Umbono WeBhayibheli
Kungani Kufanele Ubancome Abanye?
ABANINGI banomuzwa wokuthi abanye abayiqapheli imizamo yabo. Ngokwesibonelo, izisebenzi zivame ukuba nomuzwa wokuthi abaqashi abazazisi. Abaningi abashadile bakholelwa ukuthi abashade nabo ababazisi. Kanti ezinye izingane zicabanga ukuthi azisoze zakwazi ukwenza lokho okulindelwe abazali bazo. Akungabazeki ukuthi imizwa enjalo ibingadamba ukube sonke besizimisele ukuncoma abanye ngezikhathi ezithile.
Amazwi aqotho okuncoma awavamile ezweni lanamuhla. Lokhu akumangazi neze ngoba iBhayibheli labikezela: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, . . . abangabongiyo, abangathembeki.”—2 Thimothewu 3:1, 2.
Ingabe ukhona owake wakuncoma ngobuqotho? Uma kunjalo, uyazi ukuthi kuthokozisa futhi kukhuthaze kanjani. “Yeka ukuthi lihle kanjani nezwi ngesikhathi salo esifanele!” kusho iBhayibheli. (IzAga 15:23) ImiBhalo Engcwele ingasisiza siphathane ngomusa.
Funa Okuhle Kwabanye
Ngenxa yokuthi unesithakazelo esijulile kithi, uNkulunkulu uyazibona futhi uyazazisa izimfanelo nezenzo zethu ezinhle. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Amehlo akhe [uNkulunkulu] aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) Uma sibonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu ngokulalela imiyalo yakhe, ngokuqinisekile uzosiqaphela.
UJehova uNkulunkulu akabheki amaphutha ethu. Ukube ubenza kanjalo, akekho kithi obengama. (IHubo 130:3) Kunalokho, uJehova unjengomuntu osebenza emayini ofuna amatshe ayigugu phakathi kwenqwaba yamatshe. Lapho lowo muntu elithola itshe eliyigugu, uyajabula. Leli tshe elimahhadla lingase lingabonakali liyigugu, kodwa lo muntu uyazi ukuthi inani lalo lizoba ngakanani. Ngokufanayo, lapho uNkulunkulu ehlola inhliziyo yethu, ufuna izimfanelo ezinhle hhayi amaphutha. Lapho ezithola, uyajabula. Uyazi ukuthi lezo zimfanelo, uma zilungiswa futhi zilolongwa, zingaveza into eyigugu ngempela—umkhulekeli kaJehova othembekile nozinikele.
Singafunda esibonelweni sikaNkulunkulu. Lapho sibheka abanye, singase sithambekele ekugxileni emaphutheni abo. Kodwa uma sibheka abantu ngendlela uJehova ababheka ngayo, siyofuna izici ezinhle kubo. (IHubo 103:8-11, 17, 18) Uma sizithola izimfanelo zabo ezinhle, singabancoma. Ube yini umphumela? Ngokuqinisekile amazwi ethu ayobaqabula futhi bangase bazame nakakhulu ukwenza okulungile! Thina siyobe sesithola injabulo elethwa ukupha.—IzEnzo 20:35.
Ziqaphele Izenzo Ezinhle
UJesu wayevame ukuziqaphela nokuzitusa izenzo ezinhle zabanye. Ngolunye usuku lapho owesifazane owayegula futhi ethukile ethinta umphetho wengubo yakhe yangaphandle ukuze aphulukiswe, uJesu wamncoma wathi: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile.”—Marku 5:34.
Kwesinye isenzakalo, lapho uJesu efundisa ethempelini eJerusalema, wabona abaningi abacebile bephonsa imali ebhokisini lomnikelo. Wabe esebona umfelokazi ompofu ephonsa “izinhlamvu zemali ezimbili ezincane ezinenani elincane kakhulu.” Abanye babenikele imali eningi kunaye. Noma kunjalo, uJesu wamtusa obala lo mfelokazi ngobuqotho bakhe, wathi: “Nginitshela iqiniso, lo mfelokazi, nakuba empofu, uphonse okungaphezu kokuphonswe yibo bonke. Ngoba bonke laba baphonse izipho ezivela enaleni yabo, kodwa lona wesifazane ekusweleni kwakhe uphonse konke abenakho abeziphilisa ngakho.”—Luka 21:1-4.
Singamlingisa kanjani uJesu? IBhayibheli lithi: “Ungabagodleli okuhle labo okubafanele, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.”—IzAga 3:27.
Ukuncoma Kunamandla
Kuleli zwe lanamuhla elingabongi, sonke siyakudinga ukuzizwa saziswa futhi sithandwa. Uma sibancoma ngobuqotho abanye, siyabaqinisa futhi siyabakhuthaza. Amazwi ethu okutusa asuka enhliziyweni abashukumisela ukuba baqhubeke benza konke okusemandleni abo.—IzAga 31:28, 29.
IBhayibheli likhuthaza wonke amaKristu: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.” (Hebheru 10:24) Umhlaba ubuyoba indawo ehlukile ukuba wonke umuntu ubenendaba nabanye, ebheka izimfanelo ezinhle kubo futhi eziqaphela izenzo zabo ezinhle. Ukuncoma kunamandla ngempela!
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Kungani kufanele sibancome abanye ngezenzo zabo ezinhle?—IzAga 15:23.
● Lapho uJehova esihlola, yini ayibhekayo?—2 IziKronike 16:9.
● Kufanele sibancome nini abanye?—IzAga 3:27.
[Isithombe ekhasini 29]
Ingabe uyaziqaphela futhi uzincome izenzo ezinhle zabanye?