Ngangibuthanda Ubudlova
Njengoba ilandiswa nguSalvador Garza
LAPHO ngisewumfana, ngangibuthanda ubudlova futhi ngangilwa nawo wonke umuntu owayengicasula. Umshayi-sibhakela okhokhelwayo endaweni wakuphawula lokhu, wabe esengifundisa ukushaya isibhakela. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaba umshayi-sibhakela okhokhelwayo futhi ngilihamba lonke elase-United States. Kamuva, ngasebenza njengomvikeli welungu leqembu lezigebengu.
Ngaqhubeka ngibuthanda ubudlova nalapho sengishadile futhi nginezingane eziyisithupha. Ngaleso sikhathi, nganginendawo yegigi (nightclub). Abantu bazama kaningana ukungibulala, kodwa lokho kwakungijabulisa. Ngesinye isikhathi ngalwa namadoda amabili, ngawadubula futhi alimala kabi. Mina kanye nabanye babangane bami saze senza netulo lokuthumba esinye sezikhulu zezombangazwe esidumile. Kodwa amaphoyisa ezwa ngalelo tulo futhi ngaboshwa. Lapho amaphoyisa ezama ukubamba abanye, kwadutshulwana futhi bonke abangane bami babulawa. Ngakho ngiyajabula ngokuthi mina ngangisejele lapho kwenzeka lokhu!
Ngemva kweminyaka ethile ngakhululwa futhi ngathola umsebenzi. Ngolunye usuku ngiya ekhaya ngivela emsebenzini, ngahlaselwa ubuhlungu bekhanda obangiqeda amandla. Ngangikhathazeke kakhulu kangangokuba ngathandazela usizo. Umkami uDolores, owayefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, wayeke wangitshela ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. (IHubo 83:18) Ngakho ngathandaza ngokuqondile kuye.
Lapho sengiluleme, uDolores wangikhuthaza ukuba ngiye emihlanganweni yoFakazi BakaJehova eHholo labo loMbuso. Umusa nesithakazelo esiqotho engasithola koFakazi kwangilethela izinyembezi. Ngenxa yalokho, nami ngaqala ukufunda iBhayibheli futhi yonke impilo yami yaqala ukushintsha. Ngangizithanda izinto engangizifundiswa.
Kwathatha isikhashana nokho ukuba ngikwazi ukulawula intukuthelo yami. Ngokwesibonelo, ngolunye usuku lapho mina nomngane wami u-Antonio sisenkonzweni yendlu ngendlu, sahlangana nomuntu owavele wasichapha ngenhlamba. Ngathukuthela ngangqangqa, ngavele ngambamba. Ngenhlanhla, u-Antonio wanginqanda. Kamuva, wangikhumbuza ngesineke indlela uJesu akukhuthazelela ngayo ukuhlekwa nokuthukwa. Umphostoli uPetru, owasebenzelana eduze noJesu, wabhala: “Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka.” (1 Petru 2:23) Angithinta kakhulu lawo magama.
Uma ngibheka emuva ezinguqukweni engizenzile kule minyaka edlule, ngimbonga njalo uJehova ngomoya wakhe ongcwele, osisiza ukuba sikwazi ukuzithiba futhi sibe nokuthula kweqiniso. (Galathiya 5:22, 23) Umkhaya wami unobunye nenjabulo, futhi sijabulela nokuphila okunokuthula. Ngaphezu kwalokho, ngiye ngaba nelungelo lokukhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele, ngisiza abanye ukuba bathole ukuthula noNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 9]
Ukufunda iBhayibheli kwamsiza uSalvador wathola ukuthula