Ukulahlekelwa Okunzima Kakhulu Ukubhekana Nakho
UNicolle wayeyintombazanyana ephile kahle. Kodwa ngolunye usuku kusihlwa wakhala ngobuhlungu bekhanda futhi abazali bakhe bamyisa esibhedlela. Kusihlwa ngosuku olulandelayo, esengaphansi kweso labezempilo, uNicolle wahlaselwa yisifo senhliziyo. Ukuxilongwa okwengeziwe kwembula ukuthi wayengenwe igciwane elingandile elase lisakazekele emaphashini, ezinsweni nasenhliziyweni. Phakathi namahora angu-48 nje kuphela, uNicolle washona. Wayeneminyaka emithathu kuphela.
UKUFA kothandekayo kungesinye sezenzakalo ezibuhlungu kakhulu umuntu angabhekana nazo. Ngezinye izikhathi, ukulahlekelwa kungase kubonakale kungenakubekezeleleka. U-Isabelle ongunina wale ntombazanyana uthi: “Ngimkhumbula kakhulu uNicolle. Ngikhumbula indlela ayenganga ngayo, iphunga lakhe nobumnene bakhe. Ngikhumbula indlela ayenginika ngayo imbali nsuku zonke. Ngihlale ngicabanga ngaye.”
Ingabe nawe uye washonelwa umuntu omthandayo—kungaba ingane, oshade naye, umfowenu noma udadewenu, umzali noma umngane oseduze? Uma kunjalo, ungabhekana kanjani nalolo sizi?