Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/14 k. 3
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • E-United States
  • E-Italy
  • EMalaysia
  • E-Afrika
  • E-Australia
  • Imvu Yamanzi Nebhizinisi Lezidakamizwa
    I-Phaphama!—1990
  • Intuthuko Ekulweni Nengculaza
    I-Phaphama!—2004
  • Ikhambi Lengculaza—Lidingeka Ngokuphuthumayo!
    I-Phaphama!—2004
  • Izifo Ezithathelwanayo—Ziyinhlekelele Kodwa Zingavinjelwa
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 2/14 k. 3

UKUBUKA OKWEZWE

E-United States

“Umuntu obhemayo ufaka umqashi wakhe ezindlekweni. . . ezithe xaxa ngamarandi angu-57 520 ngonyaka uma eqhathaniswa nongabhemi,” kubika i-New York Times. Ngokwemininingwane eyaqoqwa abacwaningi e-Ohio State University, lezi zindleko ezengeziwe zibangelwa ukuthatha ikhefu lokuyobhema, izindleko ezinkulu zezempilo kanye nokuphutha emsebenzini. Okunye okunomthelela ukungakhiqizi ngokwanele emsebenzini, cishe ngenxa yemiphumela yokuba umlutha kagwayi.

E-Italy

“Abefundisi kanye namalungu esonto abenzi ngokuvumelana nalokho abakushoyo futhi lokhu kudicilela phansi isithunzi seSonto.”​—uPope Francis.

EMalaysia

Iziphathi-mandla zaseMalaysia zavumbulula amazinyo endlovu ayeshushumbiswa angamathani angu-24​—amazinyo endlovu angaphezu kwenkulungwane​—efihlwe emabhokisi amabili emkhunjini. Abezemvelo bathi akukaze kubanjwe amazinyo endlovu amaningi kangaka. La mazinyo endlovu ayesuswa eTogo ethunyelwa eChina.

E-Afrika

Ngokombiko we-World Health Organization wango-2012, ukufa kwabantu abangamaphesenti angu-63 kwabangelwa izifo ezithathelwanayo, ikakhulukazi ingculaza nesandulela sayo, isifo sohudo, umalaleveva, isifo sofuba nezifo eziphatha abantwana.

E-Australia

Imidlalo elingisa ukugembula etholakala komakhalekhukhwini besimanje-manje neminye imishini yobuchwepheshe iye yaba undab’ uzekwayo kubantwana. Eminye yale midlalo ifana nemidlalo etholakala ngokoqobo ezindaweni zokugembula kodwa kulula ukuyidlala. Umbiko kahulumeni waxwayisa ngokuthi le midlalo ingenza izingane zibheke ukugembula njengokusemthethweni “futhi ngokuhamba kwesikhathini kuzenze zibe nenkinga yokugembula.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela