Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/14 kk. 10-11
  • “Qaphelisisani Izinyoni”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Qaphelisisani Izinyoni”
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqaphela Izinyoni Ngezikhathi ZeBhayibheli
  • Ukubuka Izinyoni—Ingabe Kuwukuzilibazisa Okuthandwa Yibo Bonke Abantu?
    I-Phaphama!—1998
  • Lapho Izinyoni Zishayeka Ezakhiweni
    I-Phaphama!—2009
  • Ukuphenya Izimfihlakalo Zokufuduka
    I-Phaphama!—1995
  • Izifundo Esizithola Ezinyonini Zezulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 8/14 kk. 10-11
Inyoni

“Qaphelisisani Izinyoni”

IZINYONI zitholakala kuwo wonke umhlaba futhi ziphakathi kwezidalwa okulula ukuzibuka. Ngaphezu kwalokho, ukwakheka kwazo okunhlobonhlobo, imibala yazo, ukucula kwazo, izenzo zazo ezihlekisayo neminye imikhuba yazo kwenza ukuzibuka kube yinto ejabulisayo nenomvuzo.

Ihlokohloko

Ihlokohloko

Ungakwazi ngisho nokubuka indlela yokuphila yenyoni uzihlalele nje ekhaya: inkankane liqhwanda imisundu, iqola lizingela izinambuzane, ijuba leshela elensikazi, inkonjane yakha isidleke sayo ngokuzikhandla noma iphothwe lipha amaphuphu alo alambile ukudla.

Impangele

Ezinye izinyoni zikuhlaba umxhwele—njengezinkozi, oheshe kanye nomathebathebana—njengoba zizulazula esibhakabhakeni. Ezinye ziyahlekisa: ondlunkulu bebangisana ngobala lokudla, ijuba leduna lifutha isifuba salo lizama ukudlisela kwelensikazi elibonakala lingenandaba, noma iqembu lopholi abanombala obomvana nompunga betshiyoza belenga ezintanjeni zikagesi amakhanda ebheke phansi ngenxa yokwehluleka ukuhlala phezu kwazo. Ezinye zikushiya ubambe ongezansi, njengonogolantethe abadlula phezu kwekhanda lakho njengoba befuduka, ogilonko kanye namadada. Ngempela, sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu bebona lezi zinyoni zifuduka, zibashiya bekhexile ngekhono lazo lokuhamba amabanga amade ngaphandle kokulahleka. Eqinisweni, uMdali ngokwakhe wathi: “Nonogolantethe emazulwini—uzazi kahle izikhathi zakhe ezimisiwe; nehobhe nehlolamvula nephothwe—yileyo naleyo isigcina kahle isikhathi sokungena kwayo.”—Jeremiya 8:7.

Ukuqaphela Izinyoni Ngezikhathi ZeBhayibheli

IBhayibheli likhuluma kakhulu ngezinyoni, ngokuvamile ukuze lisifundise izifundo ezibalulekile. Ngokwesibonelo, ngokuphathelene nentshe nejubane layo elimangalisayo, uNkulunkulu wathi kuJobe: “Ngesikhathi ibhakuzisa amaphiko ayo phezulu, iyalihleka ihhashi nomgibeli walo.”a (Jobe 39:13, 18) UNkulunkulu wabuye wabuza uJobe lo mbuzo: “Ingabe ngukuqonda kwakho okwenza uheshe andizele phezulu, . . . noma ingabe ukhozi luyalwa nguwe ukuba lundizele phezulu.” (Jobe 39:26, 27) Siyini isifundo? Izinyoni ziyenza ngaphandle kosizo lwethu imigilingwane yazo. Amakhono azo awubufakazi bokuhlakanipha kukaNkulunkulu, hhayi okwethu.

INkosi uSolomoni yabhala ‘ngezwi lehobhe,’ elenanela ukufika kwentwasahlobo. (IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:12) Umhubi wakhuluma ngenkonjane lapho ebhala ngokulangazelela kwakhe ukukhonza uNkulunkulu ethempelini. Njengokungathi uyahala, wathi: “Ngisho nenyoni ngokwayo itholé indlu, nenkonjane izitholele isidleke, lapho ibeké khona amaphuphu ayo—i-altare lakho elikhulu, Jehova wamabutho.”—IHubo 84:1-3.

“UYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?”—Mathewu 6:26

Omunye owakhuluma kahle kakhulu ngezinyoni, nguJesu Kristu. Cabanga ngala mazwi atholakala kuMathewu 6:26: “Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?” Lowo mfanekiso othinta inhliziyo uqinisekisa abalandeli bakaJesu ukuthi bayigugu kuNkulunkulu futhi akudingeki nhlobo bakhathazeke ngokuthola izidingo zokuphila.—Mathewu 6:31-33.

Namuhla, ukubuka izinyoni kuyindlela yokuzilibazisa ethandwayo—futhi lokho kuyaqondakala, ngoba izinyoni ziyasimangaza ngemikhuba yazo ehlekisayo, ubuhle bazo, imikhuba yazo yokushelana kanye nomculo wazo. Ngaphezu kwalokho, zingafundisa umuntu ozibukayo ocabangisisayo izifundo eziwusizo ngokuphila. Ingabe ‘uzoziqaphelisisa izinyoni’?

a Intshe inyoni enkulu kunazo zonke kwezikhona emhlabeni futhi igijima ngaphezu kwanoma iyiphi enye inyoni, ikwazi ukufinyelela isivinini esingamakhilomitha angu-72 ngehora uma igijima ibanga elifushane.

Uyafuna Yini Ukukhanga Izinyoni Zize Engadini Yakho?

Isiqophamithi esimibalabala

Isiqophamithi esimibalabala

Izinyoni zikhangwa yilezi zinto ezilandelayo:

  • Indawo yokukhosela Izihlahla namahlokozi ziyizindawo ezikahle lapho izinyoni zingaphumula khona ngokuphephile futhi zizicwale.

  • Ukudla Izihlahla ezinkulu nezihlahlana eziminyene, ikakhulukazi eziwuhlobo lwemvelo kuleyo ndawo, zinezithelo ezidliwa yizinyoni. Izitsha zokuphakela izinyoni nazo ziyazikhanga izinyoni.

  • Amanzi Izinyoni ziphuza njalo, kanti eziningi ziyakuthanda ukuzicwilisa emanzini.

  • Izindawo zokwakha izidleke Izihlahla, izihlahlana eziminyene, nezindlwana zezinyoni ziyazikhanga izinyoni zasehlathini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela