Lithonywe Ubudlova
IZWE namuhla lithonywe ubudlova. Kuyiqiniso ukuthi ubudlova bebulokhu buyingxenye yezokuzijabulisa. Kodwa, ngokusho kwe-Media Awareness Network, “eminyakeni yamuva kunokuthile okushintshile ngobudlova kwezokuzijabulisa. Okunye ukuthi sebubuningi kakhulu.” Kanti okunye ukuthi, “sebuyingcaca kakhulu, buhambisana nobulili futhi bugqamisa kakhulu injabulo ngokobulili elethwa ukuba nobudlova.” Ake ucabange ngokulandelayo.
Umculo: Izingoma ezinezosha ezikhuluma ngobudlova “seziyinto eyamukelekayo embonini yezomculo,” kusho umthombo ongenhla. Kusetshenziswa ulimi olungcolile, kwezinye izingoma kudunyiswa ukubulawa nokudlwengulwa kwamakhosikazi emizi ngisho nomama.
Imidlalo Yama-video: Umagazini othile waseBrithani wabathandi bemidlalo yama-video wathi: “Iqiniso elingemnandi liwukuthi, imidlalo ye-video inokuchithwa kwegazi okuningi. Umuntu othanda imidlalo yama-video kufanele athande ubudlova ngezinga elithile.” Ngokwesibonelo, omunye umdlalo othandwayo, wenza umdlali akwazi ukushaya abesifazane baze bafe ngezinduku ze-baseball. Iziphathimandla ezithile zikholelwa ukuthi imidlalo yama-video, eyenza ingqondo igxile kakhulu, ingase ibe nethonya elibi kakhulu ezinganeni kune-TV.
Amabhayisikobho: Ucwaningo lwembula ukuthi amabhayisikobho asegcwele ubudlova, ubulili nenhlamba, futhi izincazelo zokuthi injani azinakwethenjwa ngaso sonke isikhathi. Ngaphezu kwalokho, lobu budlova abenziwa nje “abantu ababi” kuphela. Olunye ucwaningo luthi, cishe ingxenye yobudlova esibubona kuyi-TV, kumabhayisikobho, nakuma-video omculo benziwa abantu okuthiwa “balungile.”
Izindaba: “Uma zinokuchitheka kwegazi, zihamba phambili,” lesi yisimiso esiqondisa abahlanganisi bezindaba kuyi-TV. Izindaba ziyibhizinisi elikhulu, futhi abezindaba bayazi ukuthi ubudlova buheha izibukeli nokuthi uma izibukeli ziziningi nabakhangisi bayaheheka, okuyibona abakhipha imali yokusekela izinhlelo ze-TV emazweni amaningi.
IziNgosi Ze-Internet: Izithombe ezenziwe nezangempela zokuhlukumeza, ukunqanyulwa kwamalungu omzimba, ukucuywa kwezitho zabantu nokubulala kuyizinto ezitholakalayo kuyi-Internet. Izingane eziningi ziyangena kulezi zingosi.
Ingabe Ubudlova Obusemithonjeni Yokwaziswa Bungakuthonya?
Ingabe buyabathonya abantu ubudlova obukuthelevishini, kumabhayisikobho, ezincwadini, emculweni nakwezinye izinto zokuzijabulisa? Kuyavunywa ukuthi, labo abenza inzuzo ngemithombo yokwaziswa enobudlova ngokuvamile bathi imikhiqizo yabo ayiyona neze ingozi. Kodwa ake ucabangele lokhu: Ukuze zithonye indlela yabantu yokucabanga, ezamabhizinisi zikhokha izinkulungwane zezigidi zamaRandi ukuze zenze izikhangiso, isikhangiso ngasinye singase sibe yimizuzwana engu-30 nje kuphela. Khona-ke, ingabe kunengqondo ukuthi ibhayisikobho edlala imizuzu engu-90, enezihlabani eziziphatha kabi futhi ezinobudlova, ngeke ibe nethonya elingako noma ngeke ibe nalo nhlobo, ikakhulukazi ezingqondweni zezingane ezithonyeka kalula?
UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, wazi ukwakheka komuntu ngaphezu kwethu. Yini asitshela yona ngokuphathelene nokuzihlanganisa nabantu abanobudlova—kuhlanganise nalabo abasijabulisa ngemithombo yokwaziswa? Cabanga ngamavesi eBhayibheli elandelayo:
● “UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.”—IHubo 11:5.
● “Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni; futhi ungangeni nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo, ukuze ungajwayelani nezindlela zakhe futhi ngokuqinisekile uthathele umphefumulo wakho ugibe.”—IzAga 22:24, 25.
Kuyiqiniso ukuthi asinakuzivikela ngokuphelele kuwo wonke amathonya amabi. Kodwa singakukhetha esizijabulisa ngakho kuhlanganise nabantu esidlelana nabo. Zibuze, ‘Hlobo luni lomuntu engifuna ukuba yilo?’ Yibe usuzihlanganisa nabantu abanjalo, abantu abanezindinganiso nemigomo efana nofuna ukuba nayo.—IzAga 13:20.
Nakuba abangane nokuzijabulisa esikukhethayo kungase kuthonye indlela esibubheka ngayo ubudlova, kunezinye izici ezingase zisithonye. Yiziphi?
[Isithombe ekhasini 4]
Ukuzijabulisa esikukhethayo kungayithonya indlela esibubheka ngayo ubudlova