Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/06 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2006
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2006
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2006
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 7/06 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ukubambisana—Kubalulekile Ekuphileni (September 8, 2005) Kumelwe ngivume ukuthi lapho ngiqala ukubona isembozo salo magazini, angizange ngicabange ukuthi sizongithakazelisa lesi sihloko. Kodwa-ke ngalufunda lonke lolu chungechunge, futhi ngaluthanda kakhulu! Njengoba ngangiqhubeka ngifunda, ngangima kaningi ngibonge uJehova ngendlela emangalisayo adale ngayo izinto. Kwakuthakazelisa ukufunda ngendlela izilwane ezibambisana ngayo.

B. K., United States

Intsha Iyabuza . . . Ngingakugwema Kanjani Ukujwayelana Nabantu Abangalungile? (September 8, 2005) Ngangikhangwa umuntu ‘ongalungile’ owayengagxilile ngempela eqinisweni leBhayibheli. Lokhu kwaziswa kwangisiza ukuba ngiqonde ingozi ehlangene nokujwayelana nomuntu obuthaka ngokomoya. Kuhle ukwazi ukuthi uJehova uyasikhathalela. Ngiyabonga ngosizo olwafika ngesikhathi esifanele.

A.B.K., Zambia

Lesi sihloko sangisiza ukuba ngibone isidingo sokushintsha abangane bami. Nakuba lokho kwakunzima, lesi sihloko—engisigcina siseduze—siyaqhubeka singiqinisa. Ngiyabonga ngalolu sizo nesikhuthazo enisinikeza sona njengentsha.

L. R., United States

Umbono WeBhayibheli—Ingabe Kufanele Uthandaze ENcasakazini UMariya? (September 8, 2005) Ngiyanazisa nina njengoFakazi BakaJehova ngoba aniziphathi ngendlela ehlazisayo kanti nomagazini benu baye bangisiza kakhulu. Nokho, nisho kanjani nje nempela ukuthi akufanele sicele usizo kuMariya? Uyasinxusela kuBaba, ukuze sibe nokuthula.

E. R., Spain

I-“Phaphama!” iyaphendula: Njengoba nje isihloko sachaza, akukho ndawo eBhayibhelini lapho sigunyazwa khona ukuba sithandaze kunoma ubani omunye ngaphandle kukaNkulunkulu. Ngokompristi nomlobi ongumKatolika u-Andrew Greeley, “umfanekiso kaMariya uxhumanisa ubuKristu ngokuqondile nezinkolo zamandulo zawonkulunkulukazi.” Ngakho, ukukhulekela uMariya kunezimpande zobuqaba, hhayi ezobuKristu. Lokhu kungase kube kusha kubafundi abaningi balo magazini, futhi siyabakhuthaza labo bafundi ukuba bahlole iBhayibheli ukuze bathole ukuthi lifundisani ngempela. OFakazi BakaJehova abaningi bake baba amaKatolika, kodwa lapho betadisha iZwi likaNkulunkulu, bafunda ukuthi uNkulunkulu akafuni ukuba sisebenzise noma ubani ngaphandle kukaJesu Kristu, owukuphela kwenxusa lethu. (Hebheru 7:25) Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 15 sencwadi ethi “Lifundisani Ngempela IBhayibheli?” esinesihloko esithi “Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu,” esikhuluma ngokubaluleka kokuvumelanisa izinkolelo zethu nemiBhalo Engcwele.a

Ukulondoloza Isimo Sokwenama Lapho Ubhekene Nokugula (April 22, 2005) Umkami wabulawa izinkinga eziphathelene nesibindi ngo-December 2002. Wagula izinyanga ezingaba ngu-8. Noma kunjalo, wayekhuluma ngezinto ezakhayo kuphela futhi esixoxela nezenzakalo ezihlekisayo. Walondoloza isimo sokwenama kwaze kwaba sekugcineni. Ngemva kokufunda lesi sihloko, sengiyasiqonda isizathu salokho. Kwakudingeka ngempela ukuba yena kanye nathi silondoloze isimo esiqondile. Kumelwe ukuba kwakumenza azizwe engcono, njengoba kwakunjalo nangoConchi. Ngiyabonga ngokungisiza ukuba ngibone ukuthi kungani umkami ayenza izinto ngale ndlela.

D. H., United States

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini Ngihlala ngilangazelela ukufunda isihloko esithi “Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini.” Ngezinye izikhathi ngiye ngifunde incwadi yothile bese ngithi, ‘Nami ngizizwa ngaleyo ndlela!’ Ngezinye izikhathi ngiye ngizibuze, ‘Liye langeqa kanjani leli phuzu elivezwe kulesi sihloko?’ Ngemva kwalokho ngiye ngiphinde ngisifunde leso sihloko, futhi ukwenza kanjalo kuvame ukungihlaba umxhwele, kungikhuthaze.

M. T., Japan

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela