Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/12 k. 24
  • Umboko Wendlovu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umboko Wendlovu
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Omunye Wemisebenzi Yobungcweti Yendalo”
    I-Phaphama!—1989
  • Okudingekayo Ukuze Ube Umnakekeli Wezindlovu
    I-Phaphama!—2009
  • Ihlakaniphe Kangakanani Indlovu?
    I-Phaphama!—1988
  • Izinyo Lendlovu—Libiza Kangakanani?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 4/12 k. 24

Ingabe Waklanywa?

Umboko Wendlovu

● Abacwaningi bakha ingalo eyirobhothi ekwazi ukunyakaza ngokushesha nakalula. Umphathi womnyango wokuklama enkampanini eyakha le ngalo, uthi le ngalo entsha “idlula noma yimuphi umshini otholakalayo ezimbonini okwamanje.” Yini eyaholela ekwakhiweni kwaleli robhothi? “Indlela umboko wendlovu owakheke ngayo,” kusho lo mphathi.

Cabanga ngalokhu: Njengoba unesisindo esingamakhilogremu angaba ngu-140, umboko wendlovu uye wabizwa ngokuthi “isitho esiwusizo nesikwazi ukwenza izinto ezihlukahlukene kunanoma yiliphi ithuluzi elikhona emhlabeni.” Leli thuluzi elenza imisebenzi ehlukahlukene lingaba yikhala, libe into yokuphuza, libe ingalo noma isandla. Ngalo, indlovu ingaphefumula, ihogele, iphuze, ibambe noma ikhiphe ngisho nomsindo ovala izindlebe!

Kodwa akupheleli lapho. Umboko wendlovu unemisipha engaba ngu-40 000 ewenza ukwazi ukuphendukela kunoma iluphi uhlangothi. Isebenzisa ingxenye ephambili yomboko wayo, indlovu ingacosha uhlamvu oluncane lwemali. Ngesikhathi esifanayo, iyakwazi ukusebenzisa umboko ekuthwaleni umthwalo ongafinyelela kumakhilogremu angu-270!

Abacwaningi banethemba lokuthi ukulingisa ikhono lomboko wendlovu kuyobasiza bakhe amarobhothi ezinga eliphakeme angasetshenziswa ekhaya nasezimbonini. “Siye sakha into ewusizo ehluke ngokuphelele emarobhothini ajwayelekile, ngokokuqala ngqá eyenza abantu nemishini kusebenze ndawonye ngokuphumelelayo nangaphandle kwengozi,” kusho ummeleli wenkampani esikhulume ngayo ekuqaleni.

Ucabangani? Ingabe umboko wendlovu waba khona ngengozi, noma ingabe waklanywa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela