Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/15 kk. 7-9
  • Ukuphila Ngobumpumputhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila Ngobumpumputhe
  • I-Phaphama!—2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Siza Abayizimpumputhe Bafunde NgoJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Amachashaza Ashintsha Ukuphila
    Indlela Iminikelo Yenu Esetshenziswa Ngayo
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukushumayeza Abantu Abangaboni
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • ULouis Braille—Waletha Ukukhanya Ezigqileni Zobumnyama
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 11/15 kk. 7-9
UPaqui nomyeni wakhe

Ukuphila Ngobumpumputhe

“Ngaqala ukungaboni kahle ngisanda kuzalwa lapho ngifakwa umuthi wamehlo owalimaza amehlo ami. Lapho sengeve eminyakeni eyishumi nambili, ngaba yimpumputhe ngokuphelele futhi ngaba nesifo sokucindezeleka.”​—UPaqui, owesifazane osekhulile onomyeni oyimpumputhe.

UBUMPUMPUTHE noma ukunqundeka kwamehlo kungabangelwa izinto eziningi, ezihlanganisa ukulimala nokugula. Zingathinta amehlo, izinzwa zokubona, noma ingqondo. Abantu abanqundeka amehlo noma babe izimpumputhe bavame ukungakwamukeli kalula, babe lusizi futhi besabe. Nokho, abaningi bayafunda ukubhekana kahle naleso simo futhi baqhubeke bephila ukuphila okwanelisayo.

Ngokuvamile amehlo ethu yiwona ngokuyinhloko asisiza sazi ukuthi kwenzekani ezweni elisizungezile. Ngakho lapho umuntu eba impumputhe, uqala ukuthembela kakhulu kwezinye izinzwa​—inzwa yokuzwa, yokuhogela, yokuthinta neyokunambitha.

Ngokomagazini i-Scientific American, ucwaningo oluphathelene nokusebenza kwezinzwa zobuchopho lusikisela ukuthi ingqondo inekhono lokuzishintsha kuye ngokuthi “isetshenziswa kanjani.” Lo magazini uyenezela, “Kunobufakazi obuningi obubonisa ukuthi lapho inzwa ethile ingalethi ukwaziswa engqondweni, ingqondo iyakwazi ukuzihlela kabusha ukuze ithuthukise ukusebenza kwezinye izinzwa.” Cabanga ngalezi ezilandelayo.

Eyokuzwa: Kusukela emazwini kuye ezigini, imisindo ingakha isithombe engqondweni. Indoda eyimpumputhe okuthiwa uFernando ithi: “Ngiye ngafunda ukwazi nokukhumbula abantu ngamazwi noma ngezigi zabo.” UJuan, naye oyimpumputhe uthi, “Izwi lisiza oyimpumputhe azi ukuthi ubani okhulumayo.” Futhi njengathi sonke, abangaboni bayayinakisisa indlela umuntu akhuluma ngayo, engadlulisela imizwelo ehlukahlukene.

Endlebeni eqeqeshekile yomuntu oyimpumputhe, umsindo uphinde usho lukhulu nangendawo akuyo, kusukela ekutheni izimoto ziya ngakuphi kuye ebubanzini begumbi akulo nokuthi izinto ezingamkhuba zingakuphi.

Eyokuhogela: Inzwa yokuhogela nayo ingaba umthombo ocebile wokwaziswa, kodwa ichaza okungaphezu nje kokuthi iphunga livelaphi. Ngokwesibonelo, lapho umuntu oyimpumputhe ehamba endleleni ethile, inzwa yakhe yokuhogela ingamsiza akhe ibalazwe engqondweni elingahlanganisa izitolo zekhofi, zokudlela, izimakethe nokunye. Yiqiniso, imisindo ayijwayele nayo iyenezela kuleli balazwe, bese kwenezela neminye imininingwane ayithola ngenzwa yokuthinta.

Eyokuthinta: UFrancisco uthi: “Iminwe yami ingamehlo ami.” Ibanga lawo “mehlo” angalifinyelela lingelulwa ngenduku. UManasés, owazalwa eyimpumputhe futhi wafunda ukusebenzisa induku yokuphumputha esemncane wathi, “Ngosizo lwezinye izinzwa, inkumbulo yami kanye nendlela eseceleni komgwaqo engiyizwa ngenduku yami, ngazi kahle ukuthi ngikuphi.”

Umuntu ofunda umagazini INqabayokulinda obhalwe nge-Braille

Ufunda umagazini INqabayokulinda obhalwe nge-Braille

Inzwa yokuthinta iphinde isize abantu abaningi abayizimpumputhe ukuba bafunde izincwadi ze-Braille. Empeleni, kulezi zinsuku akuyona into engavamile ukuba umuntu oyimpumputhe akwazi ukuthola amalungiselelo okuzondla ngokwengqondo nangokomoya. Ngaphandle kwezinto ezibhalwe nge-Braille, la malungiselelo aphinde ahlanganise izinto ezilalelwayo nezinye izinto zobuchwepheshe. Ngosizo lwawo, abayizimpumputhe bangakwazi ukufunda iBhayibheli nezincwadi ezihlukahlukene ezisekelwe kulo.a

Lawo malungiselelo angokomoya aye aba umthombo ongenakuqhathaniswa wenduduzo nethemba kuPaqui nomyeni wakhe okukhulunywe ngabo ekuqaleni. Baye bathola nokusekelwa okuvela emkhayeni omkhulu, ibandla lobuKristu langakubo loFakazi BakaJehova. UPaqui uthi, “Manje sesiyakwazi ukuzenzela izinto eziningi nokuphila ukuphila okwanelisayo.”

Yiqiniso, ukuba impumputhe kunezinselele. Kodwa lapho abantu bebhekana nalezo zinselele futhi baqhubeke bejabulela ukuphila, lokho kuwubufakazi bokuthi umuntu uyakwazi ukuzivumelanisa nezimo nokukhuthazela!

a OFakazi BakaJehova banyathelisa izinsiza-kufunda zeBhayibheli nge-Braille ngezilimi ezingaphezu kuka-25.

Nakuba Ngiyimpumputhe, Ukuphila Kwami Kuyajabulisa

UMarco Antonio nenja yakhe emqondisayo, uDante

UMarco Antonio ungumyeni, ubaba, futhi unebhizinisi abambisene nomunye kulo. Wazalwa eyimpumputhe. Waxoxa ne-Phaphama! ngezinye zezinselele nenjabulo ayitholayo.

Unebhizinisi. Uliqhuba kanjani?

Emsebenzini, ngiphendula imibuzo ngocingo, ngixoxe namakhasimende nabathengisi, ngenze neminye imisebenzi yezimali.

Yini oyenzayo ukuze uzijabulise?

Ngiyawuthanda umculo. Ungenza ngizole. Ngidlala nopiyano, nakuba kuyinselele ngoba angikwazi ukufunda amanothi e-Braille ngesikhathi esifanayo ngibe ngiwudlala ngezandla zombili. Lapho ngiqala ukudlala iculo elithile, ngilifunda ngesandla sami sokudla bese ngidlala upiyano ngesobunxele. Ngiyakuphindaphinda lokhu, ngishintshashintsha izandla. Lapho sengiwazi ngekhanda amanothi, ngibe sengiwudlala ngezandla zombili.

Zikhona izinselele ezikhethekile oke wabhekana nazo?

Lapho ngikhula, abazali bami nabafowethu banginakekela kahle, futhi babengangiphathisi okwempumputhe. Yiqiniso, ngangingqubuzeka futhi ngiwe njengoba kulindelekile, kodwa ngafunda ukwenza izinto eziningi nomuntu obonayo angakwazi ukuzenza. Lapho sengimdala, ukuphela kwento eyayingihlupha ngempela ukuthi ngangingeke ngikwazi ukushayela.

Manje ngishadile futhi ngiwubaba, nginomndeni onothando engiwusekelayo futhi nawo uyangisekela. Inkinga yamehlo ami​—ukuphazamiseka kwenzwa yokubona​—yadlulela nasendodaneni yami engiyithandayo uDavid. Kodwa ngiyazama ukumbekela isibonelo esihle. Ngifuna afunde ukuthi ngokubekezela nokuzimisela angenza izinto eziningi.

Manje usunenja ekuqondisayo. Kungani wakhetha ukuba nayo?

Uma nginoDante​—inja yami​—ngikwazi ukuhamba ngokushesha kakhudlwana futhi ngokuphepha. Uma ngiqala ukuya endaweni ethile, umkami uLoli ongeyona impumputhe, uhamba nami noDante ukuze sifunde indlela. Kona mangisho ukuthi kwakunzima ekuqaleni ukuthemba inja ukuba inakekele ukuphepha kwami. Kodwa uDante ungenze ngamethemba. Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani lapho sikhona, yena ugxila emsebenzini. Kodwa uma ngilikhiphile ibhande lakhe, uziphathisa okwenja evamile.

Njengomunye woFakazi BakaJehova, ukwazi kanjani ukutadisha iBhayibheli?

Lapho zingakabi ziningi izinto zobuchwepheshe ezisiza izimpumputhe, uLoli wayengifundela iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo. Wayengisiza kakhulu. Ngosizo lwakhe ngangikwazi nokubeka izinkulumo emihlanganweni yebandla. Nokho, manje sengiyakwazi ukuzifundela ngoba sengineBhayibheli kanye nezincwadi ezisekelwe kulo ze-Braille. Ngiyakwazi nokungena engosini yoFakazi BakaJehova​—i-jw.org​—lapho ngidawuniloda khona izinto ezilalelwayo. Futhi ngine-screen se-Braille esingisiza ngikwazi ukufunda okubhalwe kuyi-computer yami. Sinamaqhuqhuva aphakamayo abe izinhlamvu ze-Braille. Isimanga sento!

Ilungelo engiye ngalijabulela ngokukhethekile elokusiza ekuguquleni okubhaliwe kube i-Braille egatsheni loFakazi BakaJehova eliseMadrid eSpain. Ukuze bathuthukise izinga lezincwadi ze-Braille, abazenzayo bayakwazisa ukusikisela okuvela kwabayizimpumputhe. Ngakho ngingasho ngobuqotho ukuthi ngizizwa ngithandwa futhi ngaziswa abafowethu nodadewethu abangokomoya.

Ingabe uyakujabulela ukuzihlanganisa nabanye?

Yebo, ikakhulukazi nomndeni wami oseduze nabanye oFakazi, engiphinde ngihambe nabo uma siyoshumayela endlini ngendlu. Abafowethu nodadewethu abangokomoya bangiphatha ngendlela abaphatha ngayo abanye. Eqinisweni, ngezinye izikhathi baze bakhohlwe nokuthi ngiyimpumputhe!

Kumelwe ngisho nokuthi inkonzo ingisiza ngikwazi ukuhlanganyela nabanye ithemba eliyigugu elitholakala eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, ku-Isaya 35:5 sifunda ukuthi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, “amehlo ezimpumputhe ayovulwa.” Ngesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni, waphulukisa izimpumputhe, esinika amazwibela esikhathi esizayo. (Mathewu 15:​30, 31). Ngakho ubumpumputhe buyinkinga yesikhashana njengakho konke ukukhubazeka. EPharadesi elizayo elizoba semhlabeni, akekho oyothi, ‘Ngiyagula noma ngikhubazekile.’​—Isaya 33:24; Luka 23:43.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela