Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/12 kk. 16-17
  • Imbali Enkulu Kunazo Zonke Emhlabeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imbali Enkulu Kunazo Zonke Emhlabeni
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1996
  • “Isidumbu” Siyavuka
    I-Phaphama!—2000
  • Bakusho Ngezimbali EJapane
    I-Phaphama!—1991
  • Kungani I-passionflower Yaqanjwa Kanjalo?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 8/12 kk. 16-17

Imbali Enkulu Kunazo Zonke Emhlabeni

“HAMBA nami Mnumzane, woza, ngikubonise imbali enkulukazi, enhle futhi emangalisayo,” kusho umqondisi kaJoseph Arnold owayejabule phakathi nohambo lokuqoqa izitshalo esiqhingini sase-Indonesia iSumatra. Elandela lo mqondisi, u-Arnold, isazi sezitshalo saseBrithani, wabona okuthile akubiza ngokuthi “okumangalisa ngempela.” Kwakuyimbali emangalisayo. Cishe ngemva kweminyaka engu-200, ezinhlotsheni eziningi zezimbali azibona phakathi nohambo lwakhe lwango-1818—i-rafflesia emangalisayo—isabhekwa njengembali enkulu kunazo zonke emhlabeni.

Kunezinhlobo eziningi ze-rafflesia, zonke ezimila kuphela emahlathini aseNingizimu-mpumalanga ye-Asia. Nokho, namanje kusatholakala izinhlobo ezintsha zale mbali. Uhlobo oluqhakaza kakhulu kunazo zonke i-Rafflesia arnoldii, eyethiwa ngegama likaJoseph Arnold nelomngane wakhe uSir Thomas Stamford Raffles, owayengumsunguli nombusi weSingapore. Nokho, nakuba le mbali iyinhle kangaka, kunzima ngomuntu ukuba ayikhe ukuze enze isixha sezimbali.

Okokuqala, cabanga ngobukhulu bayo. I-rafflesia ingakhula ibe isiyingi esiyimitha elilodwa esilingana nesondo lebhasi futhi inesisindo esingamakhilogremu angaba ngu-11.a Le mbali inamahlamvu amahlanu awugqinsi, anombala obomvana ngokunsundu, bese eba namaqhuqhuvana ampofu. La mahlamvu, azungeze ingxenye yembali eyindilinga efana nebhodwe futhi engathwala amalitha ayisithupha amanzi.

Okwesibili, cabanga ngephunga layo. Enye incazelo engagwegwesi yathi, i-rafflesia inuka “njengenyathi esibolile,” okuyindlela eyathola ngayo amanye amagama ayo afanelekayo elithi imbali enuka kabi nelithi umnduze onuka njengenyama ebolile.b Izimpukane ezidla inyama ebolile yizona ezihamba phambili ekuthatheni impova ngoba ziyalithanda iphunga elibi.

Le mbali ayinaso isiqu, amacembe noma izimpande futhi ukuze ikhule ithola ukudla ezinhlotsheni ezithile zezitshalo zasendle ezithandelanayo. Uma ihlumela elisha lale mbali liwa kuleso sitshalo elihleli kuso, kulithatha izinyanga ezingaba yishumi ukuvuleka futhi ngokuvamile likhula libe ngangeklabishi elikhulu. Ngemva kwamahora ambalwa, la mahlamvu amakhulu ayavuleka, aveze bonke ubuhle bawo. Phakathi nendawo evulekile kuba namaqhuqhuvana acwebezelayo abizwa ngokuthi ama-process. Umsebenzi wawo awukakaziwa kahle, nakuba abanye abacwaningi becabanga ukuthi kungenzeka ukuthi akhipha ukushisa, ngaleyo ndlela enze iphunga libe libi nakakhulu.

Nokho, ubuhle obungavamile bale mbali abuhlali isikhathi eside. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa nje, iyafa bese iqala ukubola, ishiye injimbilili emnyama enamfukayo.

I-Rafflesia arnoldii iyivelakancane futhi isengozini yokuqothulwa. Kungani? Izimbali zesilisa nezesifazane kumelwe zisondelane njengoba ziqhakaza ukuze zithelelane ngempova, manje iningi lalezi lifa lingakavuthwa noma lingakaqhakazi. Isizathu salokhu ukuthi zivunwa zisencane ukuze zisetshenziselwe imithi yokwelapha noma zenziwe isilovela esehl’ esiphundu. Lokhu kuye kwalinciphisa kakhulu inani lalezi zimbali ezikhula endle. Ukugawulwa kwamahlathi emvula asezindaweni ezishisayo kungolunye usongo olukhulu kule mbali.

Ukubona i-rafflesia kungokuhlangenwe nakho okumangalisayo. Ubukhulu bayo buhlaba umxhwele. Iphunga layo alilibaleki neze. Iyamangalisa indlela eyakheke ngayo nombala wayo. Yiqiniso, le mbali enkulu kunazo zonke emhlabeni imane nje iyisimangaliso esisodwa, emisebenzini eminingi yoMdali wethu emangalisayo. IHubo 104:24 lithi: “O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenzé ngokuhlakanipha. Umhlaba ugcwele imikhiqizo yakho.”

[Imibhalo yaphansi]

a Ezinye izinhlobo ze-rafflesia zingamasentimitha ayishumi kuphela ubukhulu.

b Imbali okuthiwa i-titan arum (Amorphophallus titanum) nayo bayibiza ngokuthi imbali enuka njengesidumbu futhi ngezinye izikhathi bayididanisa ne-rafflesia.—Bheka i-Phaphama! ka-June 22, 2000, ikhasi 31.

[Ibalazwe ekhasini 17]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IMALAYSIA

ISUMATRA

[Isithombe ekhasini 17]

Ihlumela le-rafflesia eselizovuleka

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela