Ukusiza Izingane Ezisosizini
Akulula neze ukutshela umuntu omdala ukuthi othandekayo wakhe ushonile. Kodwa ake ucabange sekufanele utshele ingane indaba enjalo.
EZINGANENI eziningi ukushonelwa yilungu lomkhaya noma umngane kungase kudide—kwethuse nokwethusa. Ukusiza ingane phakathi nalesi sikhathi kuyinselele, ikakhulu kubazali abasosizini. Phela, nabo basuke bedinga ukusekelwa okungokomzwelo.
Abanye abazali bazama ukududuza ingane ngokuyitshela ukuthi oshonile usebashiyile noma akasekho. Nokho, inkulumo enjalo iyadukisa futhi iyakhohlisa. Khona-ke, ungakhuluma kanjani nengane yakho ngokufa?
URenato no-Isabelle babhekana naleyo nselele. Lapho kushona indodakazi yabo eneminyaka emithathu nengxenye, uNicolle, kwadingeka basize indodana yabo eyayineminyaka emihlanu, uFelipe, ukuba ibhekane nokufelwa.
I-Phaphama!: Namchazela kanjani uFelipe ngokushona kukaNicolle?
U-Isabelle: Sazama ukuba qotho futhi sangafihla lutho. Samkhuthaza ukuba abuze imibuzo futhi njalo sasizama ukuyiphendula ngendlela engaqondwa yingane engangaye. UNicolle wayebulawe isifo esibangelwe igciwane, ngakho samtshela ukuthi ungenwe isilwanyana esincane futhi odokotela abakwazanga ukusibulala.
I-Phaphama!: Naxoxa yini noFelipe ngalokho enikukholelwayo ngokufa?
URenato: SingoFakazi BakaJehova, futhi saba nomuzwa wokuthi ukukhuluma ngezinkolelo zethu ezisekelwe eBhayibhelini ngokufa kungamduduza uFelipe. Okushiwo yiBhayibheli kucacile—lifundisa ukuthi abafileyo abazi lutho. (UmShumayeli 9:5) Sacabanga ukuthi uma sixoxa noFelipe ngalokhu, kuzophela ukwesaba okungenzeka unako—ngokwesibonelo, ukwesaba ukuba yedwa ebusuku.
U-Isabelle: IBhayibheli lifundisa nokuthi labo abafileyo bayovuselwa epharadesi emhlabeni. Siyakukholelwa lokho futhi saba nomuzwa wokuthi izinkolelo zethu zizomsiza noFelipe. Ngakho sakhuluma naye ngalokho iBhayibheli elikufundisayo. Saxoxa ngokulandisa kweBhayibheli ngoJesu evusa indodakazi kaJayiru eneminyaka engu-12. Sabe sesichaza ukuthi noNicolle uyovuswa. Yilokho iBhayibheli elikufundisayo.—Marku 5:22-24, 35-42; Johane 5:28, 29.
I-Phaphama!: Nicabanga ukuthi uFelipe angakwazi ukukuqonda konke lokho?
URenato: Yebo, sikholelwa ukuthi angakwazi. Izingane zibhekana kangcono nokufelwa uma zinikezwe incazelo enembile, elula, ecacile nengakhohlisi. Asikho isidingo sokukwenza imfihlo. Ukufa kuyinto engokoqobo. Ngeshwa kuseyingxenye yokuphila kwethu. Ngakho abazali kudingeka bafundise izingane zabo ukuthi zingabhekana kanjani nokufelwa, njengoba senza kanjalo nathi kamuva endodaneni yethu encane uVinicius.a
I-Phaphama!: Nahamba naye yini uFelipe emngcwabeni?
URenato: Ngemva kokucabangela ubuhle nobubi bokwenza kanjalo, sanquma ukumshiya. Isithombe sento eyenzekayo siba nomthelela kakhulu enganeni engangaye. Yiqiniso ukuthi abanye abazali bangase banqume ukuhamba nayo ingane yabo, kanti ngeke ifane nendlela ingane ngayinye engabhekana ngayo nesimo. Uma unquma ukuya nengane emngcwabeni, kungakuhle ukuyitshela ukuthi kuzokwenzekani.
I-Phaphama!: Kumelwe ukuba nacindezeleka kakhulu ngokufa kukaNicolle. Kwakunikhathaza yini ukuthi indodana yenu ingase inibone nikhala?
U-Isabelle: Asizange silokothe sizame ukufihla imizwa yethu kuFelipe. Uma uJesu uqobo ‘akhala izinyembezi’ lapho kufa umuntu amthandayo, kungani thina kufanele sizibambe? (Johane 11:35, 36) Kakade kungani uFelipe kungafanele asibone sikhala? Ukungalufihli usizi lwethu kwenza kwacaca kuye ukuthi ukukhala akuyona into embi. Kuyindlela nje yokuveza imizwelo. Sasifuna ukuba abone ukuthi naye angayiveza imizwa yakhe, kunokuba ayicindezele.
URenato: Uma kugadla inhlekelele emkhayeni, izingane zivama ukuzizwa zingalondekile. Ngakho uma thina bazali siyiveza ngokukhululekile nangobuqotho imizwa yethu, nezingane ziyokwenza okufanayo. Ngemva kokulalelisisa ukuthi yini ezikhathazayo, siyakwazi ukuziqinisekisa nokuzisiza ukuba zingesabi.
I-Phaphama!: Bakhona yini abanye abanisiza?
URenato: Yebo, amalungu ebandla lethu asisekela kakhulu. Njengoba ayesivakashela, esishayela ucingo futhi esithumelela namakhadi, uFelipe wayebona ukuthi asithanda futhi asikhathalela kangakanani.
U-Isabelle: Amalungu emikhaya yethu nawo asisiza kakhulu. Ngemva kokushona kukaNicolle, ubaba wanquma ukuza njalo ekuseni azokudla nathi ukudla kwasekuseni. Kwakuyindlela ayesisekela ngayo ngoba esithanda. Kanti ukuba khona kukamkhulu wakhe eduzane kwamqinisa uFelipe.
URenato: Isikhuthazo esingokomoya esasithola emihlanganweni yobuKristu asinakuqhathaniswa. Senza umzamo wokuba singaphuthelwa yimihlangano, ngisho nakuba ngezinye izikhathi kwakunzima ukubamba izinyembezi. Ukuba semihlanganweni yobuKristu kwakusikhumbuza okuningi mayelana noNicolle. Kodwa sasazi ukuthi kufanele siqine, ikakhulu ngenxa kaFelipe.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Siza Ingane Yakho Ibhekane Nosizi,” emakhasini 18-20 kumagazini INqabayokulinda, ka-July 1, 2008, kanye nencwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 14]
Izincwadi eziboniswe ngezansi, ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova, zingabaduduza labo abashonelwe abathandekayo babo.
EZABANTU ABADALA:
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Isahluko 6: Bakuphi Abafileyo?
Isahluko 7: Ithemba Langempela Ngabathandekayo Bakho Abafile
EYEZINGANE EZINCANE:
Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Indaba 92: UJesu Uvusa Abafileyo
EYEZINGANE ESEZIKHULAKHULILE:
Funda Kumfundisi Omkhulu
Isahluko 34: Kuyokwenzekani Uma Sifa?
Isahluko 35: Singavuka Uma Sifile!
Isahluko 36: Obani Abayovuswa? Bayohlalaphi?
EYENTSHA:
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Isahluko 16: Ingabe Kuvamile Ukuba Lusizi Njengami?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 15]
INDLELA ONGASIZA NGAYO
● Khuthaza ingane ukuba ibuze imibuzo. Yenza kube lula ngengane yakho ukukhuluma nawe ngendaba yokufa nalokho okwenzekayo ekufeni.
● Kugweme ukusebenzisa inkulumo engacacile nengaqondakali—njengokuthi, umufi “usishiyile” noma “usehambile.”
● Sebenzisa amazwi alula nachaza isimo sokufa njengoba sinjalo. Abanye bavele bathi umzimba wothandekayo wabo “uyekile ukusebenza” futhi “awusakwazi ukulungiseka.”
● Yitshele ingane ukuthi kuzokwenzekani emngcwabeni; chaza ukuthi umufi ngeke akwazi ukubona nokuzwa ukuthi kwenzekani.
● Ungayifihli imizwa yakho. Lokho kuyokwenza ingane ibone ukuthi kungokwemvelo ukuba lusizi.
● Khumbula, ayikho indlela okungathiwa “efanele” yokubonisa ukudabuka. Ingane ngayinye—nesimo ngasinye—kwehlukile.
[Umthombo]
Source: www.kidshealth.org
[Isithombe ekhasini 15]
Ukusuka kwesobunxele uya kwesokudla: UFelipe, uRenato, u-Isabelle noVinicius