Ngafunda Ukuzonda Lokho Engangikuthanda
Ukulwa kwakuyimpilo yami. Ngangikujabulela ukumngqimuza ngamandla ami onke lowo engilwa naye ngimbone ewela ezinyaweni zami. Kwakungijabulisa ukuma maphakathi neringi ngizwe omemezelayo ebiza igama lami ethi nginqobile kuleyompi. Ngangisithanda isibha-kela! Kodwa manje, kwawona nje umcabango wobudlova usungiphatha kabi. Sengifunde ukuzonda lokho manje esengikubiza ngokuthi umdlalo wesibhakela wobugebengu.
NGO-1944, lapho ngineminyaka eyisikhombisa, ngangihlala eLares, ePuerto Rico, lapho ngazalelwa khona. Kungalesosikhathi lapho ngashaqeka khona ngokushonelwa umama. Wabulawa umdlavuza eneminyaka engu-32. Ubuhlungu baba ngaphezu kwamandla lapho esikhathini esifushane ngemva kwalokho, ngifika ekhaya ngivela esikoleni ngibona omunye wesifazane egone kubaba. Waba umama wami wokutholwa.
Ebona ukuthi angimthandi, umama wami wokutholwa wangiphatha ngonya. Ngakho ngeqa ekhaya. Ngagibela ngokunyenya elolini elalithwele amalahle namawolintshi ngase ngizunywa ubuthongo. Yeka ukuthi ngamangala kanjani lapho ngiphaphama ngizithola sengisedolobheni laseSan Juan, elingaphesheya kwesiqhingi!
Isilwi Sasemgwaqweni
Izinyanga eziyisishiyagalombili ngaba usikhotheni waseSan Juan. Ezinye izingane zazihlala zingikhathaza. Ngakho ngaphetha ngokuthi kumelwe ngilwe ukuze ngiphile. Ngemva kwezinyanga eziyisishiyagalombili amaphoyisa angithola abe esengithumela ekhaya. Umqondo wokuba nomama wokutholwa wawunganambitheki kimi ngase ngichitha isikhathi sami esiningi ngisemgwaqweni. Ngangilwa cishe zonke izinsuku. Lapho sengineminyaka eyishumi ubudala, ngaphinde ngeqa.
Ngemva kwamasonto ambalwa, amaphoyisa angithola futhi. Kulokhu ngenqaba ukuwatshela igama lami nokuthi ngingowakuphi. Ngemva kokwehluleka ukuthola umkhaya wakithi, angithumela ekhaya lezintandane eliphethwe uhulumeni edolobheni laseGuaynabo. Lapho ngafaka amagilavu ami okuqala esibhakela. Yilapho futhi engabona khona ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami igama elithi Jehova lisoqwembeni oluthile. Ngabuza ngalo, futhi ngatshelwa ukuthi uJehova kwakunguNkulunkulu wamaJuda. Angiphindanga ngalikhohlwa lelogama.
Lapho sengineminyaka engu-15 ubudala, ngalishiya ikhaya lezintandane, angiphindanga ngabuyela. Ngaqale ngathengisa amaphephandaba ukuze ngiziphilise. Nokho, noma isiphi isitaladi sasiwumzila wothile wokuthengisa. Kwakunendlela eyodwa kuphela yokuqala owami umzila wokuthengisa: ukulwa! Futhi angizithambisanga.
Eminyakeni emibili kamuva ngajoyina uMbutho Wezempi wase-United States futhi ngathola ukuqeqeshwa okuyisisekelo e-Arkansas, e-U.S.A. Ngokushesha ngaba yilungu leqembu lesibhakela. Ngabe sengidluliselwa embuthweni Wenkonzo Ekhethekile. Umsebenzi wami wawusendaweni yokulolonga umzimba, futhi usayitsheni owayengiphethe wayengumqeqeshi wesibhakela.
Umdlalo Ononya
Ngathola ukuqeqeshwa kokusebenzisa izibhakela zami ukuze ngilimaze labo engilwa nabo. Ngaqeqeshwa ukuba ngingabi nabungane eringini. Lapho kukhala insimbi, umngane wayeba isitha okumelwe singqimuzwe silahlwe phansi futhi sithi ukuthatha isithongwana uma kunokwenzeka.
Ngangifuna ukuhlala embuthweni wezempi, kodwa usayitsheni wami wathi: “Yeka embuthweni wezempi ngokushesha ngangokunokwenzeka. Yiba umshayisibhakela okhokhelwayo, futhi ngemva kweminyakana nje, ngiyokubona kuthelevishini usulwa eMadison Square Garden eNew York City.” Lokhu kwakunzima ukukukholwa! Mina lo—umfana ompofu nongenakhaya—ngibe umshayisibhakela odumile?
Ngemva kweminyaka emibili ngashiya embuthweni wezempi ngabuyela emuva ePuerto Rico. Ngolunye usuku ngo-1956, ngabona isaziso sempi yabashayisibhakela abangakhokhelwa, i-Golden Gloves. Ngayingenela leyompi futhi ngaba yingqwele yeGolden Gloves yasePuerto Rico esisindweni sama-welter. Ngabe sengiyiswa eDolobheni laseNew York ngendiza ukuze ngiyoncintisana empini kazwelonke ye-Golden Gloves. Ngalwa ngaze ngafika kuma-semifinal, kodwa ngehluleka ukuthatha isicoco. Naphezu kwalokho, ngokushesha kwase kunabaphathi nabaqeqeshi ababethembisa ukungithatha. Ngakho ngavuma ukuhlala eNew York City futhi ngiqeqeshelwe ukuba umdlali okhokhelwayo.
Ngo-1958, ngaba umshayisibhakela okhokhelwayo. Futhi usayitsheni wami wayeqinisile. Ngo-1961, eminyakeni emihlanu ngishiyile ebusosheni, ngavela kuthelevishini kazwelonke, ngilwa eMadison Square Garden. Izimpi zami eziningi zaziba kuleyonkundla yezemidlalo yodumo.
Izibhakela zami zenza abashayisibhakela abaningana baphelelwa umsebenzi. Omunye umshayisibhakela waseMexico waba yimpumputhe ngokuphelele ngenxa yezibhakela zami ezinonya. Enye futhi impi eyaba umthwalo onzima kunembeza wami ileyo engalwa kuyo nengqwele yaseDominican Republic esisindweni esiphakathi. Ngaphambi kwempi wasusa isiphithiphithi ngokuthi ngangimedlula ngesisindo esiyingxenye yekhilogremu. Isimo sakhe sengqondo sangithukuthelisa. Mina ngangingakaze ngikhononde ngento ewubala njengokuthi engilwa naye uyangedlula ngesisindo. Ngathi kuye: “Kulungile-ke, zilungiselele ngoba kusihlwa nje ngizokubulala!” Lapho ngingena eringini, elinye iphephandaba lathi “ngangibukeka njengosathane.” Emizuzwini engaphansi kwemibili, leyondoda yayisilele kuseyili iqulekile. Indlebe yayo yayilimele kabi kangangokuba ayiphindanga yalwa.
Indlela Engafunda Ngayo Ukuzonda Isibhakela
Udumo lwami lwaheha ukunakwa nobungane babadlali baseshashalazini nabaculi. Enye yezimpi zami yake yaxhaswa ngisho nayilowo owake waba yingqwele yomhlaba esisindweni sosondonzima uJoe Louis. Ngahamba kakhulu, ngaba nezimoto ezinhle, ngajabulela nezinye izinto ezibonakalayo. Nokho, njengoba kunjalo nangabanye abashayisibhakela, lokuchuma kwami kwasheshe kwaphela. Ngo-1963, ngalimala kabi ezimpini eziningana futhi angiphindanga ngakwazi ukulwa.
Cishe ngalesisikhathi ngafunda kwelinye iphephandaba ukuthi omunye umshayisibhakela odumile wayesengomunye woFakazi BakaJehova. Ngesizathu esithile, ngemva kokufunda lesosihloko, kukhona okwangitshela ukuthi inkolo yoFakazi BakaJehova ngeyabantu abacebile kuphela.
Phakathi neminyaka embalwa eyalandela, ngaba nezinkinga eziningi zempilo. Ngaba nanezikhathi zokucindezeleka okukhulu. Phakathi nesinye salezozikhathi, ngabeka isibhamu maqondana nenhliziyo yami ngase ngizidubula. Inhlamvu yaphetshezwa ubambo, ukuphila kwami kwaphepha. Ngangiphila, kodwa ngangingajabule neze futhi ngigula. Ngangingasenamali, ngingasenaludumo, ngingasasishayi isibhakela!
Kwathi ngolunye usuku, umkami uDoris wangitshela ukuthi ufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi ufuna ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso. “Angazi, Doris,” sekusho mina. “Thina singabantu abampofu, kanti oFakazi BakaJehova abantu abacebile nababalulekile.” Wangitshela ukuthi lokho akulona iqiniso nokuthi uFakazi owayemfundela wayehlala kuyo lendawo esihlala kuyo. Ngakho ngavumelana nesinqumo sakhe sokuya emihlanganweni. Kwesinye isehlakalo lapho ngisamlindele ngaphandle kweHholo LoMbuso, omunye uFakazi wangimema ukuba ngingene. Ngangigqoke izingubo zokusebenza ezingcolile, kodwa waphikelela. Ngemukelwa naphezu kwendlela engangibukeka ngayo. Lowomoya wobungane wangithinta kakhulu.
Ngokushesha ngaqala ukufunda iBhayibheli noFakazi. Ngafunda ukuthi uJehova akayena uNkulunkulu wamaJuda kuphela, njengoba ngangitshelwe kanjalo, kodwa uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uMninimandla onke, uMdali wazo zonke izinto. Ngafunda nokuthi uJehova uNkulunkulu uyabuzonda ubudlova. KumaHubo 11:5 iBhayibheli lithi: “UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.” Ngakho ngahlukana nanoma yini ehlobene nesibhakela. Ngangizazela mathupha ukuthi lomdlalo unobudlova kangakanani. Ngemva kokufunda ukuthi uNkulunkulu uwubheka kanjani, akuzange kube nakungabaza engqondweni yami ngokuthi isibhakela siwumdlalo omubi, wobugebengu. Yebo, ngafunda ukuzonda lomdlalo engangiwuthanda.
Ilungelo Elikhulu Kunawo Wonke
Ngo-1970, ngenza isinqumo sokunikezela ukuphila kwami kuJehova. Mina noDoris sabhapathizwa ngo-October wangalowonyaka. Kusukela lapho ngiye ngajabulela ilungelo lokushumayela kwabanye. Njengomshumayeli wesikhathi esigcwele, ngiye ngaba nengxenye ekusizeni abantu abangaba ngu-40 ukuba babe abakhulekeli bakaJehova.
Ngokudabukisayo, manje sengihlushwa ukulimala engakuthola phakathi neminyaka yami yobudlova. Ngangqutshuzwa kakhulu ekhanda, okwabulimaza unomphela ubuchopho bami. Nginezinkinga ekukhumbuleni izinto ezisanda kwenzeka kanye nasendlebeni yami, okuthinta ukuba ngikwazi ukuma ngiqonde. Uma ngingalinyakazisa masinya ikhanda, ngiba nesiyezi. Futhi, sekudingeka ngisebenzise imithi njalo ngenxa yezinkinga zokucindezeleka. Nokho, amaKristu engikanye nawo ayasiqonda isimo, futhi ayangisiza ukuba ngibhekane naso. Ngimbonga kakhulu uJehova ngokunginikeza amandla okuhlanganyela njalo ekumemezeleni igama lakhe nezinjongo zakhe kwabanye.
Ngijabulela ilungelo elikhulu kunawo wonke—okungukuthi, ukuba nobuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova. Ngesikhathi ngisewumshayisibhakela, empini ngayinye ngangiyidabukisa inhliziyo kaJehova. Manje sengingayijabulisa inhliziyo yakhe. Ngizwa sengathi ubekhuluma nami uqobo lapho ethi: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.”—IzAga 27:11.
Ngokushesha uJehova uzoyiqeda imisebenzi kaSathane, kuhlanganise nabo bonke ubudlova nalabo ababugqugquzelayo. Yeka ukuthi ngimbonga kanjani uJehova ngokungangifundisi ukuba ngithande okuhle nje kuphela kodwa futhi nokuba ngizonde okubi! Lokhu kuhlanganisa nokuzonda lomdlalo wobugebengu wesibhakela. (IHubo 97:10)—Njengoba ilandiswa u-Obdulio Nuñez.
[Isithombe ekhasini 13]
U-Obdulio Nuñez