UNkulunkulu Ungiduduze Kukho Konke Ukuvivinywa
Njengoba ilandiswa nguVictoria Colloy
Udokotela wathi kumama: “Akusekho esingakwenzela indodakazi yakho. Kuzodingeka isebenzise izinduku ukuphila kwayo konke futhi ifake nezinsimbi ukuze ikwazi ukuhamba.” Ngakhungatheka! Yini engangizoyenza uma ngingakwazi ukuhamba?
NGAZALWA ngo-November 17, 1949, eTapachula, eChiapas, eMexico. Ngangiwusana olujabule noluphilile, ngingowokuqala ezinganeni ezine. Kodwa lapho nginezinyanga eziyisithupha, ngavele ngayeka ukugaqa nokunyakaza kalula. Ezinyangeni ezimbili kamuva ngangingasakwazi nhlobo ukunyakaza. Odokotela bendawo babedidekile, ikakhulu njengoba nabanye abantwana eTapachula babenezimpawu ezifanayo. Ngakho udokotela wezifo zamathambo waseMexico City weza wazosixilonga. Kwatholakala ukuthi sinovendle.
Lapho ngineminyaka emithathu, ngase ngike ngahlinzwa inqulu, amadolo namaqakala. Kamuva lokhu kwakhinyabeza ihlombe lami langakwesokudla. Lapho ngineminyaka eyisithupha, ngayiswa eMexico City ukuze ngiqhubeke nokwelashwa esibhedlela sezingane. Umama waqhubeka nokusebenza epulazini eChiapas, ngakho ngahlala nogogo eMexico City. Kodwa isikhathi esiningi ngangisichitha ngisesibhedlela.
Lapho ngineminyaka engaba ngu-8, ngathi ukuba ngconywana. Nokho, kamuva isimo sami saba sibi kakhulu, kancane kancane nokunyakaza okuthile engase ngikwazi ukukwenza kwaphela. Odokotela bathi kuzodingeka ngisebenzise izinduku nezinsimbi zokuhamba ukuphila kwami konke.
Ngathi ngiba neminyaka engu-15, ngase ngihlinzwe izikhathi ezingu-25. Lokhu kuhlinzwa kwakuhilela umgogodla, imilenze, amadolo, amaqakala nezinzwane. Ngemva kokuhlinzwa ngakunye, kwakudingeka ngisizwe ukuze ngikwazi ukunyakazisa amalungu omzimba. Ngemva kokunye ukuhlinzwa, imilenze yami yafakwa ukhonkolo. Lapho ukhishwa, ngabhekana nobuhlungu bokuzivocavoca.
Ukuthola Induduzo Yangempela
Lapho ngineminyaka engu-11, umama weza ezongibona ngemva kokuhlinzwa. Wayesanda kufunda ukuthi uJesu wayelaphe abagulayo waphulukisa ngisho nesishosha. Wanginika INqabayokulinda, umagazini onyatheliswa oFakazi BakaJehova ayekufunde kuwo lokhu. Ngawuthukusa ngaphansi komcamelo kodwa ngolunye usuku wanyamalala. Abahlengikazi babewutholile base bewuthatha. Bangithethisa ngokuthi ngangiwufunda.
Ngemva konyaka umama waphinde weza ezongibona esuka eChiapas. Ngaleso sikhathi wayesefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wangiphathela incwadi ethi Ukusuka EPharadesi Elilahlekile Ukuya EPharadesi Elizuziwe.a Wabe esethi, “Uma ufuna ukuphila ezweni elisha elithenjisiwe, lapho uJesu eyokwelapha khona, kumelwe ufunde iBhayibheli.” Ngakho naphezu kokuphikisa kukagogo, ngaqala ukufunda noFakazi lapho ngineminyaka engu-14. Ngonyaka olandelayo kwadingeka ngiphume kulesi sibhedlela ngoba kwakungesezingane kanti mina ngase ngikhulile.
Ukubhekana Nezinselele
Ngacindezeleka kakhulu. Ngenxa yokuphikisa kukagogo, kwadingeka ngibuyele eChiapas ngiyohlala nabazali bami. Kodwa kwakunezinkinga ekhaya, ngoba ubaba wayeyisidakwa. Kwaphela isikhathi esithile ngingasiboni isizathu sokuphila. Ngake ngacabanga ukudla ushevu. Kodwa njengoba ngangiqhubeka ngifunda iBhayibheli, umbono wami washintsha. Isithembiso seBhayibheli somhlaba oyipharadesi sangijabulisa.
Ngaqala ukukhuluma nabanye ngethemba elimangalisayo eliseBhayibhelini. (Isaya 2:4; 9:6, 7; 11:6-9; IsAmbulo 21:3, 4) Ngokuhamba kwesikhathi, ngo-May 8, 1968, lapho ngineminyaka engu-18, ngabhapathizwa ngaba ngomunye woFakazi BakaJehova. Kusukela ngo-1974, bengilokhu nginikela amahora angaphezu kuka-70 ngihlanganyela nabanye ithemba elangishukumisela ukuba ngiqhubeke ngiphila.
Ukuphila Okwanelisayo
Ngokuhamba kwesikhathi, mina nomama sathuthela edolobheni laseTijuana, eduze nomngcele ophakathi kweMexico ne-United States. Sahlala ndawonye endaweni evumelana nezidingo zethu. Ngisakwazi ukuhambahamba endlini ngisebenzisa izinduku nezinsimbi, futhi ngisebenzisa isihlalo sabakhubazekile ukuze ngikwazi ukupheka, ngiwashe izingubo futhi ngizi-ayine. Ukuze ngiye enkonzweni, ngihamba ngenqola ehamba ngogesi eyakhiwe ngokuvumelana nezidingo zami.
Ngaphandle kokuhlanganyela izimfundiso zeBhayibheli nabantu emigwaqweni nasemakhaya, ngihlale ngivakashela isibhedlela esiseduze ngixoxe nalabo abasuke belinde ukwelashwa. Lapho sengiqedile ukukhuluma nabo, ngihamba ngenqola yami kagesi ngiye emakethe ukuze ngithole esikudingayo bese ngibuyela ekhaya ngiyosiza umama ngokupheka nangomsebenzi wasendlini.
Ukuze sithole imali esiyidingayo, ngithengisa izingubo ezingamasekeni. Manje umama useneminyaka engu-78 futhi akusengakanani akwazi ukukwenza ngenxa yokuthi useke wahlaselwa yisifo senhliziyo izikhathi ezintathu. Ngenxa yalokho, yimina engimnakekela ngemithi nangokudla. Naphezu kwezinkinga zethu zempilo, silwela ukuba khona emihlanganweni yebandla. Abantu abangaphezu kuka-30 engiye ngatadisha nabo iBhayibheli kule minyaka edlule nabo sebeyahlanganyela enkonzweni.
Ngiyaqiniseka ngokugcwaliseka kwesithembiso seBhayibheli esithi: “Ngaleso sikhathi [ezweni likaNkulunkulu elisha] olunyonga uyoqombola njengendluzele.” Okwamanje, yila mazwi kaNkulunkulu angiduduzayo: “Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.”—Isaya 35:6; 41:10.b
[Imibhalo yaphansi]
a Eyayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kusukela ngo-1958 kodwa manje ayisanyatheliswa.
b UVictoria Colloy washona ngo-November 30, 2009, eneminyaka engu-60. Unina washona ngo-July 5, 2009.
[Isithombe ekhasini 12]
Ngifake izinsimbi emilenzeni ngineminyaka engu-7
[Isithombe ekhasini 13]
Ngisenkonzweni ngihamba ngenqola ehamba ngogesi eyakhiwe ngokuvumelana nezidingo zami