Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/15 k. 16
  • UKUBUKA OKWEZWE

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UKUBUKA OKWEZWE
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • E-Australia
  • Ogwadule ISahara
  • Amazwe Omhlaba
  • Liphetheni Ikusasa?
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuncipha Komcebo Womhlaba
    I-Phaphama!—2005
  • Isimiso Sezinto Eziphilayo Esiwubuciko
    I-Phaphama!—2001
  • Siphumelelé Kangakanani Ekongeni Imvelo?
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 6/15 k. 16
[Isithombe ekhasini 16]

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa Imvelo

Nakuba umhlaba ukhiqiza umoya ohlanzekile, ukudla okunomsoco namanzi ahlanzekile, abantu bayaqhubeka bephazamisa lezi zinqubo ezingokwemvelo. Ososayensi bazama kanzima ukuthola isixazululo sale nkinga.

E-Australia

Kulinganiselwa ukuthi angaba ngama-cubic kilometer angu-500 000 amanzi anosawoti omncane atholakala ngaphansi kwesihlabathi solwandle. UVincent Post waseFlinders University e-Adelaide uthi, “Izinga lokuphakama kwamanzi olwandle [lake] laba phansi kakhulu kunalokho eliyikho namuhla,” ngakho ugu seluvuleke kakhulu kunalokho olwaluyikho. Ngaleso sikhathi amanzi emvula “ayengena ngaphansi kwesihlabathi ezindaweni manje esezaba ngaphansi kolwandle.” Ososayensi bethemba ukuthi le mithombo yamanzi engaphansi kwezilwandle ngesinye isikhathi ingase isize abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-700 abangenawo amanzi ahlanzekile anele.

Ogwadule ISahara

Zingaphezu kwesigamu izinhlobo zezilwane ezinkulu ezazitholakala eSahara kodwa esezinyamalele noma esezihlala endaweni eyiphesenti elilodwa lendawo ezazihlala kuyo. Izinkinga zezombangazwe nokuzingelwa okudlangile kumane kuyingxenye yembangela yale nkinga. Nakuba izinhlobo zezinto eziphilayo ezitholakala ezingwadule zithi azilingane nalezo ezitholakala emahlathini, abacwaningi bathi “ukunganakwa kangako kwemvelo yasezingwadule kubonisa ukuntuleka kwezimali ezikhishelwa ukuxhasa ucwaningo olwenziwa kuzo.” Umphumela ube ukuthi kuba nzima ngabavikeli bezemvelo ukuba banake izimiso zezinto eziphilayo ezisengozini yokunyamalala ezingwadule.

Amazwe Omhlaba

Kulinganiselwa ukuthi oyedwa kubantu abangu-8 abafa ngo-2012 wabulawa ukungcola komoya. Ngokwe-World Health Organization, “ukungcola komoya sekuyingozi ehamba phambili empilweni yabantu ebangelwa yimvelo.”

ONGACABANGA NGAKHO: Kungani abantu abasebenza kanzima futhi abanemigomo emihle bengakwazi ukuvimba ukonakaliswa kwemvelo yethu?—Jeremiya 10:23.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela