole?

Ucabanga ukuthi kufanele uyeke isikole usukuliphi ibanga? ․․․․․

Abazali bakho bafuna usiyeke usukuliphi ibanga? ․․․․․

INGABE izimpendulo ozibhale ngenhla ziyefana? Ngisho noma zifana futhi usafunda esikoleni, kungase kube nezinsuku ofisa ngazo sengathi ungashiya phansi. Wake wazizwa yini ngale ndlela?

“Ngezinye izikhathi ngangicindezeleka kakhulu ngingafuni nokuvuka. Ngangicabanga, ‘Ngizihluphelani ngokuya esikoleni ngiyofunda izinto ezingeke zingisize ngalutho?’”—URachel.

“Izikhathi eziningi ngangivele ngidinwe yisikole, kuvele kuthi angisiyeke ngiyofuna umsebenzi. Nganginomuzwa wokuthi isikole asingisizi ngalutho, ngifise sengathi isikhathi sami ngingasisebenzisela ukugaya imali.”—UJohn.

“Ngaya esikoleni esiphakeme esisedolobheni futhi kwaba nzima ukuthola abangane. Umsebenzi wesikole wawungenzima, kodwa ngangikhishwa inyumbazane futhi ngichitha isikhathi esiningi ngingedwa. Ngisho nabanye ababekhishwa inyumbazane babengangikhulumisi! Kwakuthi angiyeke phansi.”—URyan.

“Umsebenzi wesikole esasinikezwa wona nsuku zonke wawungithatha amahora amane ukuba ngiwuqede uma sengisekhaya! Sasinikezwa inqwaba yezabelo, imisebenzi nezivivinyo—sikunikezwe konke ngasikhathi sinye—ngaze ngazizwa ngingasafuni lutho oluthi isikole.”—UCindy.

“Sike sathuswa ngebhomu, abathathu bazama ukuzibulala, oyedwa wazibulala futhi kwaba nodlame lwezigilamkhuba. Ngezinye izikhathi kwakuba bucayi kakhulu futhi ngangifuna ukusiyeka isikole!”—URose.

Ingabe uye wabhekana nezinselele ezifanayo? Uma kunjalo, yisiphi isimo esikwenze wafuna ukusishiya phansi isikole?

․․․․․

Kungenzeka manje ucabanga ukusishiya phansi ngempela isikole. Nokho, ungabona kanjani ukuthi usiyeka ngoba sekuyisikhathi sokuba usiyeke noma usukhathele yisikole futhi ufuna ukushiya phansi? Ukuze siphendule lo mbuzo, kudingeka siqale sithole ukuthi kusho ukuthini ukushiya phansi isikole.

Uyasiqeda Noma Usishiya Phansi?

Ungawuchaza kanjani umehluko phakathi kokuqeda isikole nokusishiya phansi?

․․․․․

Ubuwazi yini ukuthi kwamanye amazwe kuvamile ngentsha ukuba iphothule esikoleni ngemva kweminyaka emihlanu kuya kweyisishiyagalombili? Kwamanye, kulindeleke ukuba abafundi bahlale okungenani iminyaka eyishumi esikoleni. Ngakho, ayikho iminyaka yobudala noma ibanga elithile lokuphothula esikoleni elibekelwe uwonk’ uwonke.

Ngaphezu kwalokho, kwamanye amazwe umfundi angase avunyelwe ukuba ezinye izifundo noma zonke azifundele ekhaya, angayi esikoleni. Abafundi abafundela ekhaya—uma abazali bekuvumela lokho—akukona ukuthi basishiye phansi isikole.

Kodwa, uma ucabanga ukuyeka isikole ngaphambi kokuba uphothule—uyeke ukufundela esikoleni noma ekhaya—kudingeka ucabangele le mibuzo elandelayo:

Yini efunwa uhulumeni? Njengoba siphawulile, imithetho enquma ukuthi umfundi kumelwe abe nemfundo engakanani iyehluka kuye ngezindawo. Umthetho wasezweni lakini ufuna umuntu afike kuliphi ibanga esikoleni? Usufikile yini wena kulelo banga? Uma ungasilaleli iseluleko seBhayibheli ‘sokuzithoba emagunyeni aphakeme,’ usiyeke isikole ungakaliqedi lelo banga, uyobe usishiya phansi isikole.—Roma 13:1.

Ingabe sengiyifinyelele imigomo yemfundo engizibekele yona? Imiphi imigomo ofuna imfundo ikusize uyifinyelele? Awazi? Kudingeka wazi! Ngaphandle kwalokho, uyobe ufana nomuntu ogibele isitimela kodwa ongazi ukuthi ufuna ukuyaphi. Ngakho hlala phansi nabazali bakho, ugcwalise ishadi elithi “Imigomo Yami Yokuthola Imfundo,” elisekhasini 139. Ukwenza kanjalo kuyokusiza ukuba uzazi ukuthi ufunani futhi kuyosiza wena nabazali bakho ukuba nihlele ukuthi kufanele uhlale isikhathi eside kangakanani esikoleni.—IzAga 21:5.

