UKUBUKA OKWEZWE
ENingizimu-mpumalanga Ye-Asia
Ngokwenhlangano i-World Wildlife Fund, phakathi kuka-1997 no-2011, kwatholakala izinhlobo eziningi zezitshalo nezilwane ezazingaziwa ezihlanganisa inyoka enobuthi namehlo abomvu (Trimeresurus rubeus), eGreat Mekong, okuyindawo ehlanganisa iCambodia, iLaos, iMyanmar, iThailand, iVietnam nesifundazwe saseYunnan, eChina. Ezinhlotsheni ezatholakala ngo-2011 nje kuphela, kwakunezitshalo ezingu-82, izilwane ezihuquzelayo ezingu-21, izinhlanzi ezingu-13, izinhlobo ezinhlanu zezilwane ezikwazi ukuphila ezweni nasemanzini kanye nezinhlobo ezinhlanu ezincelisayo.
EYurophu
Ngokombiko we-Moscow Times, ukushushumbiswa kwabantu sekuyinkinga enkulu kuyo yonke indawo yaseYurophu. Abantu bathengiswa ngenjongo yokuxhashazwa ngokocansi, ukwenziwa izigqila ngisho “nokuthengiswa kwezitho zomzimba ngokungemthetho.” Abashushumbisi basizakala ngokuba mpofu kwabo, ukuntula imisebenzi nokungalingani ngokobulili.
ENew Zealand
Abacwaningi abahlole ukubukwa kwe-TV yizingane nentsha, bathole ukuthi ukubuka i-TV ngokweqile “kuhlotshaniswa nokwanda komkhuba wokuzihlukanisa kwezingane lapho seziba abantu abadala.” Laba bacwaningi bathi, abakutholile kusekela ukusikisela kokuthi izingane “akufanele zibukele izinhlelo ze-TV ngaphezu kwesikhathi esingangehora kuya emahoreni amabili ngosuku.”
E-Alaska
Cishe yonke “imizi ehlala Abantu BoMdabu Base-Alaska,” ingasogwini noma eduze kwemifula futhi amaphesenti angu-86 ale mizi ahlaselwa yizikhukhula nokuguguleka kwenhlabathi. Imibiko ibonisa ukuthi ukuphakama kwamazinga okushisa kwenza iqhwa elivikela ugu lingakheki ngokushesha, okubangela ukuba le mizi ihlaselwe kalula yiziphepho zasentwasahlobo.
Amazwe Omhlaba
UMaria van der Hoeven, ongumqondisi we-International Energy Agency uthi: Naphezu kwezindleko ezinkulu ezichithwa ezintweni zobuchwepheshe zokuphehla amandla kagesi ahlanzekile, njengomoya nogesi welanga, “izinga lokungcola okukhishwa yilezi zinto, lisenjengoba lalinjalo eminyakeni engu-20 edlule.”