Ingabe Aklanywa?
Amanoni Ezilwane Ezincelisayo Zasolwandle
● Sekungamashumi eminyaka ososayensi bengaqondi ukuthi yini eyenza amahlengethwa akwazi ukubhukuda ngesivinini esingamakhilomitha angu-40 ngehora. Ososayensi babecabanga ukuthi lezi zilwane azinazo izicubu ezingazenza zibe naleli jubane. Kodwa amahlengethwa anemfihlo, imfihlo encike emanonini awo ayinkimbinkimbi atholakala ngaphansi kwesikhumba sawo, esomkhomo nesezinye izilwane zasemanzini.
Ake ucabange: “La manoni awugqinsi lwezicubu ezihleleke kahle ezinamangqamuzana amaningi anamafutha,” kusho i-New World Encyclopedia. La manoni akuyo yonke ingxenye yomzimba walesi silwane, futhi “imisipha ehlanganisa izicubu namathambo emise okwe-fan yenza la manoni anamathele kakhulu ezicutshini nasemathanjeni.” Ukuxhumana kwale misipha, kwakhiwa imicu enwebekayo yezicubu neprotheni okuthiwa i-collagen, etholakala esikhunjeni nasemathanjeni. Ngakho-ke, la manoni awalona nje ugqinsi lwamafutha olungenamsebenzi. Ayinhlangisela eyinkimbinkimbi yezicubu ezihlukahlukane eziphilayo.
Kodwa, la manoni awasiza kanjani amahlengethwa ukuba akwazi ukubhukuda ngesivinini esingaka? Amahlengethwa okuthiwa ama-porpoise angafinyelela isivinini esingaba ngamakhilomitha angu-56 ngehora. Isizathu siwukuthi, la manoni enza lezi zilwane zibe nomzimba obushelelezi. Esinye isizathu ukuthi, amanoni asezisileni nasezimpikweni zalezi zilwane anemicu ephicene futhi enwebekayo—umklamo owenza isisila sinwebeke futhi silondoloze amandla. Ngakho, lapho izicubu zesisila zisiyisa ohlangothini oluthile, njenge-spring, amanoni ayasiza ekusibuyiseni, ngaleyo ndlela onge amandla futhi awalondoloze.
Amanoni enza lezi zilwane zintante futhi zihlale zifudumele. La mafutha angamanoni alondoloza amandla angase adingeke ngezikhathi ezinzima. Yingakho-ke, la manoni esekhange labo abazama ukuthuthukisa ukusebenza kwemikhumbi nezinjini zayo.
Ucabangani? Ingabe amanoni ehlengethwa nezakhi zawo ezimangalisayo, aba khona ngengozi, noma, ingabe aklanywa?
[Umdwebo ekhasini 17]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ingxenye ephicene yemicu yemisipha enwebekayo
Imisipha eyimicu