INcwadi Eyingqayizivele Nekade Yayisinda
“Ayikho enye incwadi eye yaphikiswa kangaka . . . , kodwa eye yasinda kukho konke ukuhlaselwa ngamandla, ngekhono nangamazwi obuciko.”
KUNGANI kufanele ulinake iBhayibheli? Isizathu sokuqala ukuthi lithi liphethe umyalezo kaNkulunkulu oya esintwini. (2 Thimothewu 3:16) Uma lokho kuyiqiniso, khona-ke uyophuthelwa ngempela uma ungalifundi.
Esinye isizathu sokunaka iBhayibheli ukuthi lingenye yezincwadi ezindala kakhulu kwezisatholakala futhi lihunyushelwe ezilimini eziningi kunazo zonke ezinye izincwadi futhi lasakazwa kakhulu. Liyincwadi eye yathengwa kakhulu kunazo zonke emlandweni futhi liyaqhubeka nokuthengwa kakhulu unyaka nonyaka.
Lokho iBhayibheli elikushoyo, ubudala balo nokusakazwa kwalo kuhlaba umxhwele ngisho nakakhulu uma sicabangela imizamo eminingi yokulinqanda eye yenziwa kuwo wonke umlando walo. “Ayikho enye incwadi eye yaphikiswa njengale; kodwa eye yasinda kukho konke ukuhlaselwa ngamandla, ngekhono nangamazwi obuciko,” kusho isazi sezenkolo sekhulu le-19, u-Albert Barnes.
Yena lo mbhali waphawula ukuthi ngokwemvelo abantu bayayithanda into eye yakwazi ukumelana nokuhlaselwa okuphindaphindiwe. UBarnes waqhubeka, “Kodwa alikho ibutho eliye lasinda ezimpini eziningi kangaka njengeBhayibheli, ayikho inqaba yasendulo eye yamelana nokuhlaselwa okungaka futhi yama yaqina lapho ibhekene nezimpi nokuwohloka okubangelwa ukuhamba kwesikhathi; alikho nedwala eliye lama langanyakaza ngale ndlela lapho lihlaselwa amagagasi neziphepho.”
Imibhalo eminingi yasendulo iye yalahleka, yashabalala noma yalibaleka, kodwa naphezu kokuhlaselwa ngonya iBhayibheli belilokhu lisinda. Abanye abantu baye balwa, bebeka ukuphila kwabo engozini ukuze balenze litholakale kubantu abavamile. Ngakolunye uhlangothi, abanye baye balihlwitha ezandleni zabafundi abalilangazelelayo futhi bawashisa obala amaBhayibheli nabanikazi bawo.
Kungani le ncwadi iye yathandwa futhi yazondwa kangaka? Isinde kuziphi izimpi? Obani ababezama ukuyiqeda? Okubaluleke nakakhulu, kungani iye yasinda? Futhi kungani umyalezo wayo ubalulekile kuwe? Amakhasi alandelayo azoxoxa ngale mibuzo.
[Ishadi/Izithombe emakhasini 2, 3]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
UMLANDO WOKUNYATHELISWA KWEBHAYIBHELI
1513 B.C.E. Kulotshwa iBhayibheli ngesiHebheru, isi-Aramu nesiGreki
–cishe kuya ku-98 C.E.
100 Kuba lula ukuliphatha ngohlelo lwe-codex
405 UJerome ulihumushela esiLatinini
1380 UWycliffe uhumushela iBhayibheli esiNgisini elisusa esiLatinini
1455 UGutenberg ukhipha iBhayibheli lokuqala elinyathelisiwe
1525 UTyndale ulihumushela esiNgisini
1938 Linyatheliswa ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000
2011 Litholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-2 500