Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 53
  • Kwenzekani Lapho Ufa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwenzekani Lapho Ufa?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Imimoya Ayizange Iphile Emhlabeni Yase Ifa
    Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • Kwenzekani Ekufeni?
    I-Phaphama!—2007
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Umbuzo 2: Kuzokwenzekani Uma Ngifa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 53

Kwenzekani Lapho Ufa?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli lithi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5; IHubo 146:4) Ngakho, lapho sifa kuyaphela ngathi. Abafile abakwazi ukucabanga, ukwenza okuthile noma ukuba nomuzwa wokuthile.

“Uyobuyela Othulini”

UNkulunkulu wachaza ukuthi kwenzekani lapho sifa lapho ekhuluma nendoda yokuqala u-Adamu. Ngenxa yokuthi u-Adamu akazange alalele, uNkulunkulu wathi kuye: “Uluthuli, uyobuyela othulini.” (Genesise 3:19) Ngaphambi kokuba uNkulunkulu amdale “ngothuli lomhlabathi,” u-Adamu wayengekho. (Genesise 2:7) Ngokufanayo lapho u-Adamu efa wabuyela othulini futhi akazange esaba khona.

Kwenzeka okufanayo namanje kulabo abafayo. Lapho likhuluma ngabantu nezilwane iBhayibheli lithi: “Konke kuye kwaba khona kuvela othulini, futhi konke kubuyela othulini.”​—UmShumayeli 3:19, 20.

Ukufa akusona isiphelo sakho konke

Ngokuvamile iBhayibheli lifanisa ukufa nokulala. (IHubo 13:3; Johane 11:11-14; IzEnzo 7:60) Umuntu olele ubuthongo obujulile akazi ukuthi kwenzekani endaweni emzungezile. Ngokufanayo, abantu abafile abazi lutho. Noma kunjalo, iBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova angabavusa ekufeni njengokungathi ubavusa ebuthongweni aphinde abanike ukuphila. (Jobe 14:13-15) Kulabo abayovuswa uNkulunkulu, ukufa akusona isiphelo sakho konke.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela