Izimbangela Zobudlova
IZIMBANGELA zobudlova ziyinkimbinkimbi. Ngokuvamile, ngeke kukhonjwe into eyodwa, njengabangane, ezokuzijabulisa noma isimo senhlalo. Kunezici eziningi ezingase zihileleke, kuhlanganise nalezi ezilandelayo.
Ukuphelelwa yithemba. Ngezinye izikhathi abantu baphendukela ebudloveni lapho becindezelwe, bebandlululwa, bekhishwa inyumbazana emphakathini, bevalelwe amathuba noma benomuzwa wokuthi abakwazi ukulawula ukuphila kwabo.
Izixuku ezingalawuleki. Njengoba sivame ukubona kwezemidlalo, amaqembu abantu noma izixuku kubonakala zingakwazi ukuvimbela ukuziphatha okungafanele. Kungani? Kungenxa yokuthi njengoba incwadi ethi Social Psychology isho, “kwazona azizinaki izindinganiso zazo zokuziphatha futhi cishe nazo zingasabela ngobudlova noma ngendluzula.” Enye incwadi ithi, abantu abanjalo bangase balawulwe abanye ngokungenangqondo, balahlekelwe “yimizwa yokuba nesibopho emphakathini.”
Inzondo nomona. Isenzo sokuqala sokubulala emlandweni wabantu senziwa yindoda egama layo linguKhayini. (Genesise 4:1-8) Egcwele umona nenzondo, uKhayini wabulala umfowabo—nakuba uNkulunkulu ayemxwayisile ukuba alawule imizwelo yakhe futhi wamthembisa nokumbusisa uma eyilawula. Yeka ukuthi ayiqiniso kangakanani la mazwi eBhayibheli athi: “Lapho kukhona khona umhawu nokubanga, kukhona isiyaluyalu nayo yonke into embi”!—Jakobe 3:16.
Utshwala nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa akugcini nje ngokonakalisa umzimba nengqondo, kodwa futhi kwenza izingxenye zobuchopho ezilawulayo zingasebenzi. Ngenxa yalokho, umuntu odakiwe angase athambekele ekubeni nobudlova futhi asabele ngendluzula lapho ecunulwa.
Izimiso zezobulungisa eziyekelelayo. “Ngenxa yokuthi isigwebo ngomsebenzi omubi asizange sikhishwe ngokushesha, yingakho inhliziyo yamadodana abantu iye yaqina ngokugcwele ukuba enze okubi,” kusho umShumayeli 8:11. Izimiso zezobulungisa ezibuthaka, ezingasebenzi noma ezinenkohlakalo, zikhuthaza ubudlova ngendlela ecashile noma eqondile.
Inkolo yamanga. Inkolo ivame ukuhlotshaniswa nobudlova, kuhlanganise nodlame lwamaqembu enkolo nobuphekula. Kodwa akubona nje ontamo-lukhuni, abashisekeli benkolo nezishoshovu okufanele basolwe. Phakathi nezimpi zomhlaba ezimbili, amalungu ezinkolo ezivamile—“amaKristu” nabangewona amaKristu abulalana, ngokuvamile ayesuke ethole isibusiso sabaholi bawo benkolo. Ukuziphatha okunjalo kuyamcasula uNkulunkulu.—Thithu 1:16; IsAmbulo 17:5, 6; 18:24.
Ngenxa yezimbangela eziningi ezikhuthaza noma zidumise ubudlova, umuntu angaba yini nokuthula nabanye kuleli zwe lanamuhla? Yebo, njengoba sizobona manje.
[Ibhokisi ekhasini 6]
UBUDLOVA BUQALA NGAPHAKATHI
Nakuba ubudlova bungase bususwe yizinto eziningi, izimpande zabo zingaphakathi kithi. Kanjani? UJesu Kristu, owayeyazi kahle inhliziyo yomuntu, wathi: “Ngaphakathi, enhliziyweni yabantu, kuphuma imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala, ukuphinga, ukukhanuka, izenzo zobubi, inkohliso, ukuziphatha okubi, iso elinomona, ukuhlambalaza, ukuzidla, ukungabi nangqondo.” (Marku 7:21, 22) Siyakukhuthaza ukuthambekela okunjalo lapho sibuka siphindelela, silalela noma sicabanga ngezinto ezimbi.—Jakobe 1:14, 15.
Ngakolunye uhlangothi, uma sondla izingqondo zethu ngezinto ezinhle, njengalezo ezibalwe esihlokweni esisekhasini 8, siyazilambisa futhi ‘sizibulale’ izifiso ezimbi bese sikhulisa ezinhle. (Kolose 3:5; Filipi 4:8) UNkulunkulu uyobe esesisiza ukuba ‘sibe namandla kumuntu [esinguye] ngaphakathi.’—Efesu 3:16.
[Ibhokisi ekhasini 7]
UBUDLOVA BUXAKA OCHWEPHESHE
Kungani amanye amazwe ebika amazinga okubulala aphindwe izikhathi ezingu-60 kunamanye? Kungani izimpi nezinye izinhlobo zobudlova bekulokhu kuyinto ekhona emlandweni wabantu? Miningi imibuzo exakayo; kodwa zimbalwa izimpendulo ezanelisayo.
Abanye abacwaningi bathi ububha nokungalingani kwezenhlalo kubangela ubudlova. Ngokwezibalo ezithile, amaphesenti angaba ngu-90 okufa kwabantu ngenxa yobudlova, kuhlanganise nokuzibulala, asemazweni angacebile; futhi izindawo zemiphakathi empofu kakhulu yasemadolobheni zivame kakhulu ukuba nobugebengu. Kodwa ingabe abantu abampofu banobudlova ngempela? Noma ingabe babhekana nobudlova obengeziwe ngenxa yokuthi imiphakathi yabo ayinayo imali yokukhokhela ezokuphepha ezisezingeni elifanele? Kunezindawo ezinjengeCalcutta, eNdiya, lapho izigidi zabantu zihlwempu ngendlela edlulele. Kodwa, iCalcutta inesilinganiso sokubulawa kwabantu esiphansi kunazo zonke emhlabeni.
Abanye banombono wokuthi ukutholakala kalula kwezibhamu kwenza umphakathi ube nobudlova ngokwengeziwe. Kuyiqiniso ukuthi izibhamu zenza abantu abanobudlova babe yingozi nakakhulu. Kodwa kungani eminye imiphakathi yabantu inezinga eliphakeme labantu abanobudlova? Nakulokhu, ochwepheshe abavumelani.