Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukuphila Okumangalisayo Okunhlobonhlobo E-Amazon Engenhla (April 2010) Isihloko senu sithi ama-Awajun (ama-Aguaruna) akhulekela onkulunkulu abahlanu. Njengelungu lomdabu lomphakathi wama-Awajun, angivumelani nalokho. Ngicabanga ukuthi nenze iphutha, ngoba ama-Awajun amaningi azibiza ngamaKristu futhi asikhulekeli onkulunkulu abahlanu njengoba kubika umagazini wenu. Njengoba umphakathi wama-Awajun uwufunda njalo lo magazini wenu, ngicela nililungise leli phutha.
T.P.T., Peru
I-“Phaphama!” iyaphendula: Umlobi waqoqa ukwaziswa emithonjeni ehlukahlukene, kuhlanganise nezingxoxo nabathile ababehlala emphakathini wama-Aguaruna kanye neminye imithombo enyathelisiwe. Omunye wayo, “i-Atlas Regional del Perú,” yango-2004, unikeza amagama nencazelo yezithixo ezinhlanu zama-Aguaruna. Nokho, njengoba usho, eminye imiphakathi yama-Aguaruna isiguqukele ebuKristwini obuhlukahlukene. Siyaxolisa nganoma yisiphi isithombe esingesihle okungenzeka siye sasinikeza.
Indlela Yokubhekana Namalimi (May 2010) Ngiyabonga ngalesi sihloko. Nami nginenkinga yamalimi futhi ngangihlale ngizizwa nginesizungu izikhathi eziningi ngenxa yawo. Kodwa ngemva kokufunda lesi sihloko, ngaqaphela ukuthi angingedwa. Manje ngizimisele ukubhekana nokulinganiselwa kwami futhi njengoRafael, “uma kunegama elingenza ngingingize, . . . ngivele ngihleke” ngikwenze kube yihlaya.
Y. S., Japan
Intsha Iyabuza . . . Ngingakuthuthukisa Kanjani Ukuzethemba Kwami? (May 2010) Ngineminyaka engu-12 ngihlala nomama wami ogula kakhulu futhi ungikhulisa yedwa. Lapho ngifunda umbuzo othi, “Ingabe unomuzwa wokuthi uyathandwa?” ngaphendula ngokusuka enhliziyweni ngathi “Cha.” Lokho kwakungidumaza. Ngakho ngakhuluma ngakho namanye amaKristu avuthiwe kanye nomama. Lesi sihloko sangisiza ngaqonda ukuthi asikho isizathu sokuba ngizibheke ngendlela embi kangako. Baningi abantu abangithandayo. Ngiyabonga ngokungisiza ngibone ukuthi uJehova usikhathalela kanjani thina zingane ezincane.
C. H., France
Lesi sihloko sangikhuthaza ukuba ngibhekane nezinto ezibuhlungu ezangehlela esikhathini esidlule kanye nokuzizwa ngingelutho okungikhathazayo ngezinye izikhathi. Angisoze ngazikhohlwa izindlela ezintathu engingathuthukisa ngazo ukuzethemba okwakhulunywa ngazo kulesi sihloko, ikakhulukazi umfanekiso wemali edabukile kancane! Ngiyabonga ngalesi sihloko esihle kangaka!
S. W., South Korea