Ingabe Laklanywa?
Igobolondo Lomnenke Okuthiwa I-Scaly-Foot
● Lo mnenke unelinye lamagobolondo aqine kakhulu aye atholakala ezintweni ezidaliwe. Umneke i-scaly-foot otholakala ekujuleni kwe-Indian Ocean, ukwazi ukuphila ngaphansi kwamanzi ajule ngamamitha angu-2 400. Ngaphezu kwalokho, lesi silwanyana esisegobolondweni asiphazanyiswa amanzi ane-acid eningi, noma ukuguquguquka kwezinga lokushisa lamanzi—kuhlanganise namanzi ashisayo akhishwa iziphethu ezingaphansi kolwandle. Leli gobolondo libuye liwuvikele nasekuhlaselweni izilwane ezidla ezinye.
Cabanga ngalokhu: Igobolondo lalo mnenke linezingqimba ezintathu. Olokuqala lwakhiwe i-iron sulfide; olwesibili luthi alufane neprotheni etholakala kwezinye izinhlobo zeminenke; kanti olwesithathu lwenziwe ngesakhi se-calcium okuthiwa i-aragonite. Njengoba unesivikelo esinezingqimba ezintathu, lo mnenke uyavikeleka uma uhlaselwa izinkalankala eziye zizame ukuqhekeza leli gobolondo ngezindlawu zazo ezinamandla. Kungaphela izinsuku inkalankala ibambe umnenke, kodwa igobolondo lingaqhekeki nhlobo.
Besebenzisa umshini ocije njengechopho ledayimane obizwa ngokuthi i-indenter, abacwaningi bathole ukuthi “ingaphandle legobolondo liklanywe ngendlela elenza libambe amandla njengoba lichachamba,” kubika umagazini i-Discover. “Ukuchachamba kwenzeka kuphela engxenyeni engaphandle eyakhiwa yizinhlayiya ze-iron sulphide. Le ‘mifantu emincanyana’ ayigcini nje ngokubamba amandla, kodwa futhi ayivuleki ibe banzi.” Ngesikhathi esifanayo, ungqimba oluphakathi nendawo lubamba amandla ngesikhathi uhlaselwa.
Abacwaningi banethemba lokuthi bangalingisa indlela yegobolondo le-scaly-foot ukuze bakhe izigqoko zokuvikela ikhanda eziqinile nezivikelo zezinhlamvu kuhlanganise nemizimba yemikhumbi neyezindiza. “Ngisho namapayipi kawoyela anqamula i-Arctic ashaywa yizinguzunga zeqhwa angazuza,” kusho i-Discover.
Ucabangani? Ingabe igobolondo lomnenke i-scaly-foot laba khona ngengozi, noma ingabe laklanywa?
[Umdwebo ekhasini 23]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
I-Indenter
Ungqimba olungaphandle
Ungqimba oluphakathi nendawo
Ungqimba olungaphakathi
[Umthombo Wesithombe ekhasini 23]
Courtesy Anders Warén