Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/13 kk. 6-9
  • Ukuthuthela Kwelinye Izwe—Amaphupho Namaqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthuthela Kwelinye Izwe—Amaphupho Namaqiniso
  • I-Phaphama!—2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Amadlelo Aluhlaza
  • Uhambo Oluya Kulelo Zwe Nokuzinza Kulo
  • Ukuhlala Ndawonye Njengomndeni—Kubaluleke Ngaphezu Kwemali
  • “Nganginemibuzo Eminingi Ngingenazo Izimpendulo”
    IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
  • Ukufuna Amaphutha Kwangiholela Eqinisweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Akekho Ongakhonza Amakhosi Amabili
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 2/13 kk. 6-9

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukuthuthela Kwelinye Izwe—Amaphupho Namaqiniso

Ukufuna Amadlelo Aluhlaza

UGEORGE wayezizwa ekhungathekile. Wayengakwazi ukutholela umkhaya wakhe ukudla okwanele. Ngesikhathi esifanayo, omakhelwane babehlaselwa izifo, futhi abanye bebonakala bekhungethwe yindlala. Nokho, endaweni engamakhilomitha ambalwa nje ngaseningizimu, kwakunezwe elinothile. Wafikelwa yilo mcabango: ‘Ngizohamba ngiye kuleli zwe, ngithole umsebenzi, bese ngilanda umndeni wami ngihlale nawo.’

UPatricia naye wayefisa ukuphila okungcono kwelinye izwe. Wayengasebenzi futhi emancane amathuba okuthi angawuthola umsebenzi. Yena nesoka lakhe banquma ukusuka eNigeria badabule e-Algeria, belibangise eSpain, bengazi ukuthi uhambo olunqamula Ogwadule LwaseSahara lwaluyoba nzima kangakanani. Wathi: “Ngangikhulelwe, futhi ngizimisele ukunikeza umntanami impilo engcono.”

URachel wayefuna ukuqala impilo entsha eYurophu. Wayephelelwe umsebenzi ePhilippines, futhi izihlobo zakhe zamqinisekisa ngokuthi umsebenzi wasemakhishini mningi kwamanye amazwe. Ngakho watsheleka imali ukuze athenge ithikithi lendiza, wayesevalelisa kumyeni wakhe nasendodakazini yakhe, ebathembisa: “Sizobonana maduzane.”

Kulinganiselwa ukuthi abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-200, njengoGeorge, uPatricia noRachel baye bathuthela kwamanye amazwe emashumini eminyaka amuva. Nakuba abanye bebalekela izimpi, izinhlekelele zemvelo noma ukuhlukunyezwa, abaningi basuke behanjiswa izimo zomnotho. Iziphi izingqinamba abaye bahlangabezana nazo emazweni abathuthela kuwo? Ingabe bonke bayawathola amadlelo aluhlaza abasuke bewafuna? Kwenzekani ezinganeni ngesikhathi umzali ezishiya eyofuna iholo elingcono? Cabangela izimpendulo ezilandelayo zale mibuzo.

UKUTHUTHELA KWELINYE IZWE EZIKHATHINI ZASENDULO

Isazi sezomnotho uJ. K. Galbraith sabhala: “Ukuthuthela kwelinye izwe . . . kuyindlela endala yokubalekela ubumpofu. Inzalamizi uJakobe, ukhokho wesizwe sakwa-Israyeli wakwenza. Ngenxa yendlala eyayiseKhanani, uJakobe nawo wonke umndeni wakhe wabantu abacishe babe ngu-70 bathuthela eGibhithe, lapho bafike bahlala khona isikhathi eside. (Genesise 42:1-5; 45:9-11; 46:26, 27) Eqinisweni, uJakobe wafela khona, futhi inzalo yakhe yaqhubeka ihlala eGibhithe cishe iminyaka engaba ngu-200 ngaphambi kokuba ibuyele eKhanani.

Uhambo Oluya Kulelo Zwe Nokuzinza Kulo

Inselele yokuqala yokuthuthela kwelinye izwe kuvame ukuba uhambo ngokwalo. UGeorge, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, wahamba amakhilomitha angamakhulu enokudla okuncane. Uyakhumbula, “Uhambo lwalunzima.” Abaningi abathuthela kwamanye amazwe bagcina bengafikanga nakufika kuwo.

Umgomo kaPatricia wawuwukuya eSpain. Wahamba ngeloli elivulekile enqamula Ugwadule LwaseSahara. Uthi, “Ukusuka eNigeria siya e-Algeria kwasithatha isonto lonke futhi kuleli loli kwakumpintshene abantu abangu-25. Endleleni, sabona inqwaba yezidumbu kanye nabantu ababezulazula ogwadule bezofa noma nini. Ngokusobala, abanye abashayeli bamaloli abangenaluzwela babalaxaza endleleni abagibeli.”

Ngokungafani noGeorge noPatricia, uRachel wakwazi ukuthatha indiza waya eYurophu, lapho ayelindelwe khona umsebenzi wasemakhishini. Kodwa wayengazange acabange ukuthi wayezoyikhumbula kangakanani indodakazi yakhe eneminyaka emibili ubudala. Uyakhumbula, “Njalo uma ngibona owesifazane enakekela umntanakhe, ngangivele ngibe lusizi.”

UGeorge wakuthola kunzima ukujwayela ukuphila kwakwelinye izwe. Kwadlula izinyanga engakwazi ukuthumela imali ekhaya. Uyavuma, “Kaningi ebusuku ngangikhala ngenxa yomzwangedwa nokukhungatheka.”

Ngemva kwezinyanga eziningana ese-Algeria, uPatricia wafika emngceleni waseMorocco. Uyalandisa, “Ngakulowo mngcele, ngabeletha umntwana wentombazane. Kwadingeka ngicashele abantu abathumba abesifazane abavela kwamanye amazwe babaphoqe ukuba badayise ngomzimba. Ekugcineni, ngayithola imali eyanele yokuthatha uhambo oluyingozi olunqamula olwandle luya eSpain. Isikebhe esasihamba ngaso sasisesimweni esibi futhi singakulungele ukuthwala abagibeli abaningi. Kwakudi-ngeka sikhiphe amanzi ngezicathulo kulesi sikebhe! Lapho sifika ogwini lwaseSpain, ngangikhathele ngiyingcuba ngingasakwazi nokuhamba.”

Yiqiniso ukuthi labo abafuna ukuthuthela kwelinye izwe kufanele bacabangele okungaphezu kwezingozi ezihlobene nohambo. Kufanele bacabange nangezingqinamba ezihlobene nolimi namasiko endawo, kuhlanganise izindleko nemicikilisho yezomthetho yokuzama ukuthola ilungelo lokuba isakhamuzi noma lokuhlala kulelo zwe. Labo abahlulekayo ukuthola ilungelo elingokomthetho ngokuvamile kuba nzima ukuba bathole imisebenzi ekahle, izindlu ezifanele, imfundo noma ukwelashwa. Bangase bakuthole kunzima nokuthola izincwadi zokushayela noma ukuvula i-akhawunti yasebhange. Kanti okuvame kakhulu ukuthi abantu abathuthele kwamanye amazwe ngokungemthetho bayaxhashazwa, mhlawumbe basebenzele iholo eliphansi.

Okunye okudinga ukucatshangelwa, imali ngokwayo. Uma sikhuluma iqiniso, kungakanani ukulondeka okutholakala kuyo? IBhayibheli linikeza lesi seluleko esinengqondo: “Hlakanipha ngokwanele ukuba ungazikhandli uzama ukuceba. Imali yakho inganyamalala ngokuphazima kweso, njengokungathi imile izimpiko yandiza njengokhozi.” (IzAga 23:4, 5, Good News Translation) Khumbula nokuthi isidingo sethu esibaluleke kakhulu esezinto ezingenakuthengwa ngemali—okungukuthi, uthando, ukulondeka okungokomzwelo nomkhaya onobunye. Yeka ukuthi kudabukisa kangakanani lapho abazali bevumela isifiso semali sibe sikhulu kunothando lwabo ngomunye nomunye noma ‘kunothando’ lwabo ngezingane zabo!—2 Thimothewu 3:1-3.

Njengabantu, siphinde sibe nesidingo esingokomoya. (Mathewu 5:3) Ngakho, abazali abangayidebeseleli imithwalo yabo, benza konke okusemandleni ukufeza umthwalo abawunikwe uNkulunkulu wokufundisa izingane zabo ngaye, ngenjongo yakhe nangezindinganiso zakhe.—Efesu 6:4.

“SIFISA SENGATHI NGABE BENZA ISINQUMO ESIHLUKILE”

U-Airen, ohlala ePhilippines uthi: “Ngangineminyaka engu-9 lapho umama ehamba eya eYurophu, kuyimi omdala emantombazaneni amathathu. Wasithembisa ukudla okungcono, imfundo engcono kanye nekhaya elingcono. Ngisakhumbula mhla ehamba. Wanganga, wayesengitshela ukuba nginakekele odadewethu, uRhea noShullamite. Ngakhala ezimathonsi.

“Ngemva kweminyaka emine, noBaba wahamba waya kuMama. Lapho esahlala nathi, ngangizama ukumlandela nomaphi lapho ayeya khona. Lapho esivalelisa, mina nodadewethu sanamathela kuye kwaze kwaba yilapho egibela ibhasi. Ngaphinde ngasikhihla isililo.”

UShullamite, okunguyena omncane kula mantombazane amathathu, uyakhumbula: “U-Airen, ngaleso sikhathi owayeneminyaka engu-9 ubudala, waphenduka umama wami. Ngangimtshela zonke izinkinga zami futhi wangifundisa ukuwasha izingubo zami, ukwendlala umbhede nokunye. Uma abazali bethu besishayela ucingo, ngezinye izikhathi ngangizama ukubachazela indlela engizizwa ngayo kodwa ngangihluleka. Angiboni ukuthi babekuqonda njalo engangikusho.

“Abantu babevame ukungibuza ukuthi ngiyabakhumbula yini abazali bami. Ngangiphendula ngithi, ‘Yebo.’ Kodwa eqinisweni, ngangingasakhumbuli nokukhumbula ukuthi umama unjani. Wahamba ngineminyaka emine futhi ngakujwayela ukuphila ngaphandle kwakhe.”

U-Airen uthi, “Lapho sengineminyaka engu-16, mina nodadewethu sagcina sihambile sayohlala nabazali bethu. Ngangijabule kakhulu! Kodwa lapho sifika, ngathola ukuthi sasingasasondelene kangako nabo.”

URhea uyanezela: “Ngangingakhulumi namuntu ngezinkinga zami. Nganginamahloni ngokwemvelo futhi ngikuthola kunzima ukubonisa uthando. EPhilippines, sasihlala nomalume nomalumekazi, ababenezingane ezintathu. Nakuba izihlobo zethu zazisinakekela, zazingafani nabazali bethu bangempela.”

Ekuphetheni, u-Airen uthi: “Sasingahlupheki ngesikhathi umkhaya wakithi usempofu—sasingakaze silale singadlile. Kodwa mina nawodadewethu sahlupheka lapho abazali bethu besishiya. Sekucishe kube iminyaka emihlanu manje sihlala ndawonye njengomkhaya, kodwa iminyaka esayichitha sihlukene yashiya izibazi. Siyazi ukuthi abazali bethu bayasithanda, kodwa sifisa sengathi ngabe benza isinqumo esihlukile.”

Ukuhlala Ndawonye Njengomndeni—Kubaluleke Ngaphezu Kwemali

Izindaba zabantu abathuthela kwamanye amazwe zingase zehluke, kodwa eziningi ziphetha ngendlela ethi ayifane, njengoba sibonile endabeni kaGeorge, uRachel, noPatricia okukhulunywe ngabo ezihlokweni ezingaphambili zalolu chungechunge. Umndeni uthwala kanzima lapho umzali ehamba noma umngane womshado eshiya ashade naye ngemuva, futhi kungase kudlule iminyaka ngaphambi kokuba umndeni uphinde ube ndawonye. Endabeni yomndeni kaGeorge, kwadlula iminyaka engaphezu kwemine.

URachel wagcina ebuyele ePhilippines ukuyolanda indodakazi yakhe okwase kuphele iminyaka ecela kwemihlanu ahlukana nayo. UPatricia wafika eSpain ephethe umntwana wakhe wentombazane. Uthi: “Uwukuphela kwelungu lomndeni enginalo, ngakho ngizama ukumnakekela kahle.”

Abaningi abathuthele kwamanye amazwe bazama ukuqhubeka behlezi kuwo naphezu komzwangedwa, izinkinga zomnotho nokuhlukana isikhathi eside nemindeni yabo. Basuke bedele okuningi ukuze bathuthe kangangokuba ngisho noma izinto zingabahambeli kahle, bambalwa abakwazi ukuqunga isibindi bamukele ukuthi bahlulekile bese bephindela ekhaya beyobhekana nehlazo nokululazeka.

Umuntu owaba naleso sibindi u-Allan, wasePhilippines. Wathola umsebenzi omuhle eSpain, kodwa ngemva kwezinyanga ezingu-18 waphindela ekhaya. Uthi: “Ngangimkhumbula kakhulu umkami nendodakazi yami encane. Nganquma ukuthi ngeke ngiphinde ngisebenze kwelinye izwe ngaphandle uma ngizohamba nomndeni wami. Yilokho esagcina sikwenzile. Umndeni ubaluleke kakhulu kunemali.”

UPatricia wathola ukuthi kunokunye okubaluleke kakhulu kunemali. Wafika eSpain ephethe ‘iTestamente Elisha,’ noma imiBhalo YamaKristu YesiGreki. Wathi: “Le ncwadi ngangiyibheka njengekhubalo. Ngabe sengihlangana nowesifazane ongomunye woFakazi BakaJehova. Ngaphambi kwalokho ngangingathandi ukuxoxa nabantu bale nkolo. Ngakho ngambuza imibuzo eminingi lo Fakazi ukuze ngibonise ukuthi izinkolelo zakhe ziyiphutha. Nokho, ngokuphambene nalokho engangikucabanga, wakwazi ukuvikela izinkolelo zakhe futhi waphendula imibuzo yami ngeBhayibheli.”

Lokho uPatricia akuzwa kwamfundisa ukuthi injabulo ehlala njalo nethemba eliqinisekile ngekusasa akuxhomekile ekutheni uhlalaphi noma unamalini kodwa ekwazini uNkulunkulu nenjongo yakhe ngathi. (Johane 17:3) Phakathi kokunye, uPatricia wafunda ukuthi uNkulunkulu weqiniso unegama—uJehova. (IHubo 83:18) EBhayibhelini wafunda nokuthi uNkulunkulu maduze uzoqeda bonke ubumpofu esebenzisa uhulumeni wakhe wasezulwini olawulwa uJesu Kristu. (Daniyeli 7:13, 14) IHubo 72:12, 14 lithi uJesu ‘uyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Uyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.’

Sicela uzinike isikhathi uhlole iBhayibheli. Le ncwadi enokuhlakanipha kukaNkulunkulu ingakusiza ukuba uqonde ukuthi iziphi izinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwakho, wenze izinqumo ezihlakaniphile futhi ubukhuthazelele ngenjabulo nangethemba noma yibuphi ubunzima obhekene nabo.—IzAga 2:6-9, 20, 21.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela