Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/11 k. 24
  • Umsila Webhaktheriya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umsila Webhaktheriya
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2011
  • Ukukhohlisa Kwesayensi—Ukukhohlisa Okukhulu Kunakho Konke
    I-Phaphama!—1990
  • Lawo Magciwane Azabalazayo—Indlela Abuya Ngayo
    I-Phaphama!—2003
  • Indlela Esingazi Ngayo Ukuthi UNkulunkulu Ukhona
    Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 2/11 k. 24

Ingabe Waklanywa?

Umsila Webhaktheriya

● Ngisho noma ubhekwa ngesibonakhulu esinamandla, ubonakala umncanyana futhi uwubala. Uye wafaniswa nenjini enamandla exhunywe esikebheni. Uyini umsila webhaktheriya?

Kunezinhlobo ezihlukahlukene zale misila, kodwa cishe umsila webhaktheriya yiwo oye wacwaningisiswa. Njengoba unamathele ontwentwesini lwebhaktheriya, lo msila uyaphenduphenduka, okwenza ukuba lesi silwanyana sikwazi ukuya phambili, ukuma, ukuhlehla nyovane nokushintsha umzila. Kulinganiselwa ukuthi ingxenye yawo wonke amabhaktheriya aziwayo anemisila engefani.

I-DNA yebhaktheriya noma lesi silwanyana, iqukethe “imidwebo” yomsila nesimiso sawo sokuhamba. Isakhiwo salo msila esiphelele sinamaprotheni angaba ngu-40, angafaniswa nezingxenye zomshini. Ngokumangalisayo, lo msila ukwazi ukuzihlanganisa ngokwawo ngemizuzu engu-20 nje kuphela!

Incwadi ethi The Evolution Controversy ithi: “Umsila webhaktheriya unomshini ophenduphenduka ngesivinini esingaba ngu-6 000 kuya ku-17 000 ngomzuzu. Okuphawuleka ngisho nakakhulu ukuthi ungashintsha umzila ngokuphazima kweso, bese uphenduphenduka ngesivinini esingu-17 000 ngomzuzu uye kolunye uhlangothi.” Umagazini i-New Scientist ubiza lo msila webhaktheriya ngokuthi “isibonelo esivelele sesimiso sengqamuzana esiyinkimbinkimbi—umshini omncane kakhulu noyinkimbinkimbi, ongenakwakhiwa yinoma yimuphi unjiniyela ongumuntu.”

Ososayensi liyabamangaza iqiniso lokuthi lo msila omncanyana webhaktheriya ukwazi ukuzihlanganisa ngendlela efanele ukuze zonke izingxenye zawo ezingu-40 zikwazi ukungena khaxa futhi ukwazi ukusebenza ngendlela efanele.

Ucabangani? Ingabe lo msila webhaktheriya waba khona ngengozi noma ingabe waklanywa?

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 24]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Uphephela

Isihlanganiso

Ukuhlangana kwamalungu

Isimiso sokuhamba

Imisila

[Isithombe]

Isithombe esikhulisiwe sebhaktheriya

[Imithombo]

Bacterium inset: © Scientifica/Visuals Unlimited, Inc.; flagellum diagram: Art source courtesy of www.arn.org

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela