Isahluko 17
Ukubuya KukaKristu Kubonakala Kanjani?
1. (a) Isiphi isithembiso esenziwa uKristu? (b) Isiphi isidingo esikhona sokubuya kukaKristu?
“NGOBUYE NGIZE” (Johane 14:3) UJesu Kristu wenza lesithembiso kubaphostoli bakhe ngobusuku obandulela ukufa kwakhe. Cishe uzovuma ukuthi akukaze kwenzeka kube nesidingo esikhulu sokuthula, impilo nokuphila ukubuya kukaKristu emandleni oMbuso okuyokuletha esintwini. Kepha uKristu ubuya kanjani? Ubani ombonayo, futhi ngayiphi indlela?
2. (a) Uma ebuya, kukuphi lapho uKristu ethatha abaphostoli bakhe ukuba bahlale khona? (b) Luhlobo luni lwemizimba abanalo lapho?
2 Ekubuyeni kwakhe, uKristu akezi ukuzophila emhlabeni. Kunalokho, labo abazobusa njengamakhosi kanye naye bayathathwa bayohlala naye ezulwini. UJesu watshela abaphostoli bakhe: “Ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe-khona nani.” (Johane 14:3) Ngakho-ke, uma uKristu ebuya, labo abayiswa ezulwini baba ngabantu bomoya, futhi bayambona uKristu emzimbeni wakhe womoya okhazinyulisiwe. (1 Korinte 15:44) Kodwa ingabe bonke abanye abantu, abangayi ezulwini, bayambona uKristu uma ebuya?
ISIZATHU SOKUBA ANGABUYI NJENGOMUNTU
3. Ibuphi ubufakazi beBhayibheli obubonisa ukuthi abantu abanakuphinde bambone futhi uKristu?
3 Ngabo lobobusuku uJesu waqhubeka wathi kubaphostoli bakhe: “Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni.” (Johane 14:19) “Izwe” libhekisela esintwini. Ngakho uJesu lapha washo ngokukhanyayo ukuthi abantu emhlabeni babengeke bambone futhi ngemva kokunyukela kwakhe ezulwini. Umphostoli uPawulu wabhala: “Nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.”—2 Korinte 5:16.
4. Yini ebonisa ukuthi uKristu ubuya njengomuntu womoya onamandla ongabonakali?
4 Nokho abantu abaningi bakholelwa ukuthi uKristu uyobuya ngomzimba ofanayo wobuntu lowo ayebulawe ngawo, nokuthi bonke abaphila emhlabeni bayombona. Nokho, iBhayibheli lithi uKristu ubuya ngenkazimulo nezingelosi zonke, lithi futhi “uhlala esihlalweni [sakhe] senkazimulo.” (Mathewu 25:31) Ukuba uJesu ubengabuya ahlale njengomuntu esihlalweni sobukhosi sasemhlabeni, ubeyoba ngaphansi ngesikhundla kunezingelosi. Kodwa uza njengonamandla nangenkazimulo engaphezu kwawo wonke lamadodana kaNkulunkulu omoya futhi ngalokho-ke akabonakali njengoba nawo engabonakali.—Filipi 2:8-11.
5. Kungani uKristu engenakubuya ngomzimba wenyama?
5 Ngakolunye uhlangothi, eminyakeni eyi-1 900 edlule kwakudingekile ngoJesu ukuba azehlise abe ngumuntu. Wayedinga ukunikela ngokuphila kwakhe okuphelele kobuntu njengesihlengo sethu. UJesu wake wakuchaza ngalendlela: “Isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.” (Johane 6:51) Ngakho uJesu wanikela ngomzimba wakhe wenyama njengomhlatshelo wesintu. Lowomhlatshelo wawuzosebenza isikhathi eside kangakanani? Umphostoli uPawulu uyaphendula: “Singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye ewunikelela ingunaphakade.” (Heberu 10:10, NW) Ngemva kokuba esenikele inyama yakhe ngenxa yokuphila kwezwe, uKristu wayengenakukwazi ukuba ayithathe futhi aphinde abe ngumuntu. Ngenxa yalesosizathu esiyisisekelo ukubuya kwakhe kwakungenakuba ngesimo somzimba womuntu lowo ayewunikele kanye ewunikelela ingunaphakade.
UMZIMBA WENYAMA AWUYI EZULWINI
6. Kungani abantu abaningi bekholelwa ukuthi uKristu wahamba nomzimba wakhe wenyama waya ezulwini?
6 Nokho, abantu abaningi bakholelwa ukuthi uKristu wathatha umzimba wakhe wenyama waya ezulwini. Babhekisela ephuzwini lokuthi ngesikhathi uKristu evuswa kwabafileyo, umzimba wakhe wenyama wawungasekho ethuneni. (Marku 16:5-7) Futhi, ngemva kokufa kwakhe uJesu wabonakala kubafundi bakhe ngomzimba wenyama ukuze ababonise ukuthi wayephila. Ngesinye isikhathi wavumela ngisho nomphostoli uThomase ukuba afake umunwe wakhe enxebeni elalisohlangothini lwaKhe ukuze uThomase akholwe ukuthi wayevuswe ngempela. (Johane 20:24-27) Ingabe lokhu akufakazeli ukuthi uKristu wavuswa ephila ngomzimba ofanayo ayebulawe ngawo?
7. Yini ebonisa ukuthi uKristu waya ezulwini njengomuntu womoya?
7 Cha, akukufakazeli. IBhayibheli likhuluma ngokukhanyayo uma lithi: “UKristu wahlupheka kwaba-kanye ngezono, . . . ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni.” (1 Petru 3:18) Abantu abanemizimba yenyama negazi abanakuphila ezulwini. Ngokuqondene nokuvuselwa ekuphileni kwasezulwini, iBhayibheli lithi: “Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. . . . Inyama negazi akunakulidla ifa eliwumbuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 15:44-50) Kuphela abantu bomoya abanemizimba yomoya abangaphila ezulwini.
8. Yini eyenzeka emzimbeni kaKristu wenyama?
8 Khona-ke, yini eyenzeka emzimbeni kaJesu wenyama? Abazange yini abafundi bathole ithuna lakhe lingenalutho? Kwaba njalo, ngoba uNkulunkulu wasisusa isidumbu sikaJesu. UNkulunkulu wakwenzelani lokhu? Kwagcwalisa lokho okwakulotshwe eBhayibhelini. (AmaHubo 16:10, Kwelidala; IzEnzo 2:31) Ngakho uJehova wabona kufanelekile ukuwususa umzimba kaJesu, njengoba ayenzile futhi ngaphambili ngomzimba kaMose. (Duteronomi 34:5, 6) Futhi, ukuba umzimba wakhe wawushiywe ethuneni, abafundi bakaJesu babengeke baqondisise ukuthi uvusiwe kwabafileyo, ngoba ngalesosikhathi babengakaziqondi ngokugcwele izinto ezingokomoya.
9. Kwenzeka kanjani ngoThomase ukuba akwazi ukufaka umunwe wakhe enxebeni lomzimba kaKristu ovusiwe?
9 Kodwa njengoba umphostoli uThomase akwazi ukufaka umunwe wakhe enxebeni elalisohlangothini lukaJesu, ingabe lokho akubonisi ukuthi uJesu wavuswa kwabafileyo ngomzimba ofanayo nalowo ayebethelwe ngawo esigxotsheni? Cha, ngoba uJesu wamane nje wathatha umzimba wenyama, njengoba izingelosi zazenza esikhathini esingaphambili. Ukuze aqinisekise uThomase ukuthi wayengubani, wasebenzisa umzimba onamanxeba. Wabonakala engumuntu ngokuphelele, ekwazi ukudla nokuphuza, njengoba nje kwenza izingelosi ezake zamukelwa uAbrahama.—Genesise 18:8; Heberu 13:2.
10. Yini ebonisa ukuthi uJesu wayeba nemizimba yenyama ehlukahlukene?
10 Nakuba uJesu abonakala kuThomase ngomzimba ofanayo nalowo ayebulewe ngawo, wayebuye abe nemizimba ehlukahlukene uma evela kubafundi baKhe. Kungakho uMariya Magdalena aqale wacabanga ukuthi uJesu wayewumphathi wensimu. Ngezinye izikhathi abafundi bakhe babeqale bangamboni. Kulezizimo kwakungekhona ukubonakala kwakhe kwangaphandle okwakubasiza ukuba bambone, kodwa kwakungamazwi athile noma isenzo ababesibona.—Johane 20:14-16; 21:6, 7; Luka 24:30, 31.
11, 12. (a) Kungayiphi indlela uKristu ashiya ngayo umhlaba? (b) Ngakho kungayiphi indlela okumelwe silindele ngayo ukubuya kukaKristu?
11 Izinsuku ezingama-40 ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wayebonakala ngomzimba wenyama kubafundi bakhe. (IzEnzo 1:3) Wabe esemuka eya ezulwini. Kodwa abanye bangabuza: ‘Ingabe izingelosi ezimbili ezazikhona azibatshelanga yini abaphostoli ukuthi uKristu “uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini”?’ (IzEnzo 1:11) Yebo zasho. Kepha phawula ukuthi zathi “kanjalo,” azishongo ukuthi ngomzimba ofanayo. Iyiphi-ke indlela uJesu ahamba ngayo? Yayingethulile, ayimenyezelwanga kuwonk’ uwonke. Abaphostoli bakhe kuphela ababazi ngayo. Izwe lalingazi.
12 Cabangela indlela iBhayibheli elichaza ngayo ukuthi uJesu washiya ngayo abaphostoli bakhe lapho eya ezulwini: “Wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.” (IzEnzo 1:9) Ngakho lapho uJesu eqala ukukhuphukela esibhakabhakeni, ifu lamfihla emehlweni abaphostoli bakhe. Ngakho-ke, loJesu owayehamba akabange esabonakala kubo. Babengenakumbona. Khona-ke ngomzimba wakhe womoya, wabe esekhuphukela ezulwini. (1 Petru 3:18) Ngakho-ke ukubuya kwakhe nakho kwakungeke kubonakale, kwakuyoba okomzimba womoya.
INDLELA ABONWA NGAYO NGAMEHLO ONKE
13. Kumelwe siyiqonde kanjani inkulumo yokuthi “amehlo onke ayakumbona” uKristu uma ebuya namafu?
13 Khona-ke kumelwe siwaqonde kanjani amazwi esAmbulo 1:7? Lapho umphostoli uJohane uyaloba: “Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye.” Lapha iBhayibheli likhuluma ngokubona, hhayi ngamehlo enyama, kodwa ngengqondo yokuqonda. Ngakho-ke, uma umuntu ezwisisa noma eqonda indaba, angase athi, ‘Ngiyabona.’ Eqinisweni, iBhayibheli likhuluma ‘ngamehlo okuqonda kwenu.’ (Efesu 1:18, Kwelidala) Ngakho inkulumo ethi “namehlo onke ayakumbona” isho ukuthi wonke umuntu uyoqonda noma aqaphele ukuthi uKristu ukhona.
14. (a) Obani okubhekiselwe kubo ngokuthi “nabo abamgwazayo”? (b) Kungani kuyoba nosizi olukhulu uma bonke abantu ekugcineni bekuqaphela ukuba khona kukaKristu?
14 Labo “abamgwazayo” ngokoqobo uJesu abasaphili emhlabeni. Ngakho bamelele abantu, okuthi ngokulimaza abalandeli bakaKristu namuhla, balandele indlela yokuziphatha yalabobantu bekhulu lokuqala. (Mathewu 25:40, 45) Ngokushesha sizofika isikhathi ngoKristu ukuba abulale abanjalo ababi. Baye baxwayiswa kusengaphambili ngalokhu. Uma lokho kubhujiswa kwenzeka, ‘bayobona’ noma baqaphele okwenzekayo. Usizi lwabo luyoba lukhulu ngempela!
INGABE UKRISTU UBUYELA EMHLABENI?
15. Igama elithi “ukubuyela” lisetshenziswa ngayiphi indlela ngokuvamile?
15 Ukubuya akusho ngaso sonke isikhathi ukuthi umuntu ubuyela endaweni engokoqobo. Kungakho abantu abagulayo kuthiwa ‘babuyele empilweni yabo.’ Nombusi wangaphambili kungase kuthiwe ‘ubuyele embusweni.’ Ngendlela efanayo umhubi uAsafa wanxusa uJehova: “Nkulunkulu-Sebawoti, mawubuye; bheka usezulwini, ubone.” (AmaHubo 80:14) Kusobala ukuthi uAsafa wayengalindele ukuba uJehova ashiye amazulu abuyele kubantu bakhe, kodwa wacela uNkulunkulu ukuba aphendulele ukunakekela kwakhe kubantu bakhe uIsrayeli.
16. (a) Kungayiphi indlela uKristu abuyela ngayo emhlabeni? (b) UKristu wabuya nini, futhi ngalesosikhathi kwenzekani?
16 Ngendlela efanayo, ukubuya kukaKristu akusho ukubuya ngokoqobo eze kulomhlaba. Kunalokho, kusho ukuthi uthatha amandla oMbuso ngokuqondene nalomhlaba aphendulele ukunakekela kwakhe kuwo. Akudingeki ukuba ashiye isihlalo sakhe sobukhosi sasezulwini ehle ngokoqobo eze emhlabeni ukuze enze lokhu. Njengoba sesibonile esahlukweni esandulelayo, ubufakazi beBhayibheli bubonisa ukuthi ngonyaka ka-1914 C.E. safika isikhathi sikaNkulunkulu ngoKristu ukuba abuye aqale ukubusa. Kungalesosikhathi-ke lapho kwazwakala khona ukukhala ezulwini: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe.”—IsAmbulo 12:10.
17. Njengoba ukubuya kukaKristu kungabonakali, yini ayinikeza ukuze sazi ukuthi usebuyile?
17 Njengoba ukubuya kukaKristu kungabonakali, ingabe ikhona indlela yokuqinisekisa ukuthi kuye kwenzeka ngempela? Yebo, ikhona. UKristu ngokwakhe wanikeza “isibonakaliso” esibonakalayo esingase sazi ngaso ukuthi usekhona ngokungabonakaliyo nokuthi ukuphela kwezwe kuseduze. Ake sihlole leso“sibonakaliso.”
[Isithombe ekhasini 142]
UKristu wanikela ngomzimba wakhe njengomhlatshelo. Wayengenakukwazi ukuwuthatha abuye abe umuntu futhi
[Izithombe ekhasini 144, 145]
Kungani uMariya Magdalena acabanga ukuthi uJesu wayengumphathi wensimu ngemva kokuvuswa kwakhe?
Kukumuphi umzimba wenyama uJesu ovusiwe atshela uThomase ukuba afake iminwe yakhe kuwo?
[Isithombe ekhasini 147]
UKristu wayezobuya ngendlela efanayo naleyo ashiya ngayo umhlaba. Wahamba ngayiphi indlela?