Ungakufunda Ukuba Nokuthula
NAKUBA sizalwe sinokuthambekela okungalungile, ngokuvamile umuntu uyakufunda ukuziphatha ngobudlova. Kuyisimo esifanayo nangokuba nokuthula. Ubani-ke ongasifundisa izindlela zokuthula kwangempela? Ngokuqinisekile, umuntu onegunya kunabo bonke uMdali wethu, onokuhlakanipha okungenakuqhathaniswa. Cabanga ngamaphuzu ayisihlanu alandelayo namagugu okuhlakanipha ahlobene nawo atholakala eBhayibhelini.
1 “Ungabi nomona ngomuntu wobudlova.” (IzAga 3:31) Phawula amandla angempela atholakala ezimfanelweni ezinjengokuzithiba nobumnene. IzAga 16:32 zithi, “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla.” Njengodonga oluqinile lwedamu, uyakwazi ukumelana nokucindezeleka okubangelwa ukucunulwa. Empeleni, usabela ngobumnene lapho ethukuthela, futhi ngaleyo ndlela ‘anqande ukufutheka.’ (IzAga 15:1) Kodwa umuntu onolaka, uqhuma ngentukuthelo lapho ecasulwa ngisho nayinto encane nje.—IzAga 25:28.
2 Khetha abangane ngokuhlakanipha. IzAga 16:29 zithi, “Umuntu wobudlova uyoyenga umuntu wakubo.” Ngakolunye uhlangothi, “ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.” (IzAga 13:20) Yebo, lapho sizihlanganisa nabantu abanokuthula abakwazi ukuzibamba futhi abanomoya omnene, cishe nakanjani siyozama ukubalingisa.
3 Hlakulela uthando lwangempela ngabanye. Incazelo yothando engcono kunazo zonke ezake zabhalwa, itholakala kweyoku-1 Korinte 13:4-7. Ifundeka ngale ndlela ngokwengxenye: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. . . Alucasuki. Alunamagqubu. . . . Lubekezelela zonke izinto, . . . lukhuthazelela zonke izinto.” UJesu wathi uthando olufana nolukaNkulunkulu, lufinyelela nasezitheni zethu.—Mathewu 5:44, 45.
4 Qiniseka ngokuthi UNkulunkulu uyobahlulela ababi. “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, . . . ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” (Roma 12:17-19) Uma sinokholo kuNkulunkulu nasezithembisweni zakhe, sijabulela ukuthula kwangaphakathi okuyinto abantu abangenalo ukholo abangasoze bayiqonda.—IHubo 7:14-16; Filipi 4:6, 7.
5 Thembela eMbusweni kaNkulunkulu ukuba ulethe ukuthula emhlabeni. UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni wasezulwini, maduze nje ozosusa bonke abantu ababi futhi ulawule wonke umhlaba. (IHubo 37:8-11; Daniyeli 2:44) Ngaphansi kwalowo Mbuso, “olungile uyohluma,” futhi kuyoba “nokuchichima kokuthula ize ingabe isaba khona inyanga.”—IHubo 72:7.
Izimfundiso ezinjalo zeBhayibheli ziye zasiza izigidi zabantu—kuhlanganise nababethambekele ebudloveni—ukuba babe abathandi bokuthula. Cabanga ngesibonelo sikaSalvador Garza.