Akungabazeki ukuthi othisha bakho nabanye bayokweluleka ngokuthi kudingeka uthole imfundo engakanani. Kodwa ngabazali bakho abanegunya lokwenza isinqumo ekugcineni. (IzAga 1:8; Kolose 3:20) Uma uyeka isikole ungakayifinyeleli imigomo yemfundo wena nabazali bakho enivumelene ngayo, uyobe usishiya phansi isikole.

Ziyini izisusa zami zokuyeka isikole? Ungazikhohlisi. (Jeremiya 17:9) Abantu bayathanda ukubeka izaba zokwenza izenzo zobugovu.—Jakobe 1:22.

Ngezansi bhala izizathu ezizwakalayo ezingakwenza uyeke isikole ngaphambi kokuba uphothule.

․․․․․

Bhala izizathu zobugovu ezingakwenza usishiye phansi isikole.

․․․․․

Yiziphi izizathu ezizwakalayo ozibhalile? Ezinye zazo zingaba ukusiza umkhaya wakini ngokwezimali noma ukungenela inkonzo yokuzithandela. Izizathu zobugovu zingaba ukubalekela izivivinyo noma umsebenzi wesikole. Inselele iwukuqonda ukuthi isisusa sangempela siyini—nokuthi siyezwakala yini noma esobugovu.

Phinde ubheke izizathu ozibhale ngenhla, uphawule ngezinombolo ukuthi iziphi ezikwenza ufune ukuyeka isikole (u-1 usho esingabalulekile kangako, u-5 usho esibaluleke kakhulu). Uma uyeka ngoba ubalekela izinkinga, uyozisola.

Yini Engalungile Ngokusishiya Phansi Isikole?

Ukushiya phansi isikole kufana nokwehla esitimeleni ungakafiki lapho uya khona. Kungenzeka awuhlezi kamnandi esitimeleni futhi abagibeli abanamusa. Kodwa uma ugxuma uphumele ngaphandle kwesitimela, ngeke ufike lapho uya khona futhi ungase ulimale kabuhlungu. Ngokufanayo, uma usishiya phansi isikole, ungase ungakwazi ukufinyelela imigomo yakho yemfundo futhi uyozibangela izinkinga manje nasesikhathini esizayo, njengalezi ezilandelayo:

Izinkinga zamanje: Kungase kube nzima kakhulu ukuthola umsebenzi. Uma uwuthola, cishe uyobe ukhokhela kancane kunalowo obungawuthola ukube uye waphothula esikoleni. Ukuze ukwazi ukuziphilisa, kungase kudingeke usebenze amahora amaningi kunokuvamile, endaweni okungenzeka ibe yimbi ngaphezu kwesikole okuso manje.

Izinselele zesikhathi esizayo: Ucwaningo luveza ukuthi izingane eziyeka isikole zingase zigule, zigqunywe ejele futhi kudingeke zinakekelwe abezenhlalakahle.

Yiqiniso, ukuphothula esikoleni akusho ukuthi ngeke neze ubhekane nalezo zinkinga. Kodwa kungani uzigwaza ngowakho ngokuyeka isikole?

Izinzuzo Zokungasishiyi Phansi Isikole

Uma usanda kufeyila isivivinyo noma ungaphathekanga kahle esikoleni, ungase ufune ukushiya phansi—izinkinga oyobhekana nazo esikhathini esizayo zingabonakala zingelutho uma uziqhathanisa nobunzima obhekene nabo manje. Kodwa ngaphambi kokuba ukhethe lokhu okubonakala kulula, cabanga ngalokho abafundi abacashunwe ekuqaleni kwalesi sahluko abakushoyo ngendlela abazuze ngayo ngokungasiyeki isikole.

“Ngifunde ukukhuthazela, ukuqina. Ngifunde nokuthi uma ufuna ukujabulela ukwenza okuthile, kulindeleke ukuba wenze umzamo. Isikole singisizile ngathuthukisa amakhono ami kwezobuciko engiyowasebenzisa lapho ngiphothula.”—URachel.

“Sengiyazi manje ukuthi uma ngizikhandla, ngingayifinyelela imigomo engizibekele yona. Ngithathe isifundo esingiqeqeshela ezobuchwepheshe esikoleni esiphakeme, esiyongisiza ngithole umsebenzi engiwuthandayo wokuba umakhenikha wemishini yokunyathelisa.”—UJohn.

“Ngenxa yokuthi ngaphikelela, sengiyazi kahle imithetho yokufunda nokubhala. Isikole singifundise indlela engingazuza ngayo lapho ngigxekwa nendlela yokukhuluma ngokucacile nangokuhluzekile—amakhono angisiza enkonzweni yami yobuKristu.”—URyan.

“Isikole singisize ekuthuthukiseni ikhono lokuxazulula izinkinga, kungakhathaliseki ukuthi ngisekilasini noma kwenye indawo. Ukuthola izindlela zokuxazulula izinselele ezifundweni zami, ekusebenzelaneni nabanye nezinselele ezidinga amandla ami kungisizile ngavuthwa.”—UCindy.

“Isikole singisize ngalungela ukubhekana nezinselele zasemsebenzini. Ngiye ngabhekana nanezimo eziye zangiphoqa ukuba ngihlole izizathu zokholo lwami, ngakho ukuba sesikoleni kungenze ngaqiniseka ngokwengeziwe ngezinkolelo zami.”—URose.

Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Kungcono ukuphela kwendaba kamuva kunokuqala kwayo. Ungcono obekezelayo kunomuntu onomoya ozidlayo.” (UmShumayeli 7:8) Ngakho kunokuba usishiye phansi isikole, bekezela, uxazulule izinkinga obhekana nazo esikoleni. Uma wenza kanjalo, uyothola ukuthi ikusasa lakho liyoba ngcono kakhulu.

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Kuthiwani uma esinye sezizathu ezenza ufune ukuyeka isikole siwukuthi awuzwani nothisha wakho?

UMBHALO OYINHLOKO

“Noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.”—IzAga 21:5.

ICEBISO

Uma uyithola inzima impilo yasesikoleni, hlola ukuthi ungakwazi yini ukuthatha izifundo ezizokwenza usheshe uqede.

UBUWAZI . . .?

Intsha edoja amakilasi ingagcina isisiyekile isikole.

ENGIZOKWENZA!

Uma kunesifundo esingihlulayo, kunokuba ngisishiye phansi isikole ngizo- ․․․․․

Uma ukukhathala kungenza ngizizwe sengathi ngingasishiya phansi isikole, ngingakwazi ukubhekana nesimo uma ngi- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani kubalulekile ukuba ufunde ukufunda, ukubhala nokubala?

● Ukuzibekela imigomo yesikhathi esifushane esikoleni kungakusiza kanjani ukuba usisebenzise kahle isikhathi sakho usesesikoleni?

● Kungani kubalulekile ukuba nomqondo othile ngohlobo lomsebenzi ongathanda ukuwenza uma uqeda isikole?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 140]

“Ngeke uzibalekele izinkinga zakho. Ukuba sesikoleni kukusiza ukuba ufunde ukuzimela, ikhono eliyokusiza emsebenzini nakwezinye izindawo.’’—URamona

[Ibhokisi ekhasini 139]

Ishadi Lezimpendulo

Imigomo Yami Yokuthola Imfundo

Injongo eyinhloko yemfundo ukukulungiselela ukuba uthole umsebenzi ozokusiza ukuba uzinakekele futhi wondle umkhaya okungenzeka ube nawo. (2 Thesalonika 3:10, 12) Ingabe usunqumile ukuthi ufuna ukwenza hlobo luni lomsebenzi nokuthi isikole sizokusiza kanjani ukuba uwulungiselele? Ukuze ubone ukuthi izifundo zakho zikuyisa endleleni okuyiyona yini, phendula le mibuzo elandelayo:

Yimaphi amakhono enginawo? (Ngokwesibonelo, ingabe usebenzelana kahle nabantu? Uyakujabulela yini ukusebenza ngezandla noma ukwenza noma ukulungisa izinto? Ingabe uyakwazi ukuhlaziya nokuxazulula izinkinga?) ․․․․․

Yimiphi imisebenzi ezongenza ngikwazi ukusebenzisa amakhono ami? ․․․․․

Amathuba amiphi imisebenzi akhona ngakithi? ․․․․․

Yiziphi izifundo engizifundayo manje ezizongisiza ngithole umsebenzi? ․․․․․

Yiziphi izifundo engingazenza manje eziyongisiza ngifinyelele imigomo yami kalula? ․․․․․

Khumbula, umgomo wakho uwukuphothula unemfundo ongayisebenzisa. Ngakho, musa ukufunda into engapheli—kuhle komuntu ohlezi esitimeleni angehli ngoba nje efuna ukubalekela imithwalo yemfanelo yokuba umuntu omdala.a

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka uMqulu 2, iSahluko 38.

[Isithombe emakhasini 138, 139]

Ukushiya isikole kufana nokugxumela ngaphandle kwesitimela ungakafiki lapho uya khona

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela