“Angizange Ngife”
“Musani ukuma ethuneni lami nikhale,
Angikho lapho.
Angizange ngife.”
● Ingabe uyayazi le nkondlo? Wake wayizwa yini ihaywa? Emashumini eminyaka ambalwa edlule, le nkondlo iduduze abantu abaningi emhlabeni kabanzi. Kunezimbongi ezihlukahlukene okuye kwathiwa zayibhala phakathi neminyaka edlule. Abanye baze bathi iwumthandazo wokungcwaba wamaNavajo. EsiNgisini ayaziwa ngamazwi ayo okuphetha acashunwe ngenhla kodwa ngomusho wayo wokuvula othi: “Musani ukuma ethuneni lami nikhale.”
Le nkondlo yaba ingoma eshisa izikhotha eJapane eminyakeni embalwa edlule, kodwa yabangela nokudideka okukhulu. AbaseJapane bavame ukuya emathuneni ngenjongo yokuhlonipha izihlobo abakholelwa ukuthi zisaphila lapho. Ngenxa yokuthi le ngoma ayifundisi lokho abakukholelwayo, abaningi baye babuza, “Kanti bakuphi abafileyo?”
Sekuyisikhathi eside abenkolo yobuBuddha baseJapane beba nemingcwabo, imilindelo nezinkonzo zemingcwabo. Kodwa amaBuddha amaningi awakwazi ukuphendula lo mbuzo, Bakuphi abafileyo? Noma eminye imibuzo enjengethi, Ingabe abafileyo bezinye izinkolo nezizwe ezihlukahlukene baya endaweni efanayo? Kungani abafileyo bengaphenduli uma ukhuluma nabo?
Abaningi banomuzwa wokuthi azinakutholakala izimpendulo zemibuzo enjalo nokuthi ukuzifuna kuwukuchitha isikhathi nje kwaphela. Noma kunjalo, ungase uzibuze, ‘Kwenzekani lapho sifa?’ Konje zingatholakala kuphi nje izimpendulo? IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala umbhangqwana wokuqala uphelele futhi wawunika ikhaya elihle eliyingadi. Wawuzoba nethuba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni ukube wamlalela uNkulunkulu. Kodwa awuzange umlalele.
Ngakho-ke, uNkulunkulu wathatha isinyathelo. Wawuxosha lo mbhangqwana ekhaya lawo eliyiPharadesi futhi wayeka ukusekela ukuphila kwawo. Wayichaza imiphumela yokungalaleli kwawo: “Ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” Umuntu wenziwa ngomhlabathi futhi ekugcineni—lapho efa—ubuyela kuwo.—Genesise 2:7; 3:19, IBhayibheli lesiZulu elivamile.
Indoda ethile enakekela ithuna elikhulu eKofu, eJapane, yaphawula: “Amabhokisi okufakwa kuwo umlotha wezidumbu asuke egcwele umlotha namathambo lapho ngiwafaka ethuneni. Ngemva kweminyaka engaba mihlanu, asuke engasagcwele. Ngemva kweminyaka eyishumi, amaningi ala mabhokisi asuke engasenalutho nhlobo.” Imizimba yethu yakhiwa izakhi ezisemhlabathini futhi ngokuhamba kwesikhathi iba yingxenye yomhlabathi. Pho, yini esalayo?
Nakuba ukwazi ukuthi kwenzekani endaweni esizungezile kuphela lapho umuntu efa, uMdali wethu, oqaphela ngisho nokufa kukandlunkulu ngamunye, usikhumbula ngothando. (Mathewu 10:29-31) Njengoba ethembisile, uyosivusa, yebo asibuyisele ekuphileni. Uyosibiza sivuke ebuthongweni bokufa.—Jobe 14:13-15; Johane 11:21-23, 38-44.
Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngale ndaba, uyamenywa ukuba ubhalele abashicileli balo magazini, abayokujabulela ukukunikeza imininingwane eyengeziwe, noma uvakashele ingosi yethu ethi www.watchtower.org.