Ingabe Waklanywa?
Umsila Webhaktheriya
● Ngisho noma ubhekwa ngesibonakhulu esinamandla, ubonakala umncanyana futhi uwubala. Uye wafaniswa nenjini enamandla exhunywe esikebheni. Uyini umsila webhaktheriya?
Kunezinhlobo ezihlukahlukene zale misila, kodwa cishe umsila webhaktheriya yiwo oye wacwaningisiswa. Njengoba unamathele ontwentwesini lwebhaktheriya, lo msila uyaphenduphenduka, okwenza ukuba lesi silwanyana sikwazi ukuya phambili, ukuma, ukuhlehla nyovane nokushintsha umzila. Kulinganiselwa ukuthi ingxenye yawo wonke amabhaktheriya aziwayo anemisila engefani.
I-DNA yebhaktheriya noma lesi silwanyana, iqukethe “imidwebo” yomsila nesimiso sawo sokuhamba. Isakhiwo salo msila esiphelele sinamaprotheni angaba ngu-40, angafaniswa nezingxenye zomshini. Ngokumangalisayo, lo msila ukwazi ukuzihlanganisa ngokwawo ngemizuzu engu-20 nje kuphela!
Incwadi ethi The Evolution Controversy ithi: “Umsila webhaktheriya unomshini ophenduphenduka ngesivinini esingaba ngu-6 000 kuya ku-17 000 ngomzuzu. Okuphawuleka ngisho nakakhulu ukuthi ungashintsha umzila ngokuphazima kweso, bese uphenduphenduka ngesivinini esingu-17 000 ngomzuzu uye kolunye uhlangothi.” Umagazini i-New Scientist ubiza lo msila webhaktheriya ngokuthi “isibonelo esivelele sesimiso sengqamuzana esiyinkimbinkimbi—umshini omncane kakhulu noyinkimbinkimbi, ongenakwakhiwa yinoma yimuphi unjiniyela ongumuntu.”
Ososayensi liyabamangaza iqiniso lokuthi lo msila omncanyana webhaktheriya ukwazi ukuzihlanganisa ngendlela efanele ukuze zonke izingxenye zawo ezingu-40 zikwazi ukungena khaxa futhi ukwazi ukusebenza ngendlela efanele.
Ucabangani? Ingabe lo msila webhaktheriya waba khona ngengozi noma ingabe waklanywa?
[Umdwebo/Isithombe ekhasini 24]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Uphephela
Isihlanganiso
Ukuhlangana kwamalungu
Isimiso sokuhamba
Imisila
[Isithombe]
Isithombe esikhulisiwe sebhaktheriya
[Imithombo]
Bacterium inset: © Scientifica/Visuals Unlimited, Inc.; flagellum diagram: Art source courtesy of www.arn.org