Indlela Yomdabu YaseRussia Yokupenda Ukhuni
● Iningi lezihambeli zaseRussia liyathanda ukuthenga izinto zobuciko zohlobo oluthile, njengonodoli okuthiwa ama-matryoshka. Ezikhathini zangaphambili, iningi lalezi zinto zazenziwa abantu bendawo abanekhono ngokhuni. Le ndlela yomdabu yokupenda ukhuni kuthiwa i-khokhloma.
Kwaphela amakhulu eminyaka abaseRussia bedlela ezindishini ezigwedwe ngobunyonico zase zipendwa, kanti babesebenzisa nezinkezo, izinkomishi nezinye izitsha ezenziwe ngokhuni. Lezi zitsha zazivame ukuba nemidwebo yezitshalo noma izilwane. Bonke abantu kulezi zigodi bangase bagxile ekubazeni izinto ezihlukahlukene.
Izakhamuzi zazenza le misebenzi ebusika obubandayo nobudonsa isikhathi eside, lapho umsebenzi wokulima usanciphile. Ukwenza lezo zinto zobuciko kwakungenisa inzuzo enkulu kwamanye amadolobha nezigodi eminyakeni engamakhulu amabili noma ngaphezulu edlule. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi bonke abantu baseSemënov bake bayeka ukulima futhi ngonyaka owodwa benza izindishi zokhuni, amapuleti okudlela, izinkomishi nezinkezo okucishe kube yizigidi ezimbili.
Izakhamuzi ezihlala ngasedolobheni laseNizhniy Novgorod zasungula indlela yokuzihlobisa ngegolide izitsha zazo ezipendiwe. Kwenziwa upende nevanishi okukwazi ukumelana nokushisa, ngemva kwalokho izinto esezipendiwe zazifakwa eziko. Amazinga okushisa aphakeme ayenza lezi zinto ezinombala osasiliva zibe bushelelezi futhi zibukeke sagolide. Le nqubo isasetshenziswa nanamuhla ezimbonini ze-khokhloma eNizhniy Novgorod.
Imiklamo ye-khokhloma yayihlanganisa izimbali nezitshalo ezitholakala emahlathini nasezindaweni eziyizimfunda zaseRussia kanye nezinyoni nezinhlanzi. Okuvame kakhulu utshani obugoqene namacembe anezithelo, njengezinhlobonhlobo zamajikijolo. Imibala evamile obomvu, omnyama, osagolide noluhlaza okotshani. Namuhla, ngenxa yobuciko be-khokhloma, amatafula adlela abantu abavela ezindaweni eziningi emhlabeni ahlotshiswe ngemibala emihle yasemaphandleni aseRussia.