Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/11 kk. 18-20
  • Ngingabatholaphi Abantu Engingakha Nabo Ubungane?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabatholaphi Abantu Engingakha Nabo Ubungane?
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNGQINGETSHE 1: Ukuzehlukanisa
  • UNGQINGETSHE 2: Ukuphelelwa Yithemba
  • Thatha Isinyathelo Kuqala
  • Kungani Ngingafaneleki?
    I-Phaphama!—1991
  • Kungani Ngikhishwa Inyumbazana Njalo?
    I-Phaphama!—2007
  • Ingabe Ngidinga Abangane Abangcono?
    I-Phaphama!—2009
  • Kungani Ngingenabo Abangane?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 4/11 kk. 18-20

Intsha Iyabuza

Ngingabatholaphi Abantu Engingakha Nabo Ubungane?

“Ngineminyaka engu-21. Ababaningi ontanga yami kule ndawo engihlala kuyo, ngakho kudingeka ngichithe isikhathi nezingane ezisafunda isikole noma imibhangqwana eshadile. Iqembu lokuqala likhathazeka kakhulu ngezivivinyo zesikole, iqembu lesibili likhathazeka ngezindleko ezibhekene nemikhaya yalo. Phakathi kwakho kokubili lokhu akukho okungikhathazayo mina. Bekungaba kuhle kakhulu ukuthola abantu abafana nami!”—UCarmen.a

CISHE sonke, kungakhathaliseki ukuthi singakanani, siyafuna ukwamukeleka kwabanye. Ngokuqinisekile kunjalo nangawe. Yingakho kubuhlungu ukukhishwa inyumbazana nokunganakwa, njengokungathi abantu abakuboni—“ukuba othile nje onganakiwe,” kusho uMichaela oneminyaka engu-15 lapho ezichaza.

Kuyiqiniso, uma ungumKristu, ‘unabazalwane’ ongakha nabo ubungane. (1 Petru 2:17) Noma kunjalo, ngezinye izikhathi ungaba nomuzwa wokuthi akukho lapho wamukeleka khona. UHelena oneminyaka engu-20 nakhu akukhumbulayo, “Uma siya emihlanganweni yobuKristu, ngangihlala ngemuva emotweni ngikhale. Njengoba ngangiqhubeka ngikuthola kunzima ukuthola abantu engingazihlanganisa nabo, ngangidumala nakakhulu.”

Yini ongayenza uma unomuzwa wokuthi awunandawo? Ukuze siphendule lo mbuzo, okokuqala ake sithole (1) uhlobo lwabantu okuthola kunzima ukujwayelana nabo (2) nendlela ovame ukusabela ngayo lapho ukanye nabo.

Faka u-✔ eceleni kweqembu okubonakala kunzima ukwakha ubungane nalo.

1. Ubudala

□ abancane kunawe □ ontanga □ abadala kunawe

2. Uhlobo

Abantu

□ abathanda ukuvivinya umzimba □ abanamakhono □ abakhaliphile

3. Ubuntu babo

Abantu

□ abazethembayo □ abadumile □ abaseqenjini elithile

Manje faka u-✔ eceleni kwamagama achaza indlela osabela ngayo uma uphakathi kwabantu obaphawule ngenhla.

□ Ngenza sengathi ngithanda izinto abazithandayo noma nginamakhono afana nawabo.

□ Angikunaki lokho abakuthandayo, ngivele ngikhulume ngokuthandwa yimi.

□ Ngiyathula bese ngisebenzisa ithuba elivelayo lokuvalelisa.

Njengoba usulibonile iqembu labantu okuthola kunzima ukujwayelana nalo nendlela obusisingatha ngayo lesi simo, sesingakhuluma ngendlela ongasilungisa ngayo. Kodwa okokuqala, kunezinto ezimbalwa ezingakuvimba ekujwayelaneni nabanye okufanele uzazi futhi uzigweme.

UNGQINGETSHE 1: Ukuzehlukanisa

Inselele. Uma uphakathi kwabantu abathanda izinto ongazithandi noma abanamakhono ongenawo wena, kulula ukuzizwa ulahlekile—ikakhulukazi uma unamahloni. U-Anita oneminyaka engu-18, uthi: “Angikuthandi ukuqala ingxoxo. Ngesaba ukuthi ngizosho into engafanele.”

Lokho okushiwo yiBhayibheli. “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Kusobala ukuthi, ukuba ngunkom’ idla yodwa, kuyokwenza isimo sibe sibi nakakhulu. Empeleni, uma uzihlukanisa, uzithola usemjikelezweni ongajabulisi: Isizungu onaso sikwenza uzitshele ukuthi alikho iqembu ongakha nalo ubungane, okukwenza uzihlukanise nabanye abantu, kukwenze ube nomzwangedwa futhi uqiniseke ngokuthi awunandawo, . . . bese ubambeka kulo mjikelezo, ulokhu uzungeza kuwo, kuze kube yilapho wenza okuthile ngalesi simo!

“Abantu abakwazi ukufunda izingqondo zabanye. Uma ungasho ukuthi ufunani, ngeke ukuthole. Uma uzihlukanisa, ngeke ube nabangane. Kufanele uzame ngandlela-thile. Akulungile ukucabanga ukuthi kuwumthwalo wabanye ukwenza lokhu. Ubungane buyinto eyenziwa abantu ababili.”—UMelinda, oneminyaka engu-19.

UNGQINGETSHE 2: Ukuphelelwa Yithemba

Inselele. Abanye abantu bazama ngayo yonke indlela ukuzenza bamukeleke kangangokuba bagcina sebengabangane babantu abangalungile—becabanga ukuthi ukuba nanoma yibaphi abangane kungcono kakhulu kunokungabi nabo nhlobo. URené oneminyaka engu-15 uthi: “Ngangivame ukuphatheka kabi ngenxa yokuthi angikho eqenjini elidumile esikoleni kangangokuba kwakuze kube sengathi ngingazifaka enkingeni ukuze nje ngamukeleke kulelo qembu.”

Lokho iBhayibheli elikushoyo. “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi”—noma, njengoba i-Contemporary English Version ikubeka, “uzilimaza wena ngokuhamba neziphukuphuku.” (IzAga 13:20) Ungaphazami, ‘iziphukuphuku’ okukhulunywa ngazo kuleli vesi zingase zingasho abantu abangahlakaniphile engqondweni. Ngokuphambene, kungase kube abafundi abaphumelelayo esikoleni. Uma bengazinaki nhlobo izindinganiso zeBhayibheli, khona-ke emehlweni kaNkulunkulu bayiziphukuphuku. Uyozilimaza ngokufana nonwabu, ushintshe lokho oyikho ukuze wamukelwe yibo.—1 Korinte 15:33.

“Akubona bonke abantu okuhle ukuzihlanganisa nabo. Awubafuni abangane abakwenza ube nomuzwa wokuthi kufanele ushintshe uma uphakathi kwabo. Ufuna abangane abakuthanda ngempela futhi abayokusekela.”—UPaula, 21.

Thatha Isinyathelo Kuqala

Ungalindi ukuba abanye beze kuwe bakucele ukuba ube umngane wabo. “Asikwazi ukulindela ukuthi ngaso sonke isikhathi kufanele kube abanye abakha ubungane nathi,” kusho uGene oneminyaka engu-21. “Kufanele sanuleke kwabanye.” Izibonelo ezimbili ezilandelayo zizokusiza ekwenzeni lokho:

Bheka nabantu abangalingani nawe. Kuyaphawuleka ukuthi izibonelo eziseBhayibhelini, uJonathani noDavide cishe babeshiyana ngeminyaka engu-30, kodwa baba “amathe nolimi.”b (1 Samuweli 18:1, CEV) Sifundani? Ungakwazi ukuba umngane wabantu abadala kunawe! Cabanga nje, Kungani ufuna ukwakha ubungane nontanga yakho kuphela bese ukhala ngokuthi awubatholi abangane? Lokho kungafana nokuzincisha ukudla uze ufe esiqhingini esiwugwadule kuyilapho kunezinhlanzi eziningi endaweni okuyo. Iqiniso liwukuthi, uzungezwe abantu abaningi abahle ongakha nabo ubungane. Enye indlela ongabathola ngayo iwukubheka nakulabo abangebona ontanga yakho.

“Umama wangikhuthaza ukuba ngizame ukukhuluma nabantu abadala kunami ebandleni. Wathi ngizomangala ukwazi ukuthi kuningi kangakanani engingajabulela ukukuxoxa nabo. Wayeqinisile, manje senginabangane abaningi!”—UHelena, oneminyaka engu-20.

Hlakulela amakhono okuxoxa nabanye. Ukuqala ingxoxo akuyona into elula—ikakhulukazi uma unamahloni. Kodwa ungayiqala. Isihluthulelo (1) ukulalela, (2) ukubuza imibuzo, (3) nokubonisa ukukhathalela kwangempela.

“Ngiye ngizame ukuba yisilaleli kunokuba yisikhulumi. Uma sengikhuluma, ngiye ngizame ukungakhulumi ngami noma ngikhulume kabi ngabanye.”—USerena, oneminyaka engu-18.

“Uma umuntu efuna ukukhuluma ngento ethile engingayijwayele, ngiyamcela ukuba angichazele, ngethemba lokuthi uzoqhubeka ekhuluma nami kakhudlwana.”—UJared, oneminyaka engu-21.

Mhlawumbe ungumuntu ozithulelayo ngokwemvelo, futhi akukho lutho olubi ngalokho. Akufanele ushintshe ube yiqaphuqaphu! Kodwa uma unomuzwa wokuthi awamukeleki kwabanye, zama ukusikisela okukulesi sihloko. Ungase uzizwe ngendlela uLeah azizwa ngayo. Uthi, “Nginamahloni, ngakho kuye kudingeke ngisebenze kanzima ukuze ngixoxe nabanye. Kodwa ukuze ube nabangane, kufanele ube nobungane. Ngakho sengiqalile ukukhuluma.”

Ungazitholela izihloko ezengeziwe ezithi “Intsha Iyabuza” engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Imibhalo yaphansi]

a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

b Kungenzeka ukuthi uDavide wayesemncane lapho eba umngane kaJonathani.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 19]

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

“Emihlanganweni yobuKristu ngiye ngizame ukukhuluma nomuntu oyedwa okungenani engingavamile neze ukukhuluma naye. Ngithole ukuthi into encane nje njengokubingelela ingaba isiqalo sobungane!”

“Kwakulula kimi ukuzihlalela nje bese ngithi abanye abangithandi futhi ngeke ngamukeleke kubo. Into okwakudingeka ngiyizame ngempela, kwakuwukwenza okuthile ngakho. Ekugcineni, ukuthatha isinyathelo kuqala kunemiphumela emihle, futhi kuyasiza ekukwenzeni ube nesibindi.”

“Ngaqala kancane kancane ukuhileleka ezingxoxweni nabantu abadala. Kwakunzima ekuqaleni! Kodwa ekugcineni kwangisiza, ngoba lapho ngisemncane, ngakha ubungane obuhlala njalo nabantu abahlale bekulungele ukungisiza.”

[Izithombe]

ULauren

UReyon

UCarissa

[Ibhokisi ekhasini 20]

KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?

Ingabe wake waba nezinkinga zokuthola abangane lapho usalingana nami? Yiliphi iqembu okwakunzima kakhulu ukwakha nalo ubungane? Wabhekana kanjani naleso simo?

․․․․․

[Umdwebo ekhasini 20]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

UMJIKELEZO OBUHLUNGU WOKUBA NESIZUNGU

NGINESIZUNGU,

esingenza

ngizizwe . . . ↓

. . . NGILAHLIWE,

↑ okungenza . . .

. . .NGIZEHLUKANISE, ←

okungenza ngizizwe

sengathi . . .

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela