Imvu Yamanzi Nebhizinisi Lezidakamizwa
BEKUNGABA nzima ukucabanga ngezilwane ezincelisayo ezimbili ezinkulu ezihluke ukwedlula imvu yamanzi (walrus) nendlovu. Kodwa lezizimvu zamanzi eziyizizemazema, ezivilaphayo ezidindilize phezu kwezigaxa zeqhwa loLwandle iBering zinenkinga efana neyozulane abazigqajayo basehlane laseAfrika: Ezinakho okuyigugu kakhulu ngokuvamile kusho ukufa kwazo ngokuzumayo. Zombili zinamazinyo.
Mhlawumbe ngisho nangaphezu kwendlovu, imvu yamanzi iphila ngamazinyo ayo. Lapho itshuzela phansi kolwandle, iqhwanda amaclam namaoyster (izinkumba zasemanzini) ngamazinyo ayo. Uma ifuna ukugibela phezu kwesigaxa seqhwa ukuze ithamele ilanga, isebenzisa amazinyo ayo njengamahhuku okubambelela ukuze idonse isisindo sayo esingamakhilogremu angama-900 kuya kwayi-1 400 emanzini. Imvu yamanzi engumama isebenzisa amazinyo ayo ukuze ilwele ukufa nokuphila nanoma imuphi umhlaseli osongela amazinyane ayo.
Kodwa kuyadabukisa ngemvu yamanzi ukuthi, nabantu babheke amazinyo ayo njengayigugu. Umuntu ulinxanela ngokungapheli izinyo lemvu yamanzi. Futhi imvu yamanzi engamamitha ama-3 noma ama-4 ubude ezineke elangeni lasearctic ayisona isisulu okunzima ngomuntu ophethe isibhamu esiwuntuluntulu ukuba asithole. Ngakho akukhona okungavamile ngabanye baseAlaska ukuba behle benyuka oLwandle iBering ngezikebhe ezincane, babulale lezilwane nomaphi lapho behlangana nazo khona, futhi baphindele ekhaya ngesikebhe esigcwele amakhanda anamazinyo, anqunywe ngesaha.
Kuze kube manje lendaba izwakala ivame kakhulu, kodwa manje isishintshe ngendlela engavamile: izidakamizwa. Kubonakala sengathi amaEskimo asemasha aseAlaska, asebenzisa amazinyo emvu yamanzi ukuze akhokhele ukuluthwa kwawo izidakamizwa. Futhi njengoba umagazini iNewsweek uphawula: “Inani lokwenana lishibhe ngokushaqisayo.” Ummeleli okhethekile weU.S. Fish and Wildlife Service watshela lowomagazini ukuthi abathengisi bomshoshaphansi bangathenga amazinyo amabili—abiza imali engango-R2 100—ngemicu eyisithupha yensangu.
Umthetho unikeza abazingeli isivikelo esikhulu kunokuzingelwayo. Uvumela abomdabu baseAlaska ukuba bazingele izimvu zamanzi ngenxa yokudla abakuthola kuzo. Yebo, bangawagcina amazinyo njengomkhiqizo oseceleni ukuze bawasebenzisele ekwakheni imisebenzi yezandla yomdabu. Lomthetho uzwakala ulungile, kodwa uyisiphephelo salabo abangenandaba. Abanye abathengisi beivory abangebona abomdabu baye bahlala ndawonye nabesifazane abangamaEskimo ukuze nje bakwazi ukuthi inqwaba yabo yamazinyo emvu yamanzi ibekelwe ezobungcweti zomdabu.
Njengoba ukubulala kuqhubeka, ukukhathazeka kuyanda. Labo abazingela izimvu zamanzi ngokusemthethweni nalabo eqinisweni abasebenzisa i-ivory emisebenzini yezandla banomuzwa wokuthi indlela abaziphilisa ngayo iyasongelwa. AmaEskimo asekhulile athola inhlupho eqalayo yokuluthwa izidakamizwa phakathi kwentsha yawo ishaqisa. Futhi kuthiwani ngezimvu zamanzi? Kuseneziyizi-250 000 zazo ePacific, ngakho azibhekwa njengezisengozini. Kodwa izidumbu zazo ezingenamakhanda zikhukhulekela ogwini ngamakhulu. Eziningi kakhulu ziye zakhukhulekela ezingwini zaseSiberia kangangokuthi iSoviet Union iye yanxusa iUnited States ukuba iyeke lokho kubulala. Kodwa imvu yamanzi iyolondolozeka ekuqothulweni isikhathi eside kangakanani lapho amazinyo ayo esho imali kwabanobugovu nezidakamizwa ngalabo abonakele?
[Imithombo Yezithombe ekhasini 31]
H. Armstrong Roberts