Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/11 kk. 2-3
  • INcwadi Eyingqayizivele Nekade Yayisinda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INcwadi Eyingqayizivele Nekade Yayisinda
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi Eyingqayizivele
    I-Phaphama!—2007
  • Incwadi Esakazwa Kabanzi Kunazo Zonke Emhlabeni
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • IBhayibheli Liwumyalezo KaNkulunkulu Oze Kithi
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Kungani Sifunda IBhayibheli?
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 12/11 kk. 2-3

INcwadi Eyingqayizivele Nekade Yayisinda

“Ayikho enye incwadi eye yaphikiswa kangaka . . . , kodwa eye yasinda kukho konke ukuhlaselwa ngamandla, ngekhono nangamazwi obuciko.”

KUNGANI kufanele ulinake iBhayibheli? Isizathu sokuqala ukuthi lithi liphethe umyalezo kaNkulunkulu oya esintwini. (2 Thimothewu 3:16) Uma lokho kuyiqiniso, khona-ke uyophuthelwa ngempela uma ungalifundi.

Esinye isizathu sokunaka iBhayibheli ukuthi lingenye yezincwadi ezindala kakhulu kwezisatholakala futhi lihunyushelwe ezilimini eziningi kunazo zonke ezinye izincwadi futhi lasakazwa kakhulu. Liyincwadi eye yathengwa kakhulu kunazo zonke emlandweni futhi liyaqhubeka nokuthengwa kakhulu unyaka nonyaka.

Lokho iBhayibheli elikushoyo, ubudala balo nokusakazwa kwalo kuhlaba umxhwele ngisho nakakhulu uma sicabangela imizamo eminingi yokulinqanda eye yenziwa kuwo wonke umlando walo. “Ayikho enye incwadi eye yaphikiswa njengale; kodwa eye yasinda kukho konke ukuhlaselwa ngamandla, ngekhono nangamazwi obuciko,” kusho isazi sezenkolo sekhulu le-19, u-Albert Barnes.

Yena lo mbhali waphawula ukuthi ngokwemvelo abantu bayayithanda into eye yakwazi ukumelana nokuhlaselwa okuphindaphindiwe. UBarnes waqhubeka, “Kodwa alikho ibutho eliye lasinda ezimpini eziningi kangaka njengeBhayibheli, ayikho inqaba yasendulo eye yamelana nokuhlaselwa okungaka futhi yama yaqina lapho ibhekene nezimpi nokuwohloka okubangelwa ukuhamba kwesikhathi; alikho nedwala eliye lama langanyakaza ngale ndlela lapho lihlaselwa amagagasi neziphepho.”

Imibhalo eminingi yasendulo iye yalahleka, yashabalala noma yalibaleka, kodwa naphezu kokuhlaselwa ngonya iBhayibheli belilokhu lisinda. Abanye abantu baye balwa, bebeka ukuphila kwabo engozini ukuze balenze litholakale kubantu abavamile. Ngakolunye uhlangothi, abanye baye balihlwitha ezandleni zabafundi abalilangazelelayo futhi bawashisa obala amaBhayibheli nabanikazi bawo.

Kungani le ncwadi iye yathandwa futhi yazondwa kangaka? Isinde kuziphi izimpi? Obani ababezama ukuyiqeda? Okubaluleke nakakhulu, kungani iye yasinda? Futhi kungani umyalezo wayo ubalulekile kuwe? Amakhasi alandelayo azoxoxa ngale mibuzo.

[Ishadi/Izithombe emakhasini 2, 3]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

UMLANDO WOKUNYATHELISWA KWEBHAYIBHELI

1513 B.C.E. Kulotshwa iBhayibheli ngesiHebheru, isi-Aramu nesiGreki

–cishe kuya ku-98 C.E.

100 Kuba lula ukuliphatha ngohlelo lwe-codex

405 UJerome ulihumushela esiLatinini

1380 UWycliffe uhumushela iBhayibheli esiNgisini elisusa esiLatinini

1455 UGutenberg ukhipha iBhayibheli lokuqala elinyathelisiwe

1525 UTyndale ulihumushela esiNgisini

1938 Linyatheliswa ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000

2011 Litholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-2 500

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela