2. Kugcine Kuhlanzekile
NJENGOBA nje udokotela ohlinzayo evikela iziguli zakhe ngokugeza izandla, ngokuhlanza amathuluzi, nangokuligcina lihlanzekile igumbi lokuhlinzela, nawe ungawuvikela umkhaya wakho ngokuzigcina wena, ikhishi lakho nokudla kwakho kuhlanzekile.
● Geza izandla.
UMnyango Wezempilo Yomphakathi eCanada uthi “izandla zidlulisa amaphesenti angaba ngu-80 ezifo ezivamile ezithathelwanayo njengomkhuhlane nemfiva.” Ngakho gezisisa izandla ngensipho namanzi ngaphambi kokuba udle, ngemva kokusebenzisa indlu yangasese nalapho ulungisa ukudla.
● Gcina ikhishi lakho lihlanzekile.
Olunye ucwaningo lwembula ukuthi nakuba indlu yokugeza yayibonakala iyindawo ehlanzeke kunazo zonke endlini, “izinto ezazigcwele amagciwane kakhulu kwakuyiziponji nezimfaduko ekhishini.”
Ngakho-ke, zishintshe njalo izimfaduko futhi sebenzisa amanzi anensipho noma isibulala-magciwane uma uhlanza ikhishi. Kuyavunywa, akulula neze lokhu. Owasifazane ogama lakhe lunguBola uhlala endlini engenawo umpompi. Uthi: “Kuyinselele enkulu. Kodwa sihlale sinayo insipho namanzi, ukuze sigcine ikhishi nendlu kuhlanzekile.”
● Yigeze imifino.
Ngaphambi kokuba imifino idayiswe, kungenzeka ingcoliswe amanzi angcolile, izilwane, indle noma okunye ukudla. Ngakho, ngisho noma uhlela ukuwahluba amakhasi ezithelo noma emifino, kugeze kahle ukuze ususe amagciwane ayingozi. Lokhu kuthatha isikhathi. UDaiane waseBrazil ongumama, uthi: “Uma ngenza isaladi, ngizama ukuba nesineke, ukuze ngiqiniseke ukuthi ngiyihlanzisisa kahle imifino.”
● Hlukanisa inyama eluhlaza.
Ukuze ugweme ukusabalala kwamagciwane, ivalisise noma uyigoqe inyama eluhlaza, inyama yezilwane ezinamaphiko, kanye nokudla okutholakala emanzini futhi ungakuhlanganisi nokunye ukudla. Sebenzisa izingqoko nemimese ehlukene, noma ukuhlanzisise ngensipho nangamanzi ashisayo ngemva kokuqoba inyama noma inhlanzi.
Njengoba wena uhlanzekile kuhlanganise amathuluzi akho kanye nezithako ozisebenzisayo, ungakulungisa kanjani ukudla ngendlela ephephile?
[Ibhokisi ekhasini 5]
QEQESHA IZINGANE ZAKHO: “Sifundisa izingane zethu ukuba zigeze izandla ngaphambi kokudla nokuba zikuhlanze noma zikulahle ukudla okuwele phansi.”—UHoi, eHong Kong