Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/11 kk. 10-11
  • Ingabe Ukuzilimaza Kungakusiza Usondele KuNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuzilimaza Kungakusiza Usondele KuNkulunkulu?
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wazise Umzimba Wakho
  • Ingabe AmaKristu Kufanele Alingise Ukuhlupheka UJesu Abhekana Nakho?
  • Ukuhlanekezelwa Kwezinto Okuphambene NemiBhalo
  • Ukubuya KukaKristu Kubonakala Kanjani?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ingabe UNkulunkulu Uyakujabulela Ukusibona Sihlupheka?
    I-Phaphama!—1995
  • Ukukhulekela Kobani UNkulunkulu Akwamukelayo?
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Ungakuhlukanisi Lokho UNkulunkulu Akubophele Ndawonye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 3/11 kk. 10-11

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Ukuzilimaza Kungakusiza Usondele KuNkulunkulu?

ABANTU abaningi uyabakhwantabalisa umbono wokuzilimaza. Noma kunjalo, abakhulekeli abahlupha imizimba yabo ngezindlela ezifana nokuzibhaxabula, ukuzila ukudla ngokweqile nokugqoka amahembe enziwe ngoboya obuqinile obulimaza isikhumba, baye badunyiswa njengabantu abesaba uNkulunkulu. Le mikhuba ayiyona nje into yesikhathi esidlule. Ngokombiko wamuva wezindaba, ngisho nabaholi abavelele banamuhla bake bakwenza lokhu.

Yini eshukumisela abantu ukuba bakhulekele ngale ndlela? Umkhulumeli wenye inhlangano ethi ingeyobuKristu wathi, “ukukhetha ukuzilimaza kuyindlela yokuzisondeza kuJesu Kristu nasekuhlukumezekeni akwamukela ukuze asikhulule esonweni.” Naphezu kwalokho okushiwo abaholi benkolo, lithini iBhayibheli ngale ndaba?

Wazise Umzimba Wakho

IBhayibheli alikutusi futhi alikukhuthazi ukukhulekela uNkulunkulu ngokuzilimaza. Empeleni iBhayibheli likhuthaza abantu abesaba uNkulunkulu ukuba banakekele imizimba yabo. Ake uhlole indlela iBhayibheli elichaza ngayo uthando oluphakathi kwendoda nomkayo. Libhekisela endleleni ngokuvamile indoda ephatha ngayo umzimba wayo siqu, lithi: “Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu  . . Akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa, njengoba noKristu enza kulo ibandla.”—Efesu 5:28, 29.

Ingabe umyalo wokuba umuntu athande umkakhe njengomzimba wakhe siqu ubuyoba nencazelo ezwakalayo ukube abakhulekeli bekulindeleke ukuba balimaze imizimba yabo lapho bekhulekela? Kusobala ukuthi abathandi bezimiso ezingokomBhalo kulindeleke ukuba bayazise futhi bayithande ngokwezinga elithile imizimba yabo, futhi lokhu kuzithanda okunempilo kufanele kudluliselwe nakulabo abashade nabo.

Kuyafaneleka ukuthi iBhayibheli linezimiso eziningi ezisiza abafundi balo ukuba bayazise imizimba yabo. Ngokwesibonelo, likhuluma ngezinzuzo zokuqeqesha umzimba ngesilinganiso esifanele. (1 Thimothewu 4:8) Lembula izinzuzo zokudla okufanele nezingozi zokudla okungafanele. (IzAga 23:20, 21; 1 Thimothewu 5:23) ImiBhalo ikhuthaza abantu ukuba bahlale benempilo enhle ngoba lokho kwenza ukuba bahlale benomdlandla. (UmShumayeli 9:4) Uma abafundi beBhayibheli kulindeleke ukuba bavikele impilo yabo ngalezi zindlela, kungalindeleka kanjani ukuba babuye balimaze imizimba yabo futhi?—2 Korinte 7:1.

Ingabe AmaKristu Kufanele Alingise Ukuhlupheka UJesu Abhekana Nakho?

Namuhla, ezinye izinhlangano zenza iphutha lokubhekisela ekuhluphekeni uJesu nabalandeli bakhe bokuqala abakukhuthazelela ukuze zigqugquzele umkhuba wokuzilimaza. Kodwa ukuhlupheka okuchazwa izinceku zikaNkulunkulu eBhayibhelini kwakungekona okokuzilimaza. Lapho abalobi beBhayibheli abangamaKristu bebhekisela ekuhluphekeni kukaKristu, babekwenza ukuze bakhuthaze amaKristu ukuba akhuthazelele ushushiso, hhayi ukuba azishushise. Ngakho, labo abahlupha imizimba yabo abalingisi isibonelo sikaJesu Kristu.

Ake sifanekise: Ake sithi ubona umngane omthandayo ethukwa futhi eshaywa isixuku esithukuthele. Uyaqaphela ukuthi ukhuthazelela lokhu kuhlaselwa ngomoya ozolile nonokuthula, akaziphindiseleli ngokubashaya noma ukubathuka. Ukube ubungafuna ukulingisa umngane wakho, ingabe ubuyoqala ukuzishaya nokuzichapha ngenhlamba? Lutho neze! Lokho bekuyoba ukulingisa izenzo zesixuku. Ubuyomane uzame ukungaziphindiseleli uma ubhekana nokuhlaselwa okufanayo.

Kusobala-ke ukuthi abalandeli bakaKristu akulindelekile ukuba bazizwise ubuhlungu njengokungathi kudingeka balingise isixuku esasithukuthele esasihlupha uJesu futhi sifuna nokumbulala. (Johane 5:18; 7:1, 25; 8:40; 11:53) Kunalokho, lapho beshushiswa kufanele balingise indlela ezolile nenokuthula uJesu akhuthazelela ngayo ubunzima.—Johane 15:20.

Ukuhlanekezelwa Kwezinto Okuphambene NemiBhalo

Ngisho nangaphambi kwenkathi yobuKristu, imiBhalo eyayilawula ukuphila nokukhulekela kwamaJuda yawavimbela ukwenza noma yini elimaza imizimba yawo. Ngokwesibonelo, uMthetho wawukwenqabela ngokucacile ukuba amaJuda azisike, okuwumkhuba owawuvamile ezizweni zasendulo ezingewona amaJuda. (Levitikusi 19:28; Duteronomi 14:1) Uma uNkulunkulu ayengafuni ukuba umzimba usikwe, cishe akanakufuna ukuba ulinyazwe ngezitswebhu. Indinganiso yeBhayibheli icacile—ukuzilimaza ngamabomu nganoma iyiphi indlela akwamukeleki nhlobo kuNkulunkulu.

Njengoba nje nomdwebi efuna ukuba umsebenzi wakhe uhlonishwe, uJehova uNkulunkulu, uMdali, ufuna ukuba ihlonishwe indalo yakhe ewumzimba womuntu. (IHubo 139:14-16) Empeleni, ukuzilimaza akubuthuthukisi ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu. Kunalokho, kuyabulimaza futhi kungcolisa izimfundiso zamaVangeli.

Ebhala ngaphansi kokuphefumulelwa, umphostoli uPawulu washo lokhu mayelana nezimfundiso zabantu ezinjalo nezicindezelayo: “Ngempela, zona lezo zinto zibonakala zihlakaniphile ngendlela yokukhulekela abazimisele yona nokuthobeka-mbumbulu, ukuphatha kabi umzimba; kodwa azisizi ngalutho ekulweni nokwanelisa inyama.” (Kolose 2:20-23) Umkhuba wokuzizwisa ubuhlungu ngokuzilimaza awumsizi ngalutho umuntu ukuba asondelane noNkulunkulu. Kunalokho, izimfuneko zokukhulekela uNkulunkulu ngeqiniso ziyaqabula, zinomusa futhi zilula.—Mathewu 11:28-30.

INGABE WAKE WAZIBUZA?

● UNkulunkulu uwubheka kanjani umzimba womuntu?—IHubo 139:13-16.

● Ingabe ukuhlukumeza umzimba wakho kungakusiza ukuba ulwe nezifiso ezingafanele?—Kolose 2:20-23.

● Ingabe ukukhulekela kweqiniso kufanele kube umthwalo futhi kube nzima?—Mathewu 11:28-30.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

Indinganiso yeBhayibheli icacile—ukuzilimaza ngamabomu nganoma iyiphi indlela akwamukeleki nhlobo kuNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 10]

Ilungu lenkolo elivela kude ligaqa kabuhlungu liyongena esontweni

[Umthombo]

© 2010 photolibrary.com

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela