Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/13 kk. 14-15
  • Impilo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Impilo
  • I-Phaphama!—2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe uNkulunkulu unendaba nokuthi siyiphatha kanjani imizimba yethu?
  • NgokweBhayibheli, kungani sigula?
  • Ingabe iBhayibheli alikukhuthazi ukusetshenziswa kwemithi yokwelapha?
  • Impilo Ephelele Kubo Bonke
    I-Phaphama!—1995
  • Lapho Ukugula Kungasekho!
    I-Phaphama!—2007
  • Londoloza Umbono OngokomBhalo Ngokunakekela Impilo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Londoloza Ukholo Lwakho Nempilo Engokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 4/13 kk. 14-15

UMBONO WEBHAYIBHELI

Impilo

Ingabe uNkulunkulu unendaba nokuthi siyiphatha kanjani imizimba yethu?

“Ungabi phakathi kwezinseli zewayini, phakathi kwamakloza.”—IzAga 23:20.

KUNGANI KUNENDABA?

IBhayibheli aliyona incwadi yezempilo; futhi alilawuli zonke izici zokuziphatha kwabantu. Noma kunjalo, uyozuza ngokuqonda umbono kaNkulunkulu ngempilo njengoba uvezwe kulo.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Ziningi izingxenye zeBhayibheli ezinikeza umbono wokuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngendlela esiphatha ngayo imizimba yethu. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liyakulahla ukweqisa, okuhlanganisa ukudakwa nokuminza. (IzAga 23:20) UMthetho uNkulunkulu ayewunikeze u-Israyeli wasendulo wawuhlanganisa nezinyathelo ezazizonqanda ukusabalala kwezifo futhi kwezinye izimo zizivimbele. Lo Mthetho wawuphinde ube nezimiso eziqondile zokuphepha ezazivikela abantu ekulimaleni. (Duteronomi 22:8) Kusobala ukuthi, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba siyinakekele imizimba yethu futhi sithathe izinyathelo ezifanele zokuvikela impilo yethu.

NgokweBhayibheli, kungani sigula?

“Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono.”—Roma 5:12.

OKUSHIWO ABANTU

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukugula kumane nje kuwumphumela wenqubo yokuziphendukela kwemvelo. Abanye bakholelwa ukuthi amandla athile angabonakali, njengemimoya emibi, yiwona ayizimbangela zezinkinga zempilo yethu.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

NgokweBhayibheli, sigula ngenxa yokuthi abantu bokuqala bahlubuka kuNkulunkulu. (Roma 5:12) Ngesikhathi bengakahlubuki, abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, babenempilo ephelele. Babazi ukuthi bazokufa uma bephuma ngaphansi kokunakekela kukaNkulunkulu kothando. (Genesise 2:16, 17) Noma kunjalo, bakhetha ukubuqeda ngamabomu ubuhlobo babo naye futhi balahlekelwa ukuphelela.a

Ukungapheleli kwabazali bethu bokuqala abayizihlubuki kwadlulela nakithi. Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi imiphi imizamo eyenziwayo ukuze kuqedwe izifo kubantu, sisagula.

YINI ONGAYENZA?

IBhayibheli lifundisa ukuthi uma ubuyisana noNkulunkulu ngokulalela izimiso zakhe ezihlakaniphile, uyoyijabulela impilo ephelele ekugcineni emhlabeni oyipharadesi. (Isaya 33:24) UNkulunkulu uthembisa ukuthi uyoqeda ubuhlungu, ukugula nokufa.—IsAmbulo 21:3, 4.

Ingabe iBhayibheli alikukhuthazi ukusetshenziswa kwemithi yokwelapha?

“Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.”—Mathewu 9:12.

OKUSHIWO ABANTU

Abanye abantu bakhuthaza ukuphulukiswa (okwaziwa nangokuthi ukuthandazelwa) kunokusebenzisa imithi yokwelapha.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UNkulunkulu wabavumela abezokwelapha phakathi kwabantu bakhe ngezikhathi zeBhayibheli. (Genesise 38:28; Kolose 4:14) EBhayibhelini, akukho lutho olubonisa ukuthi uNkulunkulu wayengajabuli ngokusebenzisa kwabo amakhambi, imithi yokugcoba, indlela yokudla ehambisana nempilo, ngisho nezinye izindlela zokwelapha. Empeleni, uJesu waphawula ukuthi, “abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.”—Mathewu 9:12.

Nokho, iBhayibheli alikutusi ukwenza noma yini ukuze nje ube nempilo enhle. Ngokwesibonelo, iBhayibheli aliyivumeli indlela yanamuhla yokwelashwa ngokuthandazelwa. Kanti nokwelashwa okuhilela ukusebenzelana nemimoya, akakuvumeli uNkulunkulu. (Galathiya 5:19-21) Ngaphandle kokugwema imikhuba elahlwa iBhayibheli, kuwukuhlakanipha ukusheshe uthole ukwelashwa okufanele, uma kutholakala.

a Kulesi sihloko, sisebenzise amagama athi “okuphelele” nelithi “ukuphelela” ukuze sibhekisele esimweni sempilo uNkulunkulu ayedale abantu bokuqala benaso, esasingonakalisiwe ukugula, izifo nokufa.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela