Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/14 kk. 12-13
  • UWilliam Whiston

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UWilliam Whiston
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IZINKOLELO ZIKAWHISTON
  • “UKUSUKA EKUBENI USAZIWAYO KWEZEMFUNDO KUYA EKUKHISHWENI INYUMBAZANE”
  • UWilliam Whiston—Isihlubuki Noma Isazi Esithembekile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ingabe Uyakhumbula?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2014
  • Ingabe Walotshwa NguJosephus Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 8/14 kk. 12-13
UWilliam Whiston

EZASENDULO

Uwilliam Whiston

UWilliam Whiston wayengusosayensi, isazi sezibalo, umfundisi, umlobi ophumelelayo futhi wayesebenza nososayensi nesazi sezibalo esiyiNgisi uSir Isaac Newton. Ngonyaka ka-1702, wathatha isikhundla sikaNewton sokuba uprofesa wezibalo eNyuvesi yaseCambridge eNgilandi, esibizwa ngokuthi i-Lucasian Professor. Lesi sikhundla siye saphathiswa abanye ongqondongqondo abavelele kwezesayensi nezobuchwepheshe.

UWHISTON waziwa ikakhulu kubafundi beBhayibheli ngokuhumushela kwakhe esiNgisini imibhalo yesazi-mlando esingumJuda sangekhulu lokuqala uFlavius Josephus. Izincwadi ezabhalwa uJosephus zinikeza ukukhanya okukhulu ngomlando wamaJuda kanye nendlela yokuphila kwamaKristu okuqala.

IZINKOLELO ZIKAWHISTON

UWhiston wasebenzisa ukuhlakanipha kwakhe ukuze afunde ngezihloko eziningi, ikakhulukazi ezesayensi nezenkolo. Wayekholelwa ukuthi ukulandisa kweBhayibheli ngendalo kunembile nokuthi imiklamo, ubuhle nokuhleleka okusemvelweni kuwubufakazi bokuthi kunoMklami.

Ngaphezu kwalokho, uWhiston wayekholelwa ukuthi amasonto eLobukholwa ayehlukane aba maqembuqembu ngenxa yokuthi abefundisi babechezukile ezimfundisweni zeBhayibheli, bekhetha izimfundiso ezingasekelwe eBhayibhelini namasiko emikhandlu yesonto kanye nalabo ababizwa ngokuthi oFata.

Ngenxa yokuthi uWhiston wayebheka iBhayibheli njengencwadi eyembula iqiniso ngoNkulunkulu, wayinqaba imfundiso yokuhlushwa phakade esihogweni somlilo. Wayeyibheka njengengenangqondo nenonya, futhi eyibheka njengehlambalaza uNkulunkulu. Nokho, into eyamxabanisa ngempela neziphathimandla zesonto, ukwenqaba kwakhe uZiqu-zintathu, imfundiso echaza uNkulunkulu ngokuthi wakhiwa abantu abathathu abalinganayo futhi abaphila phakade—uBaba, iNdodana noMoya Ongcwele. Nakuba kunjalo, kuthiwa onkulunkulu ababathathu kodwa munye.

“UKUSUKA EKUBENI USAZIWAYO KWEZEMFUNDO KUYA EKUKHISHWENI INYUMBAZANE”

Ngemva kocwaningo olunzulu, uWhiston waphetha ngokuthi amaKristu okuqala awazange ayifundise imfundiso kaZiqu-zintathu, kodwa ngokuhamba kwesikhathi yemukelwa lapho imibono yenkolo yamanga ingena ebuKristwini.a Abangane bakhe bamxwayisa ngokuba yingozi kokushicilela lokho ayekutholile, kodwa uWhiston wayengenakukwazi ukukushalazela lokho ayekubheka njengokuhlanekezelwa kwalokho uJesu ayikho ngempela, okuwukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu futhi wadalwa.

INyuvesi yaseCambridge yayikhipha noma ubani esikhundleni ofundisa imibono engqubuzana nezimfundiso zesonto laseSheshi, okusho ukuthi uWhiston wayengalahlekelwa yisikhundla sakhe. Noma kunjalo, akazange athule—ngokungefani noNewton, naye owayebheka imfundiso kaZiqu-zintathu njengengamanga kodwa owayeyigodla imibono yakhe. UWhiston wabhala: “Azikho nhlobo izifiso zezwe . . . ezizonginqanda.”

Ngenxa yokuthi wenqaba ukuyekethisa ezinkolelweni zakhe, uWhiston “wasuka ekubeni usaziwayo kwezemfundo wagcina esekhishwa inyumbazane”

Ngo-1710, uWhiston waxoshwa eCambridge. Ngenxa yokuthi wenqaba ukuyekethisa ezinkolelweni zakhe, uWhiston “wasuka ekubeni usaziwayo kwezemfundo wagcina esekhishwa inyumbazane.” Ngisho nalokho akuzange kumenze esabe. Empeleni, ngesikhathi emangalelwa ngokuba yimbuka, wabhala uchungechunge lwezihloko ezithi Ukuvuselela UbuKristu Bokuqala (Primitive Christianity Revived)—elithi “bokuqala,” lisho ubuKristu obabuqhutshwa abalandeli bakaJesu bokuqala. Kamuva, uWhiston wasungula iNhlangano Ethuthukisa UbuKristu Bokuqala (Society for Promoting Primitive Christianity), eyayihlangana emzini wakhe eLondon.

Nakuba alahlekelwa yisikhundla sokuba uprofesa futhi wadonsa kanzima ngokwezimali okwesikhashana, uWhiston waqhubeka ebhala futhi efundisa ezitolo okuphuzwa kuzo ikhofi eLondon. Ngo-1737, ukuze asize abantu baqonde indlela amaKristu okuqala ayephila ngayo, wakhipha inguqulo yemibhalo kaJosephus. Isanyatheliswa kuze kube manje.

Ngenxa yokuma kwakhe okunesibindi kodwa okwakungathandwa, abaningi namuhla babheka uWhiston “njengomuntu owayexakile,” kusho umlobi uJames E. Force. Nokho, abanye bambheka njengesazi seBhayibheli, njengomuntu owayeqotho ekufuneni iqiniso lenkolo nanjengendoda eyayizimisele ukuphila ngalokho eyayikukholelwa.

a IBhayibheli likwenza kucace ukuthi unjani uNkulunkulu. Ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa, ngena engosini ethi jw.org/zu. Bheka ngaphansi kwesihlokwana esithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI.

AMAZWIBELA

  • UWilliam Whiston (1667-1752) wayengomunye wabantu ababejwayelene noSir Isaac Newton. UWhiston noNewton babenemibono eminingi efanayo kwezenkolo.

  • Okwesikhathi esithile, uNewton wamsekela kakhulu uWhiston emsebenzini wakhe. Kodwa, kamuva wambandlulula.

  • UWhiston wamangalelwa ngokuba yimbuka kodwa akazange atholakale enecala.

  • “Enye yezimfanelo zikaWhiston ezivelele kwakuwukuba qotho ngokuphelele.”—I-English Versions of the Bible.

Indoda Eyayicabangisisa Engazange Ilandele Iningi

Inguqulo kaWilliam Whiston yemibhalo kaFlavius Josephus

“Uma kuwukuthi abantu bangosuku lwakhe babembona enentshiseko eyeqile ezimisele ngisho nokulahlekelwa isikhundla sakhe ngenxa yalokho ayekukholelwa, uWhiston naye wayebabona bekulungele ngokweqile ukudela noma yini abayikholelwayo ukuze nje bathole isikhundla.”—William Whiston—Honest Newtonian.

“UWhiston wasebenzisa amakhono akhe kwezesayensi ukuze acwaninge, azindle futhi afinyelele iziphetho ezindabeni zenkolo. Izinkolelo zakhe ezimelene nemfundiso kaZiqu-zintathu kanye nenkolelo yakhe ngobuKristu Bokuqala zaziwumphumela wokufunda nokucabanga kanzulu.”—URobert Bruen, oneziqu ze-PhD.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela