Ukubukeza Komkhaya
Yini Engekho Kulesi Sithombe?
Funda uGenesise 1:21-28. Yibe usubheka isithombe. Yini engekho? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi. Hlanganisa amachashazi ukuze isithombe siphelele, bese usifaka imibala.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
[Umdwebo]
(Bheka encwadini)
ENINGAXOXA NGAKHO:
Wayekhuluma nobani uNkulunkulu lapho ethi, “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu, afane nathi”?
UMKHONDO: Funda uJohane 17:1, 5; Kolose 1:15, 16.
Abantu benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu ngamuphi umqondo?
UMKHONDO: Funda eyabaseKolose 3:10; 1 Petru 1:16.
Yiziphi izimfanelo zikaJehova uNkulunkulu noJesu ozithanda ngokukhethekile? Ungazilingisa kanjani izimfanelo zabo?
UMKHONDO: Funda eyabase-Efesu 4:31, 32; 1 Johane 4:7, 8.
OKUNGENZIWA UMKHAYA:
Bhala uhlu lwezilwane ezinhlanu ozithandayo. Njengo-Adamu, ziqambe amagama amasha usebenzisa indlela ezibukeka ngayo, umsindo wazo nendlela ezenza ngayo izinto. Wafunde ngokuzwakalayo lawo magama ukuze ubone ukuthi amanye amalungu omkhaya angakwazi yini ukuqagela ukuthi silwane sini leso.
Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
Wasike, uwasonge bese uwabeka
IKHADI LEBHAYIBHELI 19 UPAWULU
IMIBUZO
A. UPawulu wasekela inkonzo yakhe ngokwenza ․․․․․.
B. Umphostoli uPawulu wafundisa abantu “obala . . . ”
C. UPawulu wavusa ekufeni insizwa okuthiwa u․․․․․.
[Ishadi]
4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.
Ukudalwa kuka-Adamu Waphila ngekhulu Kwalotshwa incwadi
lokuqala C.E. yokugcina yeBhayibheli.
[Ibalazwe]
Wazalelwa eTarsu. Wakhonza njenge-sithunywa sevangeli eYurophu nase-Asia Minor
IYUROPHU
IRoma
I-ASIA MINOR
ITarsu
IJerusalema
UPAWULU
UMLANDO
Wayekade engumshushisi wamaKristu kodwa waguquka waba umphostoli ezizweni. UJehova wamsebenzisa ukuloba izincwadi ezingu-14 zemiBhalo YamaKristu YesiGreki. UPawulu wahamba izinkulungwane zamakhilomitha njengesithunywa sevangeli futhi wamisa amabandla eYurophu nase-Asia Minor.—Roma 11:13; 1 Thimothewu 1:12-16.
IZIMPENDULO
A. amatende.—IzEnzo 18:3-5.
B. “. . . nasendlini ngendlu.”—IzEnzo 20:20.
C. “Evitiku.”—IzEnzo 20:7-12.
Abantu Namazwe
3. Igama lami nginguMaté ngineminyaka engu-7, nginoNia oneminyaka engu-8. Sihlala eRepublic of Georgia. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eRepublic of Georgia? Ingabe bangu-10 000, 17 000 noma 26 000?
4. Yiliphi ichashazi elibonisa lapho sihlala khona? Likokelezele bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona futhi ubone ukuthi ukude kangakanani neRepublic of Georgia.
A
B
C
D
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Ukuze uzitholele amakhophi engeziwe esithi “Ukubukeza Komkhaya,” yiya eNgosini ethi www.pr2711.com
● Izimpendulo “ZOKUBUKEZA KOMKHAYA” zisekhasini 26
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
1. Isidalwa esinamaphiko esindizayo.
2. Isilo sasendle.
3. 17 000.
4. B.