Lapho Ukugula Kungasekho!
AABANTU abaningi banethemba lokuthi bayothola impumuzo ebuhlungwini nasekuguleni ekuphileni kwabo kwasezulwini ngemva kokufa. Nokho, ngokuphambene nenkolelo evamile, ithemba lesintu sisonke elithenjiswa yiBhayibheli ngempela, liwukuphila epharadesi lasemhlabeni. (IHubo 37:11; 115:16) Leli kusasa esilithenjisiwe lihlanganisa impilo enhle, injabulo, nokuphila okuphakade.
Kungani sigula futhi sifa? Futhi kuyokwenzeka kanjani ukuba kube khona umhlaba ongenakho ukugula? IBhayibheli liyayiphendula leyo mibuzo.
◼ Imbangela yangempela yokugula U-Adamu no-Eva, abazali bethu bokuqala badalwa benemizimba ephelele. (Genesise 1:31; Duteronomi 32:4) Babedalelwe ukuba baphile phakade emhlabeni. Indaba yonakala ngesikhathi bekhetha ukuhlubuka uNkulunkulu futhi imizimba yabo yaqala ukungenwa yizifo. (Genesise 3:17-19) Ngokwenqaba igunya likaNkulunkulu, banqamula ubuhlobo babo noMdali, uMthombo wokuphila kwabo okuphelele. Abazange besaba abaphelele. Ngenxa yalokho bagula futhi bafa, njengoba nje uNkulunkulu ayexwayisile.—Genesise 2:16, 17; 5:5.
Ngemva kokuhlubuka kwabo u-Adamu no-Eva babengadlulisela ukungapheleli kuphela ezinganeni zabo. (Roma 5:12) Njengoba kubonisiwe esihlokweni esandulele, ososayensi namuhla bayabona ukuthi kunezinto eziyimbangela yezinkinga ezizuzwa njengefa ezinomthelela ekuguleni nasekufeni. Ngemva kokucwaninga kanzulu, iqembu lososayensi muva nje liphethe ngokuthi: “Kuyiqiniso elingenakuphikwa lesayensi yezinto eziphilayo ukuthi uma nje ukuphila sekuqalile, umzimba uqala inqubo engenakugwenywa yokuziwohloza ngokwawo.”
◼ Hhayi ngomzamo wabantu Isayensi ifinyelela izinto ezibabazekayo ekulweni nokugula. Kodwa imbangela yezifo iye yaba yinkimbinkimbi isayensi engenakuyixazulula. Lokhu akusona isimanga kubafundi beBhayibheli abajwayelene namazwi kaNkulunkulu aphefumulelwe: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa.”—IHubo 146:3.
Nokho, njengoba iBhayibheli lisho, “izinto ezingenakwenzeka kubantu zingenzeka kuNkulunkulu.” (Luka 18:27) UJehova uNkulunkulu angayiqeda imbangela yokugula. Uyophulukisa zonke izifo zethu. (IHubo 103:3) IZwi lakhe eliphefumulelwe liyathembisa: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
◼ Okufanele ukwenze UJesu Kristu wakuchaza ngokuqondile lokho okufanele sikwenze ukuze sijabulele umhlaba ongenakho ukugula esikhathini esizayo. Wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Ulwazi ngoNkulunkulu nezimfundiso zikaJesu iNdodana yakhe, lutholakala eBhayibhelini. Ulwazi olunjalo luhlanganisa izeluleko ezisebenzayo ezingathuthukisa ukuphila kwakho manje. Kodwa ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uthembisa abakhulekeli bakhe abamlalelayo umhlaba ongenabo ubuhlungu. Yebo, uNkulunkulu ufuna ukukunikeza ikusasa lapho engekho “ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula’”!—Isaya 33:24.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 11]
Umbono Olinganiselayo Ngempilo
IBhayibheli likhuthaza inhlonipho ngokuphila. OFakazi BakaJehova babonisa inhlonipho enjalo ngokuzama ngakho konke okusemandleni abo ukunakekela impilo yabo. Bayayigwema imikhuba eyingozi, efana nokusebenzisa kabi izidakamizwa nokubhema ugwayi. UNkulunkulu ulindele ukuba izikhonzi zakhe zilinganisele emikhubeni yazo yokudla neyokuphuza. (IzAga 23:20; Thithu 2:2, 3) Izinyathelo ezinjalo ezisebenzayo kanye nokuphumula ngokwanele nokuvivinya umzimba zingabambezela noma zivimbele izifo eziningi ezingokomzimba. Labo abagulayo bangase badinge usizo olunokwethenjelwa lochwepheshe bezempilo.
IBhayibheli likhuthaza ukulinganisela ‘nokuhluzeka kwengqondo.’ (Thithu 2:12; Filipi 4:5) Iningi namuhla lintula ukulinganisela futhi likhathazeka ngokweqile ngokufuna amakhambi ezokwelashwa, ngisho nalapho lokhu sekulilimaza ngokomoya. Abanye bazama nezindlela zokwelapha ezisolekayo ezingaba yingozi. Abanye basaphaza imali nesikhathi ezindleleni zokwelapha nasemakhambini angasizi ngalutho mhlawumbe nayingozi.
Iqiniso liwukuthi impilo ephelele ayinakutholakala manje. Njengoba usalindele ikusasa elingenakho ukugula, ukuhlakanipha nokuhluzeka okutholakala eBhayibhelini kungakusiza ukuba ulondoloze ukulinganisela ekufuneni impilo enhle.