Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/11 kk. 8-9
  • Iqiniso LeBhayibheli Labakhulula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso LeBhayibheli Labakhulula
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukuzimisela Ukuphila Ngezindinganiso Zokuziphatha ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
I-Phaphama!—2011
g 2/11 kk. 8-9

Iqiniso LeBhayibheli Labakhulula

UJESU KRISTU wathi eqenjini lezilaleli: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) Njengoba izibonelo ezilandelayo zibonisa, leyo nkululeko ihlanganisa ukukhululeka emademonini, kubaqambimanga nakulabo abadukisa abantu ngemimoya.—Johane 8:44.

Ngakunye kwalokhu okwenzeka ekuphileni kwabathile kubonisa amandla akhululayo eqiniso leBhayibheli. Yebo, yilo lodwa elibakhulula ngempela abantu. Kungani ungazihloleli mathupha iBhayibheli. Ngeke udumazeke.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]

Izithombe zendaba elingiswayo

● USusanna wayengumpristikazi ethempelini laseBrazil.a Ngaphezu kwalokho, wayejabulela “ukukhuluma nonina owayengasekho.” Nokho, ngokuhamba kwesikhathi “unina” wamncenga ukuba azibulale ukuze azohlala naye ezweni lemimoya. Lokhu kwakumkhathaza uSusanna futhi kumncisha ubuthongo. Yena nomnyeni wakhe babe sebeqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Balwa kanzima ukuze ‘bamelane noDeveli,’ kodwa ekugcineni ‘wababalekela.’ (Jakobe 4:7) Manje sebenokuthula futhi uSusanna uselala obumnandi. Wabhala, “Nginezizathu eziningi zokubonga uJehova, kodwa ngimbonga kakhulu ngokuthi wasikhulula ebumnyameni obungokomoya.”

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]

● UTimothy, ohlala eNtshonalanga Afrika, uyisithulu futhi uyisimungulu. Ngenxa yokuthi odokotela abavamile babengakwazi ukumsiza, waya kubathandazi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Wabhala, “Ngaphoxeka ngenxa yokukhohliswa.” UTimothy wabe esetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, abamchazela ngenjongo kaNkulunkulu yokususa konke ukugula nokukhubazeka. UTimothy wathi, “Ngilangazelela usuku ezweni likaNkulunkulu elisha lapho ‘izindlebe zabayizithulu ziyovulwa . . . nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.’” (Isaya 35:1-6) Okwamanje, ujabulela ukusebenzisa umshini ophathwayo wokudlala ama-DVD ukuze ahlanganyele amaqiniso eBhayibheli nabantu abayizithulu, futhi abasize bathole inkululeko yangempela.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

● U-Evelyn wayengene shí ekusebenzelaneni nemimoya e-Estonia. Ngenxa yokuthi uJesu wayephulukise abantu, naye wayefuna ukwenza okufanayo. Wayefuna ukusiza ikakhulu unina owayexhwalile. Ngakho emzamweni wakhe wokuthola nokwelapha ukugula okunzima, wafunda ukubhula nge-pendulum. Ngokuhamba kwesikhathi, wahlola iBhayibheli. Waba yini umphumela? Wathi, “Ngabona ukuthi ngangikhohliswe kangakanani. Ngakho ngashisa izincwadi zami zemimoya ne-pendulum.” Manje usefundisa abanye iqiniso leBhayibheli elikhululayo.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

● UMary wakhulela kwesinye seziqhingi zasePapua New Guinea, lapho abantu besaba khona abafile. Uma kukhona oshonile endaweni yakubo, uMary wayelala ngaphansi kombhede wothile, esaba ukuthi umoya kamufi uzomhlukumeza uma eyedwa. Wabe esefunda eBhayibhelini ukuthi abafile balele—basethuneni, balinde ukuvuselwa ekuphileni ePharadesi emhlabeni. (Luka 23:43; Johane 11:11-14) Ngenxa yalokho akasabesabi abafile.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

● U-Alicia, owakhulela emkhayeni wamaKristu e-United States, wayezithanda izincwadi namabhayisikobho akhuluma ngemimoya. Wabe eseqala ukucabangisisa ngamaqiniso eBhayibheli ayewafundile. Eqaphela ukuthi empeleni wayezama ‘ukudla etafuleni likaJehova nasetafuleni lamademoni,’ washintsha izindlela zakhe futhi manje usenonembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu.—1 Korinte 10:21.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela