Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/12 kk. 25-27
  • Ingabe Zingavikelwa Ekuqothulweni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Zingavikelwa Ekuqothulweni?
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imvelo Ehlukahlukene ENew Zealand
  • Imizamo Emihle
  • Isimiso Sezinto Eziphilayo Esiwubuciko
    I-Phaphama!—2001
  • Izitshalo Nezilwane Ezisengozini—Izinga Lalenkinga
    I-Phaphama!—1996
  • Okwenza Izitshalo Nezilwane Zibe Sengozini
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Izilwane Nezitshalo Zomhlaba Zingasindiswa?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 4/12 kk. 25-27

Ingabe Zingavikelwa Ekuqothulweni?

NGO-2002, iZizwe Ezihlangene zamemezela umgomo wazo wokuthi ngaphambi kokuphela kweminyaka eyishumi, zizonciphisa izinga lokuqothulwa kwezinto eziphilayo ezinhlobonhlobo nelokulinyazwa kwesimiso sobudlelwane bezinto eziphilayo. Ngokuvumelana nalowo mgomo, unyaka ka-2010 wawuzoba yi-International Year of Biodiversity.

Ngokudabukisayo, lo nyaka wafika kusekude kakhulu ukuba lowo mgomo ufinyelelwe. I-BBC yabika, “Ngenxa yezinto ezenziwa abantu, ukuqothulwa kwezinto eziphilayo sekwenyuke ngesilinganiso esingaphezu kwenkulungwane uma siqhathaniswa nesemvelo.” I-New Zealand Herald yakucacisa nakakhulu lokhu, lapho ithi: “Isitshalo esisodwa kweziyisihlanu, isilwane esisodwa esincelisayo kweziyisihlanu, inyoni eyodwa kweziyisikhombisa nesilwane sasolwandle esisodwa kwezintathu, zonke manje zisengozini yokuqothulwa emhlabeni jikelele.” Esinye isici sale nkinga sibonakala nakakhulu uma kuhlolwa lokho okwenzeka eNew Zealand eminyakeni engaphezu kwekhulu edlule.

Imvelo Ehlukahlukene ENew Zealand

Ngaphambi kokuba kuhlale abantu eNew Zealand, sasichuma isimiso sobudlelwane bezinto eziphilayo. Kodwa, abantu bokuqala abafika kule ndawo bafika nezilwane ezaba nomthelela omubi kakhulu ezilwaneni zasendle zakule ndawo. Ngokwesibonelo, amaMaori afika nezinja evela ePacific mhlawumbe ne-kiore (noma igundane lasePolynesia), elalisetshenziswa njengokudla.

Ngekhulu le-17 nele-18, kwafika abaseYurophu namagundane atholakala emikhunjini namakati—avele aphenduka izimbodla. AbaseYurophu nabo bafika nezimbuzi, izingulube, kanye nezinyamazane ukuze bathole ukudla. Phakathi nekhulu le-19, balanda isilwane esisagundane okuthiwa i-brush-tailed possum nonogwaja ukuze bathole inyama noboya—bengayicabangi indlela lezi zilwanyana ezazizoba nomthelela ngayo ezihlahleni, ezinyonini nasezimileni.

Ngenxa yokuthi ngawo-1860, onogwaja base bande ngendlela emangalisayo, kwalandwa uhlobo lwekati okuthiwa i-stoat. Kodwa, la makati ayekhetha ukuzidlela izinyoni zendawo eziyizinokwe futhi eziyizisulu ezilula. Ngenxa yalokho, onogwaja baqhubeka nokwanda.

Ngenxa yokwanda okuqhubekayo kwezilwane eziwuhlupho, uMnyango Wokuvikela Imvelo waseNew Zealand ubika ukuthi njengamanje ama-kiwi angu-9 kwayishumi achanyuselwa endle azokufa engakawuhlanganisi ngisho nonyaka. Kakade sekunezinhlobo zezinto eziphilayo ezingasekho nhlobo: izinhlobo zezinyoni ezingaphezu kuka-40; izinhlobo ezintathu zamaselesele; uhlobo olulodwa lwamalulwane; okungenani nezinhlobo ezintathu zezibankwa—kuhlanganise nezinhlobo eziningi zezinambuzane. Inani elingaphezu kwengxenye lezimila nezilwane zaseNew Zealand ezingu-5 819 kuthiwa zisengozini, okwenza izilwane nezitshalo zasendle zakuleli zwe kube phakathi kwezinto ezisengozini enkulu emhlabeni.

Imizamo Emihle

Iminyango kahulumeni isikuqaphe kakhulu ukuvimba izinhlobo eziyingozi zezimila nezezilwane ezingena eNew Zealand. Ngaphezu kwalokho, uMnyango Wokuvikela Imvelo sewenze izinhlelo eziningi zokuqeda izilwane eziwuhlupho, ikakhulukazi eziqhingini, futhi kuye kwakhiwa nezindawo zokulondoloza imvelo.

Esinye salezi ziqhingi iTiritiri Matangi, esogwini lweNhlonhlo iWhangaparaoa e-Auckland. Njengoba aqedwa amagundane kule ndawo ngo-1993 futhi kwatshalwa kabusha izihlahla zemvelo ezingaba ngu-280 000, le ndawo manje isilawulwa ngendlela efanele futhi izihambi zivakashela kuyo zilalele imisindo yezinyoni ezihlukahlukene eseziphinde zabuya, kuhlanganise nohlobo lwezinyoni ezingavamile ezihlanganisa i-saddleback, i-takahe, i-kokako, i-rifleman kanye ne-stitchbird. Njengoba zichuma kakhulu kule ndawo engenazo izilwane ezidla ezinye, lezi zilwane ezinhle zivame ukubavumela abavakashile ukuba bazibonele eduze.

Ngo-2003, iCampbell Island esendaweni esenyakatho ye-Antarctic kwathiwa ayisenawo nhlobo amagundane ngemva kohlelo lokuwaqothula olwathatha iminyaka emibili. Kusukela ngaleso sikhathi, izimbali zemvelo seziyathuthuka nezinyoni zasolwandle seziyabuya. Ngisho nedada elingavamile laseCampbell Island okuthiwa i-teal liye labuyiselwa kule ndawo.

Muva nje, kuqale umsebenzi omkhulu wokuvuselela esiqhingini saseRangitoto, esaseMotutupu kuhlanganiswe nesase-Auckland iHauraki Gulf. Injongo yalo msebenzi ukuvikela iPohutukawa, ihlathi elikhulu kunawo wonke emhlabeni futhi kusekelwe izilwane nezitshalo zasendle ezibuyiselwe kule ndawo. Ngemva kokuqeda izilwane eziningi eziwuhlupho—ezihlanganisa izimbodla, onogwaja, amakati okuthiwa ama-stoat, izinhloli (hedgehogs), amagundane aseNorway, natholakala emikhunjini—kulesi siqhingi kwatholakala upholi okuthiwa i-red-crowned nenyoni okuthiwa i-bellbird, izilwane okwase kuphele ikhulu leminyaka zingabonwa!

Lezi zibonelo zibonisa ukuthi yini engenziwa ukuze kubuyiselwe izilwane nezimila ezisengozini futhi kulungiswe namaphutha onakalisa imvelo esikhathi esidlule abangelwa ukungacabangeli isikhathi esizayo. Yonke indawo abathandi bemvelo bangabheka phambili esithembisweni seBhayibheli sokuthi uJehova uNkulunkulu, “uMenzi wezulu nomhlaba,” uyoqeda imikhuba elimazayo esongela imvelo yomhlaba, kuhlanganise izitshalo nezilwane zasendle.—IHubo 115:15; IsAmbulo 21:5.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]

Njengamanje, ama-kiwi angu-9 kwayishumi azokufa engakawuhlanganisi nonyaka

[Ibhokisi ekhasini 26]

UKUSEBENZISA IMALI EKHONA NGOKUNENZUZO

Inselele ebhekene nalabo abafuna ukuvikela imvelo embulungeni yonke, uhlu olwandayo lwezilwane nezimila ezisengozini yokuqothulwa nokungabikho kwemali eyanele yokulungisa le nkinga. Enye yezindlela ezanywayo ukuvikela imvelo esesimweni esibucayi kakhulu, isekelwe esimisweni esisebenza ezimweni eziphuthumayo ezibhedlela emhlabeni wonke. Le ndlela ebuye ibizwe ngokuthi isimiso sokulondoloza imvelo esesimweni esibucayi kakhulu, eyokuzama ukusebenzisa imali ngendlela ezoletha imiphumela engcono kakhulu, uma kucatshangelwa izinto (1) ezinjengokubaluleka kwaleso silwane noma isimila noma indawo, (2) amathuba empumelelo emsebenzini ohlongozwayo, (3) nezindleko ezihilelekile. Nakuba kungebona bonke abavumelana nayo, labo abayisekelayo bathi iyasiza ekusebenziseni imali ngendlela engcono kakhulu, ngokunaka izindawo eziyoletha imiphumela engcono kakhulu.

[Amabalazwe ekhasini 26]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

NEW ZEALAND

IHauraki Gulf

IsiQhingi iTiritiri Matangi

IRangitoto neMotutapu

ICampbell Island

[Isithombe ekhasini 25]

I-kiwi ensundu

[Umthombo]

© S Sailer/A Sailer/age fotostock

[Isithombe ekhasini 27]

I-takahe esikhulile esiQhingini saseTiritiri Matangi

[Isithombe ekhasini 27]

ICampbell Island

[Imithombo Yesithombe ekhasini 27]

Takahe: © FLPA/Terry Whittaker/age fotostock; Campbell Island: © Frans Lanting/CORBIS

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela