Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/11 kk. 4-6
  • Ubani Ngempela Ongumthombo Wamandla Okubhula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Ngempela Ongumthombo Wamandla Okubhula?
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Angobani Amademoni?
  • Zivikele!
  • Izimiso Eziyisivikelo
  • Angobani Amademoni?
    I-Phaphama!—2010
  • Iyini Ingozi Yokudlala Ngemilingo?
    I-Phaphama!—2002
  • Yini Engalungile Ngokusebenzelana Nemimoya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ingabe Amademoni Angokoqobo?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 2/11 kk. 4-6

Ubani Ngempela Ongumthombo Wamandla Okubhula?

LAPHO likhuluma ngoMdali wethu, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu ungukukhanya futhi abukho nhlobo ubumnyama kuye.” (1 Johane 1:5) Lokho kuyiqiniso ngokukhethekile ngomqondo ongokomoya. Khona-ke, ingabe uNkulunkulu angaba umthombo wamandla okubhula? Noma, ingabe kunamandla amabi ahilelekile?

Into evelele ezintweni zemimoya ukulumba nokusebenzelana nayo, okuhlanganisa ukubhula ngezinkanyezi, ukubhula ngezinombolo, ukufunda intende yesandla nobuthakathi kanye nokuxhumana “nabafile” nokuphonsa abanye ngeziphonso. Le mikhuba inomlando omude kakhulu, eminingi yayo yaqala eBhabhiloni lasendulo, elimanxiwa alo ase-Iraq. (Isaya 47:1, 12, 13) Kusukela eBhabhiloni, imikhuba yokusebenzelana nemimoya yasakazekela kulo lonke izwe lasendulo futhi yagxila emasikweni amaningi nakwezempucuko.

Cabanga ngalokho okwenzeka emzini waseFilipi eMakedoniya yasendulo. Lapho, iqembu elincane lezikhonzi ezingamaKristu, elalihlanganisa umphostoli uPawulu nodokotela uLuka, lahlangana nentombazane eyayinamandla emimoya. Phawula indlela umlobi weBhayibheli uLuka awembula ngayo umthombo wamandla ayo. Wabhala: “Sahlangana nentombazane ethile eyinceku eyayinomoya, idemoni lokubhula. Yayivame ukunikeza amakhosi ayo inzuzo enkulu ngokusebenzisa ubuciko bokubikezela.”—IzEnzo 16:16-18.

Yebo, amandla ale ntombazane ayengaveli kuNkulunkulu weqiniso uJehova, kodwa ayevela edemonini, umoya omubi. Ngakho uPawulu nabangane bakhe benqaba ukuyilalela. Kungenzeka usuyazibuza: ‘Angobani amademoni? Futhi avelaphi?’ Phinda uphawule izimpendulo zeBhayibheli.

Angobani Amademoni?

Esikhathini eside ngaphambi kokuba uJehova adale abantu, wadala inani elingaziwa ‘lamadodana kaNkulunkulu’ ahlakaniphile asezulwini. (Jobe 38:4, 7) Njengoba kunjalo ngabantu, nawo anenkululeko yokuzikhethela futhi kwaphela isikhathi eside wonke ethembekile kuNkulunkulu. Kodwa leso simo esijabulisayo saphela ngokuzumayo. Kanjani?

Ngemva kokuba uNkulunkulu edale isintu, esinye isidalwa somoya saqala ukufisa into eyayingasifanele—ukukhulekelwa. Isebenzisa inyoka ngendlela okwenza ngayo umdlalisi kanodoli, le ngelosi embi yayenga owesifazane wokuqala u-Eva ukuba angamlaleli uMdali wakhe. (Genesise 3:1-6) IBhayibheli libiza leyo ngelosi evukelayo ngokuthi “inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane.” (IsAmbulo 12:9) UJesu wayichaza ngokuthi ‘ingumbulali wabantu ongazange ame aqine eqinisweni,’ wabe esenezela: “Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nesimo sakhe, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga.”—Johane 8:44.

Ngokuhamba kwesikhathi, amanye “amadodana kaNkulunkulu weqiniso” ayizidalwa zomoya ahlanganyela noSathane ekuvukeleni kwakhe. (Genesise 6:1, 2) Kamuva abizwa ngokuthi “izingelosi ezona” nangokuthi ‘izingelosi ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele’ noma indawo ezaziyabelwe ezulwini. (2 Petru 2:4; Jude 6) Zabe sezibizwa ngokuthi amademoni. (Jakobe 2:19) Ngaphezu kwalokho, zizimisele ukususa abantu abaningi ngangokunokwenzeka ekukhulekeleni kweqiniso, njengoba zenza kuma-Israyeli amaningi ngezikhathi zeBhayibheli. (Duteronomi 32:16, 17) Njengasesikhathini esidlule, nanamuhla uSathane namademoni ngobuqili basebenzisa amanga enkolo.—2 Korinte 11:14, 15.

Zivikele!

Nakuba imimoya emibi inamandla angaphezu kwavamile, ngosizo lukaNkulunkulu singakwazi ‘ukumelana nayo’ futhi sinqobe. (1 Petru 5:9) Nokho, ukuze sithole lolo sizo kudingeka sifunde ngalokho okufunwa uNkulunkulu bese senza ngokuvumelana nakho. Umphostoli uPawulu wabhala lokhu ngamaKristu osuku lwakhe: ‘Asiyekanga ukunithandazela futhi sicela ukuba nigcwale ulwazi olunembile ngentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze nihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele.’—Kolose 1:9, 10.

Kulabo abathola lolo “lwazi olunembile” kwakukhona nabantu abaningi basemzini wase-Efesu ababenza imilingo. Phawula ukuthi ukwazi iqiniso kwabathinta kanjani. IBhayibheli lithi: “Abaningana impela kulabo ababenza ubuciko bemilingo babuthela izincwadi zabo ndawonye bazishisa phambi kwawo wonke umuntu.” Kwatholakala ukuthi lezo zincwadi zazibiza ‘izinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu,’ okwakungeyona neze imali encane! (IzEnzo 19:17-19) Lesi sibonelo esibonisa isibindi salotshelwa ukuba sizuzise thina.—2 Thimothewu 3:16.

Izimiso Eziyisivikelo

Kunezinye izinto esingazenza ukuze sizivikele emademonini. Cabangela lezi ziqondiso zeBhayibheli.

“Ningakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe, kodwa zivivinyeni izinkulumo eziphefumulelwe ukuze nibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini.” (1 Johane 4:1) Ezinye izinto ezishiwo ababhula ngezinkanyezi, izangoma, abanamadlozi nezinyanga zingaba yiqiniso. Ngokwesibonelo, intombazane yaseFilipi enedemoni yayikhuluma iqiniso lapho ithi ngoPawulu nababehamba naye: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, ezimemezela kini indlela yensindiso.” (IzEnzo 16:17) Noma kunjalo, uPawulu nabangane bakhe abazange bayivumele izihlanganise nabo. Kunalokho, uPawulu watshela umoya omubi ukuba uphume kuyo. Hlola izimfundiso zenkolo ngokuziqhathanisa nalokho okushiwo yiBhayibheli.—IzEnzo 17:11.

“Ngakho-ke, zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.” (Jakobe 4:7) Amademoni ayizitha zikaNkulunkulu nezakho. Ungafisi ngisho nokwazi ngezindlela zawo zobumnyama. Kunalokho, zithobe kuNkulunkulu ngokulalela imiyalo yakhe yothando, engewona umthwalo. (1 Johane 5:3) Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wathi esizweni sika-Israyeli wasendulo: “Akufanele kutholakale kuwe noma ubani . . . obhulayo, owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya noma umbikezeli wezenzakalo nanoma ubani obuza kwabafileyo. Ngoba wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12) Umbono kaNkulunkulu awukashintshi.—Galathiya 5:19, 20.

“Akukho siphonso esibi ngokumelene [nenceku kaJehova].” (Numeri 23:23) Bonke abafuna ukujabulisa uNkulunkulu akudingeki besabe amademoni. Empeleni, leyo mimoya emibi ‘iyaqhaqhazela’ phambi kukaNkulunkulu, ngoba iyazi ukuthi unamandla amakhulu, ayowasebenzisa ngelinye ilanga ukuze ayibhubhise. (Jakobe 2:19) UNkulunkulu ‘uyobonisa amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye’ futhi “akasoze avumele olungileyo antengantenge.”—2 IziKronike 16:9; IHubo 55:22.

“Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) IZwi likaNkulunkulu lifundisa ukuthi abafile bafile—kanjalo nje! Akufanele besatshwe ngoba abanakulimaza muntu. (Isaya 26:14) Ukuze adukise abantu, ngezinye izikhathi amademoni azenza imimoya yabafileyo, okuyisizathu esenza abantu babone “umoya” womuntu owayenomusa wehlukile kulowo muntu ababemazi.

“Anikwazi ukudla ‘etafuleni likaJehova’ nibe nidla etafuleni lamademoni.” (1 Korinte 10:21, 22) Bonke abamthanda ngeqiniso uJehova bayoziqhelelanisa nezincwadi, amabhayisikobho nemidlalo ye-computer egxile ezintweni zemimoya noma ekhuthaza ukusebenzisa nokukholelwa emimoyeni.a IHubo 101:3 lithi, “Ngeke ngibeke phambi kwamehlo ami noma yini engelusizo lwalutho.” Ngaphezu kwalokho, ukuzijabulisa okubonisa izinto zemimoya kuvame ukuqhakambisa ubudlova nokuziphatha okubi, okuyizinto abazenqabayo labo ‘abathanda uJehova.’—IHubo 97:10.

Amademoni abelokhu ezama ukuzifihla kubantu ukuthi angobani ngempela. Kodwa awazange aphumelele ngokugcwele. NgeBhayibheli, uJehova wembule lokho ayikho ngempela—abaqambimanga ababi nezitha zesintu eziyingozi. Yeka indlela ahluke ngayo uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu! Njengoba isihloko esilandelayo sibonisa, uyasithanda, usitshela iqiniso njalo futhi ufuna siphile ngenjabulo phakade.—Johane 3:16; 17:17.

[Umbhalo waphansi]

a Indlela onembeza abazwela ngayo iyehluka, kuye ngesizinda senkolo umuntu akhuliswa ngayo nokuvuthwa kwakhe ngokomoya. Into ebalulekile iwukuba umuntu alondoloze unembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu futhi angalimazi onembeza babanye, kuhlanganise namalungu omkhaya. AmaRoma 14:10, 12 athi, “Sonke siyokuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela