Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/11 kk. 7-9
  • Lokho Okushiwo Abazali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Okushiwo Abazali
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Ebuzwa Abazali
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Bazali, Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 10/11 kk. 7-9

Lokho Okushiwo Abazali

Uma ungumzali wengane esesenkulisa, cishe ubhekana nezinselele. Ngokwesibonelo, kufanele ubhekane kanjani nesimo lapho ingane ivukwa iconsi? Ungayifundisa kanjani umehluko phakathi kokulungile nokungalungile futhi uyiyale ngokulinganisela? Phawula ukuthi abanye abazali bazisingathe kanjani lezi zimo.

UKUVUKWA ICONSI

“Lapho umntwana ekule nkathi yokuhlupha, uyaye alindele ukuthola yonke into ayifunayo. Indodana yethu yayinale nkinga. Uma ingakunikwa ekufunayo, yayivele ibe nolaka. Kwakuyingane yethu yokuqala, ngakho sasingazi lutho ngokuba kwengane neconsi. Akuzange kwenze mehluko ngisho nalapho abanye besitshela ukuthi kufanele silulindele lolu hlobo lokuziphatha.”—USusan, eKenya.

“Lapho ineminyaka emibili, indodakazi yethu yayivele ilale phansi, iklabalase, ikhale, ikhahlele . . . Kwakucasula kakhulu lokho! Ukuzama ukukhuluma nayo ngaleso sikhathi kwakungasizi. Ngakho, mina nomyeni wami sasithi ayiye ekamelweni layo bese siyitshela ngomoya ophansi ukuthi uma isingcono ibuye sizokhuluma ngaleyo ndaba. Lapho isibhodlile, omunye wethu wayeya ekamelweni layo ayisize ibone ukuthi kungani lokhu kuziphatha kungamukeleki. Le ndlela yokwenza yaphumelela. Ngolunye usuku saze sayizwa ithandaza kuNkulunkulu icela ukuba ayixolele. Ngokuhamba kwesikhathi, iconsi lancipha futhi ekugcineni laphela.”—UYolanda, eSpain.

“Ojahidada bazama ukubona ukuthi bangaziphoqelela kangakanani izinto. Ukuvumela ingane ukuba yenze into obuyenqabele ngokucacile kungayenza idideke. Sathola ukuthi uma siqina futhi singaguquguquki, izingane zethu zaziya zifunda ukuthi ukuklabalasa akuyona indlela yokuthola izinto ezizifunayo.”—UNeil, eBrithani.

ISIYALO

“Uma ingane ingakayihlanganisi iminyaka emihlanu, kunzima ukubona ukuthi ilalela kahle kangakanani. Okubalulekile ukuphindaphinda. Kufanele uphindaphinde izikhathi ezingenakubalwa, ugcizelele ngezandla nangezwi eliqinile.”—USerge, eFrance.

“Nakuba izingane zethu zozine zakhulela ngaphansi kwezimo ezifanayo, ngayinye yayihlukile. Enye yayikhaliswa ukwazi nje ukuthi isiphoxile; kanti enye yayizama ukubona ukuthi ingayenza ngezinga elingakanani into engavunyelwe ngaphandle kokuthola isijeziso. Kwezinye izimo ukuyithi nhlá ngeso noma ukuyithethisa kwakwanele, kanti kwezinye izimo kwakudingeka kuze kukhishwe isijeziso.”—UNathan, eCanada.

“Kubalulekile ukuba ungayekethisi. Kodwa ngesikhathi esifanayo, umzali akufanele abe uzwi lakhe noma aqine kakhulu. Ngezinye izikhathi lapho ingane izisola ngempela, siyaye sibone kungcono ukuyibonelela futhi singayijezisi kangako.”—UMatthieu, eFrance.

“Ngizama ukungabeki imithetho eminingi kakhulu, kodwa leyo ekhona kumelwe igcinwe nakanjani. Indodana yami eneminyaka emithathu iyazi ukuthi kuzokwenzekani uma ingalaleli futhi lokho kuyayisiza iziphathe kahle. Yiqiniso ukuthi uma ngikhathele kungaba lula ukuvele ngizishalazele izenzo ezingafanele. Kodwa ukuze kungabi nokuguquguquka, ngiyazicindezela ukuba ngithathe isinyathelo. Ukungaguquguquki kubaluleke kakhulu!”—UNatalie, eCanada.

UKUNGAGUQUGUQUKI

“Kubonakala sengathi izingane ezincane azikhohlwa uma umzali ebonisa ukuguquguquka.”—UMilton, eBolivia.

“Ngezinye izikhathi indodana yami icela into eyodwa ngezindlela ezihlukahlukene ukuze ibone ukuthi sizoyinika impendulo efanayo yini. Noma uma ngisho enye into, unina asho okwehlukile, izozama ukusebenzisa leso simo ukuze kwenzeke lokho ekufunayo.”—U-Ángel, eSpain.

“Ngezinye izikhathi lapho ngeneme ngangingayinaki indodana yami uma idelela kodwa ngangiyijezisa kanzima uma ngingeneme. Ngathola ukuthi lokhu kwakuyenza ihluphe nakakhulu.”—UGyeong-ok, eKorea.

“Kubalulekile ukuba izingane zazi ukuthi uma uhlobo oluthile lokuziphatha lungalungile namuhla, luyohlale lungalungile.”—U-Antonio, eBrazil.

“Uma abazali benganamatheli entweni abayishilo, ingane iyocabanga ukuthi ubaba nomama abaqondakali, izinqumo zabo ziya ngokuthi beneme yini noma cha. Kodwa uma abazali benamathela ezindinganisweni zabo, izingane ziyokwazi ukuthi okungalungile kuyohlale kungalungile. Lena enye yezindlela abazali abavikela ngayo izingane futhi bazibonise uthando.”—UGilmar, eBrazil.

“Izingane zingase siwasebenzise amathuba okubonakala sengathi umzali uzophoqeleka ukuba avumelane nesicelo sazo—njengalapho kukhona abanye abantu. Uma impendulo yami ingu-cha, ngivele ngikusho zisuka nje lokho futhi ngikwenza kucace endodaneni yami ukuthi angifuni ilokhu ingibelesela.”—UChang-seok, eKorea.

“Bobabili abazali kufanele bakhulume ngokuvumelana. Uma mina nomkami singavumelani ngokuthile, siqale sikhulume sisodwa. Izingane ziyakwazi ukubona uma abazali bazo bengavumelani ngento ethile futhi ziyozama ukukusebenzisa lokho ukuze zithole ezikufunayo.”—UJesús, eSpain.

“Uma ingane yazi ukuthi abazali bayo banobunye futhi akekho ongazama ukubaphamba, izizwa ivikelekile. Iyazi ukuthi yini okufanele iyilindele, kungakhathaliseki ukuthi iyalalela noma ayilaleli.”—UDamaris, eJalimane.

“Kimi nomkami, ukungaguquguquki kuhlanganisa nokugcina izwi lethu lapho sithembise indodakazi yethu into emnandi. Lokhu kuyenza yazi ukuthi ingazethemba izithembiso esizenzayo.”—UHendrick, eJalimane.

“Ukube umqashi wami ubengalokhu eguquka kulokho akulindele kimi emsebenzini, bengingacasuka. Kunjalo nangezingane. Ziyakhululeka uma ziyazi imithetho futhi zazi ukuthi ngeke iguquke. Kudingeka zazi nemiphumela yokungalaleli nokuthi nayo ngeke iguquke.”—UGlenn, eCanada.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

“U-Yebo wenu makasho uYebo, no-Cha wenu, uCha.”—Jakobe 5:12

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]

UKULANDISA KOMKHAYA

Ukukhulelwa Okungahleliwe—Indlela Esazivumelanisa Ngayo Nesimo

Njengoba Ilandiswa NguTom NoYoonhee Han

UTom: Sasinezinyanga eziyisithupha kuphela sishadile lapho umkami uYoonhee ethola ukuthi ukhulelwe. Ngaphandle ngangibonakala ngikhululekile njengoba ngangifuna ukududuza uYoonhee nokumqinisekisa ukuthi angathembela kimi. Kodwa ngaphakathi ngangethukile!

UYoonhee: Ngangikhungathekile futhi ngesaba! Ngakhala ngikhalile; ngizizwa ngingakulungele futhi ngingenakukwazi ukuba umama.

UTom: Nami ngangizizwa ngingakulungele ukuba ubaba! Kodwa ngemva kokuxoxa nabanye abazali, saqaphela ukuthi ukukhulelwa okungahleliwe kuvame kakhulu kunalokho esasikucabanga. Kwasisiza nokuba sizwe lokho abanye abazali ababekusho ngenjabulo yokuba ubaba noma umama. Kancane kancane ukwesaba kwami nokungaqiniseki kwathathelwa indawo ukulangazelela umntwana.

UYoonhee: Ngemva kokuzalwa kuka-Amanda, kwaqala ezinye izinselele. Wayekhala into engapheli futhi kwaphela amasonto ngingabuthi quthu ubuthongo. Kwakungavumi nokuba ngidle, ngenxa yalokho ngangihlale ngikhathele. Ekuqaleni ngangingafuni ukuba phakathi kwabantu. Kodwa ngabe sengibona ukuthi ukuzihlalela ngedwa ekhaya kwakungeke kungisize. Ngakho ngachitha isikhathi nabanye omama ababeqala ukuthola abantwana. Lokho kwangisiza ngaxoxa nabo ngezinselele zami futhi kwangisiza ngabona ukuthi kwakungemina ngedwa okhathazekile.

UTom: Ngalwela ukulondoloza isimiso somkhaya esingaguquguquki. Ngokwesibonelo, njengoFakazi BakaJehova, mina noYoonhee sasizimisele ukuhlanganyela njalo enkonzweni nasemihlanganweni yobuKristu. Kanti futhi ukuba nomntwana kuletha izindleko, ezinye zazo zisuke zingalindelekile. Sasiqiniseka ukuthi siphila ngokwalokho esinakho ukuze singangeni ezikweletini, okwakuyosenza sicindezeleke nakakhulu.

UYoonhee: Ekuqaleni ngangicabanga ukuthi kungase kungenzeki ukuba ngihlanganyele enkonzweni njengoba abantwana bengase baphazamise. Kodwa empeleni, abantu bayabathanda abantwana. Ukuqaphela lokho kwangisiza ngaqhubeka nenkonzo futhi ngaba nombono ofanele ngokwengeziwe ngomntanami.

UTom: IBhayibheli lithi abantwana “bayifa elivela kuJehova” futhi ‘bawumvuzo.’ (IHubo 127:3) Kimina, lawo mazwi abonisa ukuthi umntwana uyisipho esiyigugu. Njenganoma yiliphi ifa, unenkululeko yokuzikhethela ukuthi ulisebenzisa kanjani: Ungase ulilondoloze ngokuhlakanipha noma ulisaphaze. Ngifunda ukuthi isigaba ngasinye sokukhula kwengane sehlukile futhi kufanele ngibe yingxenye yokuphila kwendodakazi yami kuzo zonke izigaba zokukhula kwayo ngoba uma like ladlula leli thuba, ngeke ngiphinde ngilithole.

UYoonhee: Ngezinye izikhathi, ukuphila kuyasimangaza, kanti ukuba nengane engahlelelwe akuyona into embi. Manje u-Amanda useneminyaka eyisithupha futhi angikwazi ukuzicabanga ngiphila ngaphandle kwakhe.

[Isithombe]

UTom noYoonhee kanye nendodakazi yabo, u-Amanda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela