Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/14 kk. 8-9
  • Indlela Yokuthi Cha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuthi Cha
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • Indlela Yokuvikela Abantwana Bakho
    I-Phaphama!—2007
  • Qeqesha Ingane Yakho Ukuba Ibe Nokuzinikela KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • USIZO LOMKHAYA | UKUKHULISA IZINGANE
    I-Phaphama!—2015
  • Bazali, Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 8/14 kk. 8-9
Umfanyana uzama ukuthatha ithoyizi eshalofini lasesitolo kodwa uyise uyamenqabela

USIZO LOMKHAYA | UKUBA UMZALI

Indlela Yokuthi Cha

INSELELE

Ingane yakho ifuna izinto ngenkani. Noma nini lapho uthi cha, ukuba luhlaza kwayo kuvivinya ukubekezela kwakho. Okushoyo nokwenzayo akuyenzi izole, ugcina usubona ukuthi ayikho enye indlela kodwa kufanele uyivumele. Ngenxa yokuthi usukhathele ukuthi cha enganeni yakho, uyaphoqeleka ukuba ugcine uvumile.

Ungawunqoba lo mshikashika. Nokho, okokuqala, cabangela izizathu ezikwenza ungavumi.

OKUFANELE UKWAZI

Ukuthi cha akusona isihluku. Abanye abazali abavumelani nalokhu, bangase bathi kufanele ubonisane nengane yakho, ungeneke, noma nize nibonisane ngisho nokubonisana. Kodwa bathi kugweme ukuthi cha ukuze ingane yakho ingakucasukeli.

Yiqiniso, izwi elithi “cha” lingaqale liyidumaze ingane yakho. Noma kunjalo, liyifundisa isifundo esibalulekile sokuthi ekuphileni, abantu kumelwe balawulwe imingcele ethile. Ngakolunye uhlangothi, ukuba uvuma zonke kulenza libe buthaka igunya lakho njengomzali, futhi kufundisa ingane ukuba ikulawule ngokuvele iklabalase njalo lapho ifuna okuthile. Ngokuhamba kwesikhathi, indlela osabela ngayo ingase iyicasule ingane. Kakade, ingane ingamhlonipha kanjani umzali onguvuma zonke?

Ukuthi cha kwakho kulungiselela ingane yakho isikhathi sobusha nesokuba umuntu omdala. Kuyifundisa izinzuzo zokuzithiba. Ingane ethola leso sifundo esibalulekile, cishe ayoba mancane amathuba okuba ivumele ukucindezela kokuba isebenzise izidakamizwa noma iye ocansini ngaphambi komshado phakathi neminyaka yokukhula.

Ukuthi cha kunikeza ingane nokuqeqeshwa okuyoyisiza lapho isikhulile. UDavid Walsh ongudokotela uyabhala, “Iqiniso liwukuthi, thina [bantu abadala] asikutholi ngaso sonke isikhathi esikufunayo. Asizisizi ngalutho izingane zethu uma sizifundisa ukuthi ngaso sonke isikhathi ziyothola noma yini eziyifunayo kuleli zwe.”a

ONGAKWENZA

Gxila emgomweni wakho. Ufuna ukuba ingane yakho ivuthwe, ikwazi ukulawula kahle imizwelo yayo, futhi ibe umuntu omdala okwazi ukuzimela. Kodwa wenza ngokuphambene nalowo mgomo uma uyinika konke ekufunayo. IBhayibheli lithi uma umuntu ‘etotoswa kusukela ebusheni kuqhubeke, ekuphileni kwakhe kwakamuva uyoba ngongabongiyo.’ (IzAga 29:21) Ngakho ukuthi cha, kungenye yezindlela ezinhle kakhulu zokuyala. Ukuqeqeshwa okunjalo kuyoyisiza ingane, ngeke kuyilimaze.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 19:18.

Qina lapho uthi cha. Ingane yakho ayiyena untanga yakho. Ngakho asikho isidingo sokuba niqophisane uma usuthe cha, njengokungathi ngandlela thile udinga imvume yayo. Yiqiniso, njengoba izingane zikhula kudingeka ‘amandla azo okuqonda aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Ngakho akukubi ukubonisana nengane. Noma kunjalo, gwema ukuzithola usuqagulisana nezingane ezincane ngokuthi kungani uthe cha. Ukuqhubeka kwakho uqophisana nengane ngamazwi, kwenza ucha wakho azwakale njengombuzo kunokuba abe yisinqumo.—Isimiso seBhayibheli: Efesu 6:1.

Namathela esinqumweni sakho. Ingane ingase ikuvivinye ukuzimisela kwakho ukunamathela esinqumweni ngokuvele iklabalase noma ikuncenge. Uma lokho kwenzeka ekhaya, yini ongayenza? Incwadi ethi Loving Without Spoiling ithi: “Mshayise ngomoya umntwana. Mtshele ukuthi, ‘Uma uzwa kuthi banga umsindo, kulungile, kodwa mina angifuni ukuwuzwa. Kuzomelwe uye ekamelweni lakho, ukhalele khona uze uqede.’” Kungase kube nzima ekuqaleni ukuthatha lesi sinyathelo esiqinile, nengane ingase ikuthole kunzima ukusamukela. Kodwa cishe izinga lokugoloza kwayo liyoya ngokuya lincipha njengoba ibona ukuthi umile esinqumweni sakho.—Isimiso seBhayibheli: Jakobe 5:12.

Gwema ukuthi cha, ngenjongo nje yokuveza ukuthi nguwe onegunya

Cabangela. Gwema ukuthi cha, ngenjongo nje yokuveza ukuthi nguwe onegunya. Kunalokho, ‘ukucabangela kwakho makwaziwe.’ (Filipi 4:5) Zikhona izikhathi ongayivumela ngazo ingane—inqobo nje uma kungekhona ukuthi uvuma ngoba uphoqwa ukuklabalasa, futhi isicelo sengane yakho sizwakala.—Isimiso seBhayibheli: Kolose 3:21.

a Ucashunwe encwadini ethi No: Why Kids—of All Ages—Need to Hear It and Ways Parents Can Say It.

IMIBHALO EYISIHLUTHULELO

  • “Yishaye indodana yakho lisekhona ithemba.”—IzAga 19:18.

  • “Bantwana, lalelani abazali benu.”—Efesu 6:1.

  • “U-Yebo wenu makasho uYebo, no-Cha wenu, uCha.”—Jakobe 5:12.

  • “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”—Kolose 3:21.

UKUBALULEKA KOKUTHI CHA

“Kungokwemvelo kithi ukufuna ukugcina abantwana bethu bejabule futhi bemomotheka. Kodwa uyazi ukuthini? Uma kungenzeki nhlobo ukuba abantwana bethu bathukuthele, bakhungatheke noma badumale, lokho kungasibonisa ukuthi asiwenzi umsebenzi wethu njengabazali. Abantwana bakho bayokwazi kanjani ukubhekana nokukhungatheka nokudumazeka uma bengalitholi ithuba lokukufunda? Abantwana bakho bayokwazi kanjani ukuzikhuza uma ungabafundisi? Kuwumsebenzi wakho ukufundisa lezi zifundo ezibalulekile, ngokuthi cha.”—UDkt. David Walsh.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela