Incwadi Esakazwa Kabanzi Kunazo Zonke Emhlabeni
“IBhayibheli liyincwadi efundwa kabanzi kunazo zonke emlandweni. . . . Kuye kwasakazwa amakhophi eBhayibheli amaningi kunanoma iyiphi enye incwadi. IBhayibheli liye lahunyushwa izikhathi eziningi, futhi lahunyushelwa ezilimini eziningi kunanoma iyiphi enye incwadi.”—I-“World Book Encyclopedia.”1
KWEZINYE izici, izincwadi eziningi zinjengabantu. Ziba khona, zithandwe kakhulu, futhi—ngaphandle kwezimbalwa eziseqophelweni eliphezulu—ziphelelwe isikhathi futhi zife. Ngokuvamile imitapo iba amangcwaba enqwaba yezincwadi ezindala, ezingasafundwa futhi empeleni esezafa.
Nokho, iBhayibheli lihlukile ngisho nasezincwadini eziseqophelweni eliphezulu. Nakuba izincwadi zalo zokuqala zabhalwa eminyakeni engu-3 500 edlule, lisaphila ngempela. Liyincwadi esakazwa kabanzi kunazo zonke emhlabeni.a Unyaka ngamunye, kusakazwa amakhophi angaba izigidi ezingu-60 alo lonke iBhayibheli noma izingxenye zalo. Uhlelo lokuqala olwanyatheliswa ngomshini onyathelisa ngezinhlamvu ezihlelwa ngesandla lwanyatheliswa cishe ngo-1455 emshinini owasungulwa uJohannes Gutenberg ongumJalimane. Kusukela ngaleso sikhathi kuye kwanyatheliswa amaBhayibheli (eliphelele noma ingxenye yalo) alinganiselwa ezigidini eziyizinkulungwane ezine. Ayikho enye incwadi esondela kuleli nani, kungakhathaliseki ukuthi eyenkolo noma cha.
IBhayibheli futhi liyincwadi ehunyushwe kakhulu kunazo zonke emlandweni. IBhayibheli lilonke noma izingxenye zalo liye lahunyushelwa ezilimini ezinkulu nezincane ezingaphezu kuka-2100.b Imikhaya yesintu engaphezu kwamaphesenti angu-90 inayo okungenani ingxenye yeBhayibheli ngolimi lwayo.2 Ngaleyo ndlela, lencwadi iye yeqa imigoqo yobuhlanga neyobuzwe.
Izibalo zizodwa zingase zingabi isizathu esikwenza ufune ukuhlola iBhayibheli. Nokho, amanani okusakazwa kwalo nawokuhunyushwa kwalo ayamangalisa, afakazela ukuthi iBhayibheli liyakhanga emhlabeni wonke. Ngokuqinisekile incwadi edayiswa kakhulu kunazo zonke nehunyushelwe ezilimini eziningi kunazo zonke emlandweni wonke wesintu iyakufanelekela ukuba uyihlole.
[Imibhalo yaphansi]
a Incwadi engeyesibili esakazwa kakhulu kucatshangwa ukuthi incwajana enesembozo esibomvu ethi Quotations From the Works of Mao Tse-tung, okuye kwadayiswa noma kwasakazwa amakhophi ayo alinganiselwa ezigidini ezingu-800.
b Izibalo eziphathelene nenani lezilimi zisekelwe ezibalweni ezishicilelwe i-United Bible Societies.
[Isithombe ekhasini 6]
I-Gutenberg Bible, ngesiLatini, incwadi yokuqala ephelele eyanyatheliswa ngomshini onyathelisa ngezinhlamvu ezihlelwa ngesandla